Skip to Content

"isithembiso"

48 occurrences in ZUL

1 kaJohane 2:25

Yilesi isithembiso yena asethembisa sona: ukuphila okuphakade.

2 kaPetru 3:4

bethi: Siphi isithembiso sokufika kwakhe na ? Ngokuba kuselokhu obaba balala, konke kumi kunjalo njengakwasekuqaleni kokudalwa.

2 uSamuweli 15:7

Kwathi ngasekupheleni kweminyaka engamashumi amane u -Abisalomu wathi enkosini : Mangihambe ukugcwalisa isithembiso sami engasethembisa kuJehova eHebroni.

2 uSamuweli 15:8

Ngokuba inceku yakho yenza isithembiso ngisahlezi eGeshuri lase -Aramu sokuthi: U ma uJehova engibuyisela impela eJerusalema , ngiyakumkhonza uJehova.

AmaHubo 132:2

ukuthi wafunga kuJehova , wenza isithembiso kuye onguMninimandla kaJakobe, ethi:

AmaHubo 77:8

Umusa wayo unqamukile njalo yini na ? Isithembiso siphelile yini ezizukulwaneni ngezizukulwane na?

IzEnzo 1:4

kwathi ehlangene nabo , wabayala ngokuthi : Ningamuki eJerusalema , kodwa nihlalele isithembiso sikaYise enasizwa ngami.

IzEnzo 23:21

Ngakho-ke wena ungabavumeli , ngokuba kubona amqamekele amadoda angaphezu kwamashumi amane azilokotheleyo ukuba angadli , angaphuzi, engakambulali; manje-ke sebelungele bebheke isithembiso sakho.

IzEnzo 2:33

ngakho ephakanyiselwe ngakwesokunene sikaNkulunkulu , esamukele kuYise isithembiso sikaMoya oNgcwele , wakuthulula lokhu enikubonayo nenikuzwayo.

IzEnzo 2:39

Ngokuba isithembiso ngesenu nesabantwana benu , esabo bonke abakude , bonke iNkosi uNkulunkulu wethu eyakubabiza.

KumaHeberu 10:36

Ngokuba nidinga ukubekezela , ukuze seniyenzile intando kaNkulunkulu namukele isithembiso.

KumaHeberu 11:39

Labo bonke, befakazelwe ngokukholwa, abazuzanga isithembiso,

KumaHeberu 4:1

Ngakho-ke masesabe ukuba , kuthi kusekhona isithembiso sokungena ekuphumuleni kwakhe, kungabikho noyedwa kini obonakala esele emuva.

KwabaseGalathiya 3:14

ukuba isibusiso sika-Abrahama ngoKristu Jesu sifike kubo abezizwe, ukuze samukeliswe isithembiso sikaMoya ngokukholwa. Isithembiso asichithwa ngumthetho

KwabaseGalathiya 3:17

Kepha ngisho lokhu ukuthi isivumelwano esaqiniswa nguNkulunkulu ngaphambili, umthetho owavela emva kweminyaka engamakhulu amane namashumi amathathu, awusesuli, uze usichithe isithembiso;

KwabaseGalathiya 3:19

Pho, umthetho uyini na ? Wenezelwa ngenxa yeziphambeko , kuze kufike inzalo enikiwe isithembiso, umisiwe ngezingelosi, ngesandla somlamuleli.

KwabaseGalathiya 3:22

Kepha umbhalo uvalele konke phansi kwesono , ukuze isithembiso ngokukholwa nguJesu Kristu siphiwe abakholwayo. Umthetho ongumlayi uyisa kuKristu

KwabaseRoma 4:13

Ngokuba isithembiso sokuthi uyakuba yindlalifa yezwe asinik wanga u - Abrahama nenzalo yakhe ngawo umthetho kodwa ngokulunga kokukholwa.

KwabaseRoma 4:16

Ngalokho kuya ngokukholwa ukuba kube ngokomusa , ukuze isithembiso siqiniseke enzalweni yonke , kungabi kweyomthetho yodwa kodwa nakuleyo engeyokukholwa kuka-Abrahama ongubaba wethu sonke,

KwabaseRoma 4:8

ubusisiwe umuntu iNkosi engayikumbalela isono. U-Abrahama wamukeliswa isithembiso ngokukholwa.

NgokukaLuka 24:49

Bhekani, ngiyathumela kini isithembiso sikaBaba ; kepha hlalani emzini , nize nembathiswe amandla avela phezulu. Ukuvalelisa kukaJesu nokwenyuselwa kwakhe (Mark. 16:19; IzE. 1:9)

U-Eksodusi 23:19

Ukuqala kolibo lwezwe lakho wokuletha endlini kaJehova uNkulunkulu wakho. Awuyikupheka izinyane lembuzi obisini lukanina. Isithembiso sezwe laseKhanani

U-Isaya 30:18

Ngalokho uJehova uyakulindel a ukuba abe nomusa kini ; nangalokhu uyakuphakama ukuba abe nesihe kini , ngokuba uJehova unguNkulunkulu wokwahlulela; babusisiwe bonke abamhlalelayo. Isithembiso sikaNkulunkulu

UDuteronomi 23:18

Ungayingenisi inkokhelo yesifebe nemali yenja endlini kaJehova uNkulunkulu wakho ukugcwalisa isithembiso ; kokubili kuyisinengiso kuJehova uNkulunkulu wakho.

UDuteronomi 23:21

Nxa wenza isithembiso kuJehova uNkulunkulu wakho , ungalibali ukusigcwalisa, ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho uyakusibiza nokusibiza kuwe, kube yisono kuwe.

UDuteronomi 23:23

Lokho okuphume emlonyeni wakho uyakukugcina , ukwenze, njengokwethembisa kwakho uJehova uNkulunkulu wakho isithembiso sesihle owasethembisa ngomlomo wakho.

UGenesise 26:22

Wasuka lapho, wemba omunye umthombo; abaphikisananga ngawo; wabiza igama lawo ngokuthi iRehoboti , wathi: Ngokuba uJehova usenzele indawo ; siyakwanda ezweni. Isithembiso sika-Abrahama siyaphindwa ku-Isaka

UGenesise 28:20

UJakobe wenza isithembiso , wathi: Uma uNkulunkulu eyakuba nami , angilondoloze kule ndlela engihamba ngayo , angiphe isinkwa sokudliwa nezingubo zokwembatha,

UGenesise 31:13

NginguNkulunkulu waseBethele , lapho wagcoba khona insika na lapho wenza isithembiso kimi ; manje vuka , usuke kuleli zwe , ubuyele ezweni lokuzalwa kwakho.

UHagayi 2:5

Isithembiso enganinika sona ekuphumeni kwenu eGibithe noMoya wami kuyakuhlala phakathi kwenu; ningesabi.

UHezekeli 17:18

Ngokuba udelele isifungo ngokusaphula isivumelwano , wakwenza konke lokhu, noma enikile isithembiso sakhe; bheka, kayikuphunyuka.

ULevitikusi 22:21

Umuntu onikela ngomhlatshelo weminikelo yokuthula kuJehova ukugcwalisa isithembiso noma owomnikelo wesihle ezinkomeni noma ezimvini, umelwe ukuphelela ukuba wamukeleke, kungabi sici kuwo.

ULevitikusi 27:2

Yisho kubantwana bakwa-Israyeli, uthi kubo: Nxa umuntu enza isithembiso esithile, lapho uyakulinganisa abantu kuJehova,

UNehemiya 10:29

babambelela kubafowabo , abakhulu babo , benza isithembiso nesifungo sokuba bahambe emthethweni k aNkulunkulu owanikwa ngesandla sikaMose inceku kaNkulunkulu, bagcine, benze yonke imiyalo kaJehova iN kosi yethu, nezahlulelo zakhe, nezimiso zakhe

UNumeri 15:3

nenze umnikelo womlilo kuJehova , umnikelo wokushiswa , noma umhlatshelo wokugcwalisa isithembiso , noma umnikelo wesihle , noma owemikhosi yenu emisiweyo , ukwenza iphunga elimnandi kuJehova , owezinkomo noma owezimvu,

UNumeri 15:8

Nxa ulungisa iduna libe ngumnikelo wokushiswa , noma umhlatshelo wokugcwalisa isithembiso, noma kube yiminikelo yokuthula kuJehova,

UNumeri 21:2

U-Israyeli wenza isithembiso kuJehova, wathi: Uma unikela nokunikela laba bantu esandleni sami, ngiyakuchitha impela imizi yabo.

UNumeri 30:10

Uma enzile isithembiso endlini yendoda yakhe , noma ebophe nge sibopho umphefumulo wakhe ngesifungo,

UNumeri 30:2

Nxa umuntu enza isithembiso kuJehova, noma efunga isifungo ukubopha umphefumulo wakhe ngesibopho esithile , akayikwaphula izwi lakhe ; uyakwenza njengakho konke okuphuma emlonyeni wakhe.

UNumeri 30:3

Uma owesifazane enza isithembiso kuJehova , azibophe ngesibopho esithile esendlini kayise, esemusha,

UNumeri 30:4

uyise esizwa isithembiso sakhe nesibopho sakhe abophe ngaso umphefumulo wakhe, engasho lutho kuye , izithembiso zakhe zonke ziyakuma , nazo zonke izibopho abophe ngazo umphefumulo wakhe ziyakuma;

UNumeri 30:8

kepha uma indoda yakhe imalela ngosuku ekuzwa ngalo , iyakwenza ize isithembiso sakhe esiphezu kwak he nokuphahlukiwe ngumlomo wakhe abophe ngakho umphefumulo wakhe, uJehova amthethelele.

UNumeri 30:9

Kepha isithembiso somfelokazi noma esolahliweyo , konke abophe ngakho umphefumulo wakhe kuyakuma kuye.

UNumeri 6:2

Yisho kubantwana bakwa -Israyeli, uthi kubo : Nxa owesilisa noma owesifazane enza isithembiso esithile , isithembiso somNaziri , ukuzahlukanisela kuJehova,

UNumeri 6:21

Lowo ungumthetho womNaziri owenzile isithembiso nowomnikelo wakhe kuJehova ngenxa yobuNaziri bakhe , ngaphandle kokunye angaphumelela kukho; njengesithembiso sakhe asenzayo uyakwenza kanjalo njengomthetho wobuNaziri.

UNumeri 6:7

Akayikuzingcolisa ngoyise noma ngonina , noma ngomfowabo noma ngodadewabo, nxa befile, ngokuba isithembiso sakhe sobuNaziri sisekhanda lakhe.

UmShumayeli 5:4

Lapho wenza isithembiso phambi kukaNkulunkulu, ungalibali ukusifeza , ngokuba akathokozi ngeziwula: feza lokhu okwethembisayo.

UmShumayeli 5:5

Kungcono ukuba ungenzi isithembiso kunokuba uthembisa ungafezi.