Skip to Content

"isivini"

29 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 21:15

Kwathi u-Izebeli esezwile ukuthi uNaboti ukhandiwe ngamatshe, wafa, u- Izebeli wathi ku -Ahabi: Suka udle isivini sikaNaboti waseJizreyeli , enqaba ukukunika sona ngesiliva, ngokuba uNaboti kasekho, ufile.

1 AmaKhosi 21:2

U-Ahabi wakhuluma kuNaboti , wathi: Ngiphe isivini sakho ukuba sibe yisivande sami semifino , ngokuba siseduze nendlu yami , ngikunike isivini esihle kunaso esikhundleni saso ; kepha uma kukuhle emehlweni akho , ngiyakukunika isiliva libe yintengo yaso.

1 AmaKhosi 21:6

Wathi kuye : Ngokuba ngakhuluma kuNaboti waseJizreyeli , ngathi kuye : Ngiphe isivini sakho ngesiliva ; kepha uma uthanda, ngiyakukunika esinye isivini esikhundleni saso; kodwa wathi: Angiyikukunika isivini sami.

1 AmaKhosi 21:7

Wayesethi kuye u-Izebeli umkakhe: Manje, nguwe ophethe umbuso wakwa - Israyeli na? Vuka udle, inhliziyo yakho ithokoze; mina ngiyakukunika isivini sikaNaboti waseJizreyeli.

1 kwabaseKorinte 9:7

Ngubani oke aye empini ngezakhe izindleko na ? Ngubani otshala isivini , angazidli izithelo zaso , na? Ngubani owalusa umhlambi , angadli ubisi lomhlambi, na?

AmaHubo 107:37

Balima amasimu, batshala isivini, kwabathelela izithelo.

IsiHlabelelo seziHlabelelo 1:6

Ningangibuki ukuthi ngimnyamana, ngokuba ilanga lingifusile. Amadodana kamame angifutha , angenza umlindizivini , kepha isivini esingesami angisilindanga.

IsiHlabelelo seziHlabelelo 8:11

USolomoni wayenesivini eBali Hamoni ; wasinika isivini kubaphathi ; baletha, kwaba yilowo nalowo , izinhlamvu eziyinkulungwane ze siliva ngezithelo zaso.

IsiHlabelelo seziHlabelelo 8:12

Isivini esingesami siphambi kwami ; inkulungwane mayibe ngeyakho , Solomoni, namakhulu amabili abe ngawabaphathi bezithelo zaso. Umyeni nomakoti bayabizana Umnyeni:

IzAga 31:16

Ucabanga ngensimu, ayithenge; ngesithelo sezandla zakhe utshala isivini,

NgokukaLuka 20:16

Uzakuza, ababhubhise labo balimi , isivini asinike abanye . Bekuzwa bathi: Qha, makungabi njalo.

NgokukaLuka 20:9

Wayeseqala ukulandisa lo mfanekiso , ethi kubantu : Umuntu watshala isivini, wasiqashisa kubalimi, waya kwelinye izwe isikhathi eside.

NgokukaMarku 12:1

Wayeseqala ukukhuluma kubo ngemifanekiso , ethi: Umuntu watshala isivini, wasibiyela ngothango, wemba isikhamo , wakha isiqongo sokulinda , wasiqashisa kubalimi, waya kwelinye izwe.

NgokukaMarku 12:9

Uzakwenzani umninisivini na ? Uzakuza, ababhubhise labo balimi , isivini asinike abanye.

NgokukaMathewu 21:33

Yizwani omunye umfanekiso . Kwakukhona umuntu , umninindlu, owatshala isivini , wasibiyela ngothango , wemba khona isikhamo , wakha isiqongo sokulinda, wasiqashisa kubalimi, waya kwelinye izwe.

NgokukaMathewu 21:41

Bathi kuye: Uzakubabhubhisa kabi labo ababi, isivini sakhe sinikwe abanye abalimi abayakumnika izithelo ngezikhathi zazo.

U-Isaya 27:2

Ngalolo suku kuyakuba khona isivini esinxanelekayo. Hlabelelani ngaso.

U-Isaya 3:14

UJehova uyakungena ekwahluleleni namalunga abantu bakhe nezikhulu zabo ngokuthi: Yinina eniqedile isivini, impango yabampofu isezindlini zenu.

U-Isaya 5:5

Sengiyakunitshela engiyakukwenza kuso isivini sami : ngiyakususa uthango lwaso, ukuze sidliwe, ngidilize ugange lwaso, ukuze sinyathelwe.

U-Isaya 5:7

Ngokuba isivini sikaJehova Sebawoti siyindlu ka -Israyeli, namadoda akwaJuda ayisithombo sakhe esithandekayo ; wabheka ukwahlulela , kepha bheka, ngukucindezela, yebo, ukulunga, kepha bheka, ngukukhala. Amazwi okwahlulela okubi

UDuteronomi 20:6

Ngumuphi umuntu otshalile isivini engadlanga izithelo zaso na ? Makahambe, abuyele endlini yakhe , funa afele empini , omunye umuntu asidle.

UDuteronomi 28:30

Uyakuganwa ngumfazi , omunye umuntu alale naye ; uyakwakha indlu , ungahlali kuyo; uyakutshala isivini, ungazikhi izithelo zaso.

UGenesise 9:20

UNowa waqala waba ngumlimi, watshala isivini.

UJeremiya 12:10

Abelusi abaningi basichithile isivini sami, basinyathele phansi isabelo sami, benze ifa lami elinxanelekayo ihlane elichithakeleyo.

UJeremiya 35:7

futhi ningakhi indlu , ningahlwanyeli imbewu , ningatshali isivini , ningabi naso, ngokuba niyakuhlala emat endeni zonke izinsuku zenu ukuba nihlale izinsuku eziningi lapho nigogobele khona.

UJeremiya 35:9

singakhi izindlu ukuba sihlale kuzo ; futhi isivini , nensimu, nembewu asinakho.

ULevitikusi 19:10

Awuyikukhothoza isivini sakho , ungabuthi izithelo zesivini ezivuthulukileyo; wozishiyela abampofu nabafokazi ; nginguJehova uNkulunkulu wenu.

ULevitikusi 25:3

Iminyaka eyisithupha uyakulima insimu yakho , iminyaka eyisithupha uyakuthena isivini sakho, ubuthe izithelo zaso,

ULevitikusi 25:4

kepha ngomnyaka wesikhombisa kuyakuba khona isabatha lokuphumula okuzothileyo kwezwe , isabatha kuye uJehova ; awuyikulima insimu ya kho, ungatheni isivini sakho.