"isixuku"
104 occurrences in ZUL
Abalindi bakaSawule eGibeya lakwaBenjamini babona , bheka, isixuku sahlakazeka, saya ngalapha nangalapha.
Kwafika abanye , bamtshela uJehoshafati , bathi: Kusondela kuwe isixuku esikhulu sivela phesheya kolwandle e-Aramu; bheka, sebeseHasasoni Thamari eliyi-Eni Gedi.
UJuda esefike embonisweni wasehlane , babheka isixuku ; bheka, babe yizidumbu nje eziwele phansi, akusindanga noyedwa.
UJehova uNkulunkulu wakhe wayesemnikela esandleni senkosi yase - Aramu, bamshaya, bathumba kuye isixuku esikhulu sabathunjwa , babayisa eDamaseku. Naye wanikelwa esandleni senkosi yakwa -Israyeli eyamshaya ngokushaya okukhulu.
Ngokuba isixuku sabantu , abaningi bakwa-Efrayimi nakwaManase nakwa- Isakare nakwaZebuloni , sasingazihlambululanga, salidla iphasika ngokungalotshiwe. Ngokuba uHezekiya wayebakhulekele ngokuthi : UJehova omuhle makathethelele
Babhalwa ngezizukulwane kanye nezingane zabo , nawomkabo, namadodana abo, namadodakazi abo, isixuku sonke, ngokuba bazingcwelisa ngobungcwele ezikhundleni zabo.
Inkosi yathi : Isahlezi kahle insizwa u -Abisalomu na ? U-Ahimahasi wathi : Ngabona isixuku sabantu , lapho uJowab e inceku yenkosi ethuma inceku yakho, kepha angazanga ukuthi kuyini.
Emva kwalokho ngabona , bheka-ke, isixuku esikhulu ebesingenakubalwa muntu, sivela kuzo zonke izizwe , nemindeni, nabantu, nezilimi, simi phambi kwesihlalo sobukhosi naphambi kweWundlu , sembethe izingubo ezinde ezimhlophe, siphethe amahlamvu esundu ngezandla zaso,
Kwathi e -Ikoniyu bangena kanyekanye esinagogeni labaJuda , bakhuluma kwaze kwakholwa isixuku esikhulu sabaJuda namaGreki.
Kepha isixuku somuzi sahlukana phakathi , abanye baba ngakubaJuda nabanye ngakubaphostoli.
Isixuku sonke sathula ; babelalela oBarnaba noPawulu belanda ngezibonakaliso nangezimangaliso zonke uNkulunk ulu abezenzile ngabo phakathi kwabezizwe.
Isixuku sase sibavukela , nezinduna zayala ukuba bahlutshulwe izingubo , bashaywe ngenduku;
Kepha bethusa isixuku nabaphathimuzi abezwa lokho,
Ngaleyo mihla uPetru wasukuma phakathi kwabazalwane , isixuku sabantu esasikhona ndawonye kwakungathi ikhulu namashumi amabili, wathi:
Kwathi sezizakuphela lezo zinsuku eziyisikhombisa , abaJuda base -Asiya bembonile ethempelini, bayaluzisa sonke isixuku, babeka izandla kuye,
ngokuba kwalandela isixuku sabantu bememeza bethi: Msuseni!
okuthe ngikulokho bangifumana ethempelini ngihlanjululiwe , kungekho isixuku nomsindo,
Isixuku sabakholwayo sasinhliziyonye nomphefumulo munye ; akwabakho noyedwa owasho ngezimpahla zakhe ukuthi ngezakhe , kodwa bakuhlanganyela konke.
Ngakho safakaza isixuku esasinaye , lapho ebiza uLazaru aphume ethuneni , emvusa kwabafileyo.
Ngenxa yalokho isixuku saya samhlangabeza , ngokuba sase sizwile ukuthi wayesenzile leso sibonakaliso.
Ngakho isixuku samphendula sathi : Sizwile emt hethweni ukuthi uKristu uyakuma phakade ; usho kanjani wena ukuthi iNdodana yomuntu imelwe ukuphakanyiswa na? Ingubani le Ndodana yomuntu na?
Ngakho isixuku esikhulu sabaJuda sezwa ukuthi ulapho . Beza-ke kungengenxa kaJesu kuphela , kepha nokuba babone uLazaru abemvusile kwabafileyo.
Kepha ophilisiweyo wayengazi uk uthi ungubani , ngokuba uJesu wayemukile lapho, kukhona isixuku kuleyo ndawo.
Samlandela isixuku esikhulu , ngokuba babebona izibonakaliso azenzayo kwabagulayo.
Ngangomuso isixuku esasingaphesheya kolwandle sabona kungekho omunye umkhunjana khona , sazi ukuthi ubumunye nje nokuthi uJesu wayengangenanga emkhunjini kanye nabafundi bakhe , kepha ukuthi abafundi bakhe babewele bodwa,
isixuku sathi ukubona ukuthi uJesu akakho lapho nabafundi bakhe, sangena emikhunjaneni, naso saya eKapernawume sifuna uJesu.
Kuthe uJesu ephakamisa amehlo, wabona ukuthi isixuku esikhulu siza kuye, wathi kuFiliphu: Sizakuzithengaphi izinkwa ukuba badle laba na?
Isixuku sap hendula sathi : Unedemoni wena ; ngubani ofuna ukukubulala na?
AbaFarisi bezwa isixuku sikhonona ngalezo zinto ngaye; abapristi abakhulu nabaFarisi base bethuma izikhonzi ukuba zimbambe.
Umphathi wesinagoge, ecunukile ngokuba uJesu ephulukisile ngesabath a, waphendula, wathi kuso isixuku: Kukhona izinsuku eziyisithupha okufanele ukusetshenzwa ngazo ; ngakho-ke anoza ngazo , niphulukiswe, kungabi ngosuku lwesabatha.
Wathi ukuba asho lokho , bajabha bonke ababemelene naye ; isixuku sonke sathokoza ngemisebenzi yonke yenkazimulo eyenziwe nguye. Imifanekiso ngombuso kaNkulunkulu (Math. 13:31; Mark. 4:30)
Isizwa isixuku sidlula, yabuza ukuthi: Kuyini lokhu?
Esesondela ekwehleleni kweNtaba Yeminqumo , isixuku sonke sabafundi saqala ukuthokoza nokumdumisa uNkulunkulu ngezwi elikhulu ngemisebenzi yonke yamandla esiyibonileyo,
Isixuku sonke sabantu sasikhuleka ngaphandle ngesikhathi sempepho.
Esakhuluma, bheka, kwafika isixuku ; naye othiwa uJuda , omunye wabayishumi nambili , wayehamba phambi kwabo , wasondela kuJesu ukumanga.
Wavuma-ke, waze wafuna ithuba lokumkhaphela kubo, singekho isixuku. Ukumiswa kwesidlo esingcwele (Math. 26:17; Mark. 14:12; Joh. 13:21)
Kwamlandela isixuku esikhulu sabantu , kukhona nabesifazane ababemkhalela, bemlilela.
Kwathi isixuku simbunganyela ukuba sizwe izwi likaNkulunkulu , wayemi ngaselwandle lwaseGenesaretha,
ULevi wamenzela isidlo esikhulu endlini yakhe ; kwakukhona isixuku esikhulu sabathelisi nabanye ababehlezi nabo ekudleni.
Isixuku sonke safuna ukumthinta , ngokuba kwakuphuma kuye amandla abaphilisa bonke. Intshumayelo yasentabeni (Math. 5:1)
Sekubuthene kuye isixuku esikhulu sivela emizini ngemizi , wakhuluma ngomfanekiso, wathi:
Kepha ekubuyeni kwakhe uJesu isixuku samthakazela ; ngokuba bonke babembhekile.
Wazithabatha izinkwa eziyisihlanu nezinhlanzi ezimbili , wabheka ngasezulwini, wazibusisa, wazihlephula, wanika abafundi ukuba babele isixuku.
Kwathi ngangomuso sebehlile entabeni, isixuku esikhulu samhlangabeza.
Kepha uma sithi : Kubantu, besaba isixuku, ngokuba bonke bathi uJohane ungumprofethi impela.
Base befuna ukumbamba , kepha besaba isixuku ; ngokuba bazi ukuthi ukhulume lo mfanekiso ngabo. Base bemshiya bamuka. Intela kaKesari (Math. 22:15; Luk. 20:19)
UDavide uqobo lwakhe umbiza ngokuthi iNkosi . Pho, uyindodana yakhe kanjani na? Ukusolwa kwababhali (Math. 23: 1; Luk. 20: 45) Isixuku esikhulu sasimuzwa ngokujabula.
Wayesehlala phansi maqondana nomphongolo womnikelo , wabuka isixuku sibeka umnikelo emphongolweni. Abaningi abacebileyo babeka kakhulu.
Kepha abapristi abakhulu babhebhezela isixuku ukuba okungcono asikhululele uBaraba.
Khona uPilatu ethanda ukudelisa isixuku wasikhululela uBaraba , kepha wamshaya uJesu, wamnikela ukuba abethelwe esiphambanweni.
Isixuku senyuka , saqala ukucela ukuba abenzele njengalokho ebehleze ebenzela.
Waphuma futhi , waya ngaselwandle ; isixuku sonke sabantu seza kuye , wabafundisa.
Wayesefika ekhaya; isixuku sabuthana futhi, ababe besaba nathuba lokudla nasinkwa.
Isixuku sabantu sasimphahlile ; bathi kuye : Bheka, unyoko nabafowenu nawodadewenu bangaphandle bekufuna.
UJesu wasuka kanye nabafundi bakhe, waya ngaselwandle; isixuku esikhulu samlandela sivela eGalile, naseJudiya,
naseJerusalema, nase-Idumiya, nangaphesheya kweJordani , nangaseTire, naseSidoni; isixuku esikhulu sesizwile konke akwenzayo seza kuye.
Khona wabuye waqala ukufundisa ngaselwandle . Kwabuthana kuye isixuku esikhulu kakhulu , waze wangena emkhunjini , wahlala elwandle ; isixuku sonke sasisemhlabathini ngaselwandle.
Base bemukisa isixuku , bahamba naye, njengalokho ebesemkhunjini ; kwakukhona neminye imikhumbi ihambisana naye.
Khona uJesu esebuye ewelele ngaphesheya ngomkhumbi , kwabuthana isixuku esikhulu kuye engaselwandle.
Wahamba naye. Isixuku esikhulu samlandela, samcindezela.
Abafundi bakhe bathi kuye : Uyabona isixuku sikucindezela , usuthi: Ngubani ongithintileyo na?
Wathi ephuma, wabona isixuku esikhulu, waba nesihe ngabantu, ngokuba babe njengezimvu ezingenamalusi; waqala ukubafundisa okuningi.
Wayesecindezela masinyane abafundi bakhe ukuba bangene emkhunjini , bamandulele ukuya phesheya eBetsayida, yena aze amukise isixuku.
Khona wabuye wabiza isixuku, wathi kuso: Ngizweni nonke, niqonde.
Ngalezo zinsuku sekukhona futhi isixuku esikhulu singenakudla , wabiza abafundi bakhe, wathi kubo:
Wayesebiza isixuku nabafundi bakhe , wathi kubo : Uma umuntu ethan da ukuza emva kwami, makazidele, athabathe isiphambano sakhe, angilandele.
Wayala isixuku ukuba sihlale phansi; wazithabatha izinkwa eziyisikhombisa, wabonga, wazihlephula, wanika abafundi bakhe ukuba bababele ; basabela isixuku.
Kwathi sebeza kubafundi , babona isixuku esikhulu sibahaqile nababhali bebuzana nabo.
Isixuku sonke sambona qede sashaywa luvalo , sagijimela kuye , sambingelela.
UJesu esebona ukuthi isixuku sigijimela ndawonye , wamkhuza umoya ongcolileyo, wathi kuye: Wena moya oyisimungulu nesithulu ngiyakuyala mina, ngithi: Phuma kuye, ungabe usangena kuye.
Waphuma, wabona isixuku esikhulu ; waba nesihe ngaso , waphulukisa abagulayo babo.
UJesu wayesebabiza abafun di bakhe , wathi: Ngiyasihawukela isixuku , ngokuba sekuyizinsuku ezintathu sihlezi kimi , singenanto yokudla ; angithandi ukubamukisa belambile , funa mhlawumbe baphele amandla endleleni.
Bathi kuye abafundi : Singazitholaphi ehlane izinkwa ezingaka zokuba kusuthe isixuku esingaka na?
Wayala isixuku ukuba sihlale phansi;
Sebephuma eJeriko, isixuku esikhulu samlandela.
Kepha isixuku sazikhuza ukuba zithule , kodwa kwayikhona zimemeza kakhulu, zithi: Nkosi, Ndodana kaDavide, sihawukele!
Kepha uma sithi : Kubantu, siyasesaba isixuku ; ngokuba bonke bathi uJohane ungumprofethi.
Kepha ngomkhosi umbusi wayejwayele ukukhululela isixuku isiboshwa sibe sinye esasisithanda.
Kwathi uJesu ebona isixuku simhaqile , wayala ukuba kuwelelwe ngaphesheya.
Isixuku sesikhishiw e, wangena, wayibamba ngesandla ; yavuka intombazana.
Kodwa isixuku sezitha zakho siyakuba njengebhuqu elicolekileyo, noquqaba lwabacindezeli njengamakhoba adlulayo , yebo, kuyakwenzakala ngokuzumayo ngokuphazima kweso.
Isixuku sezizwe zonke ezisukela i -Ariyeli, ezisukela lona kanye nenqaba yalo, nezilicindezelayo, siyakuba njengephupho nombono wasebusuku.
Kuyakuba njengolambileyo ephupha ukuthi uyadla , kepha evuka usenephango, noma njengowomileyo ephupha ukuthi uyaphuza, kepha evuka uyethile, womile; siyakuba njalo isixuku sezizwe zonk e ezisukela intaba yaseSiyoni. Ubumpumputhe bokomoya
Amadodana ayo ayakuhloma , abuthe isixuku sezimpi eziningi ; ziyakufika nokufika, zikhukhule, zidlule; ziyakubuya, zilwe kuze kube senqabeni yayo.
Inkosi yaseningizimu iyakubaba , iphume, ilwe nenkosi yasenyakatho ; iyakuveza isixuku esikhulu, isixuku sinikelwe esandleni sayo.
Kepha isixuku sesisusiwe , inhliziyo yayo iyakuziphakamisa , iwise phansi izinkulungwane ezingamashumi amaningi, kepha ayiyikuba namandla.
Inkosi yasenyakatho iyakubuya, iveze isixuku esikhulu kunesokuqala , ifike nokufika ngasekupheleni kwezikhathi eziyiminyaka nempi enkulu nempahla eningi.
Ziyakukwenyusela isixuku , zikukhande ngamatshe , zikuhlahlele ngezinkemba zazo.
Ngokuba isho kanje iNkosi uJehova , ithi: Ngiyakubenyusela isixuku , ngibanikele ukuba babe yingebhe nempango.
Isixuku siyakubakhanda ngamatshe sibahlahlele ngezinkemba zaso, sibulale amadodana abo namadodakazi abo, sishise izindlu zabo ngomlilo.
Ingcebo yakho , nempahla yakho , nentutho yakho , amatilosi akho , nabashayeli bakho , abavimbi zimf a bakho , nabaphathi bakho bokuthenga, nawo onke amadoda akho empi akuwe , naso sonke isixuku esiphakathi kwakho kuyakuwela enhliziyweni yolwandle ngosuku lokuwa kwakho.
Ngesikhathi sokwaphulwa kwakho ngamanz i ekujuleni kolwandle impahla yakho naso sonke isixuku sakho kwawela phakathi kwakho.
Isho kanje iNkosi uJehova , ithi: Ngiyakuqeda isixuku saseGibith e ngesandla sikaNebukadinesari, inkosi yaseBabele.
Ngiyakuthulula ukufutheka kwami phezu kweSini , inqaba yaseGibithe , nginqume isixuku saseNo.
Ngezinkemba zamaqhawe ngiyak uwisa isixuku sakho , bonke bengabesabekayo bezizwe; bayakuchitha ukuziphakamisa kweGibithe , sonke isixuku salo sichitheke.
Ndodana yomuntu , khalela isixuku saseGibithe , usehlisele ezindaweni eziphansi komhlaba , sona namadodakazi ezizwe ezidumileyo , kanye nabehlela egodini.
Phakathi kwabagwaziweyo balib ekele umbhede kanye naso sonke isixuku salo, amathuna aso engakulo nxazonke , bonke balo bengabangasokile , bebulewe n genkemba, ngokuba kwabangwa ukuba besatshwe ezweni labaphilayo; sebethwala amahloni abo kanye nabehlela egodini ; yebo, libekiwe phakathi kwababuleweyo.
Lapho kukhona oMesheke noThubali naso sonke isixuku sabo , amathuna abo engakubo nxazonke , bonke babo bengabangasokile , bebulewe ngenkemba, ngokuba babebanga ukuba besatshwe ezweni labaphilayo.
UFaro uyakubabona , aduduzeke ngaso sonke isixuku sakhe ; ubulewe ngenkemba uFaro nayo yonke impi yakhe, isho iNkosi uJehova.
Ngenza ukuba esatshwe ezweni labaphilayo , kepha useyakulaliswa uFaro naso sonke isixuku sakhe phakathi kwabangasokile nababulewe ngenkemba , isho iNkosi uJehova.
Kuyakuthi ngalolo suku ngimnike uGogi lapho indawo yethuna , kwa- Israyeli, isiGodi Sabadlulayo ngasempumalanga kolwandle , ivimbe abadlulayo, bembele khon a uGogi naso sonke isixuku sakhe , bayibize ngokuthi isiGodi saseHamoni Gogi.
Isikhathi sesifikile , usuku lusondele ; umthengi makangathokozi , nomthengisi makangalili, ngokuba ukufutheka kuphezu kwaso sonke isixuku sabo.
Babethile icilongo, balungisile konke, kepha akakho ophuma impi, ngokuba ukufutheka kwami kuphezu kwaso sonke isixuku sabo.
ngokuba ngesaba isixuku esikhulu , ngaba novalo lokudelelwa ngabomndeni, ngaze ngathula, angaphuma emnyango --