Skip to Content

"isizukulwane"

25 occurrences in ZUL

AbAhluleli 2:10

Naso sonke leso sizukulwane sabuthelwa koyise ; savela esinye isizukulwane emva kwaso esasingamazi uJeh ova nomsebenzi ayewenzele u - Israyeli.

AmaHubo 102:18

Lokhu kuyakulotshelwa isizukulwane esizayo ; abantu abayakudalwa bayakudumisa uJehova.

AmaHubo 112:2

Inzalo yakhe iyakuba namandla emhlabeni ; isizukulwane sabaqotho siyakubusiswa.

AmaHubo 145:4

Isizukulwane siyakubabaza kwesinye i misebenzi yakho, simemezele izenzo zakho zamandla.

AmaHubo 14:5

Khona besaba nokwesaba , ngokuba uNkulunkulu ukuso isizukulwane sabalungileyo.

AmaHubo 22:30

Inzalo iyakumkhonza; isizukulwane esizayo siyakulandiswa ngayo iNkosi.

AmaHubo 48:13

Qaphelani izindonga zalo , nidabule izindlu zalo zobukhosi , ukuze nilandisele isizukulwane esizayo.

AmaHubo 71:18

Futhi mawungangishiyi, nxa ngimdala, ngiyimpunga, ngize ngishumayele ingalo yakho kuso isizukulwane, amandla akho kubo bonke abezayo.

AmaHubo 73:15

Uma bengithe , ngizakukhuluma kanjalo , bheka, ngabe ngisikhohlisile isizukulwane sabantwana bakho.

AmaHubo 78:4

asinakukufihla kubantwana babo , izindumiso zikaJehova zis itshele kuso isizukulwane esizayo, namandla akhe nezimangaliso zakhe azenzileyo.

AmaHubo 78:6

ukuze isizukulwane esilandelayo sazi , abantwana abayakuz alwa, bavuke, batshele abantwana babo,

AmaHubo 78:8

Bangabi njengawoyise , isizukulwane esiphambeneyo nesihlubukayo , isizukulwane esingaqinisanga inhliziyo yaso , nesimoya waso wawungathembekile kuNkulunkulu.

IzAga 30:11

Kukhona isizukulwane esithuka uyise, esingabusisi unina.

IzAga 30:12

Kukhona isizukulwane esimhlophe emehlweni aso , esingahlanzwanga ensileni yaso.

IzAga 30:13

Kukhona isizukulwane yeka ukuz idla kwaso ! Nezinkophe zaso ziphakanyisiwe.

IzAga 30:14

Kukhona isizukulwane esimazinyo aso ayizinkemb a namazinyo emihlathi angomese bokuqeda abampofu emhlabeni, nabaswelayo phakathi kwabantu.

NgokukaMathewu 12:39

Kepha waphendula , wathi kubo : Isizukulwane esibi nesiphingayo sifuna isibonakaliso; kepha asiyikunikwa sibonakaliso , kuphela isibonakaliso sikaJona umprofethi.

NgokukaMathewu 16:4

Isizukulwane esibi nesiphingayo sifuna isibonakaliso , kepha asiyikunikwa sibonakaliso, kuphela isibonakaliso sikaJona umprofethi . Wabashiya, wamuka.

U-Eksodusi 20:5

ungazikhothameli, ungazikhonzi, ngokuba mina Jehova uNkulunkulu wakho nginguNkulunkulu onomhawu , ngihambela ububi bawoyise kubantwana kuso isizukulwane sesithathu nesesine sabangizondayo,

UDuteronomi 29:22

Isizukulwane esizayo , abantwana benu abayakuvela emva kwenu , nomfokazi oyakuphuma ezweni eliku de bayakusho , lapho bebona izinhlupheko zaleso sizwe, nezifo uJehova aligulise ngazo,

UDuteronomi 2:14

Izinsuku esahamba ngazo sisuka eKadeshi Barineya saze sawela umfula iZeredi zaziyiminyaka engamashumi amathathu nesishiyagalombili , kwaze kwaphela isizukulwane samadoda empi phakathi kwekamu , njengalokho uJehova afunga kuwo.

UDuteronomi 5:9

ungazikhothameli, ungazikhonzi, ngokuba mina Jehova uNkulunkulu wakho nginguNkulunkulu onomhawu, ngihambela ububi bawoyise kubantwana kuso isizukulwane sesithathu nesesine sabangizondayo,

UJeremiya 7:29

Gunda izinwele zakho , Jerusalema, uzilahle, wenze isililo emadulini angenalutho, ngokuba uJehova usalile , wasilahla isizukulwane sentukuthelo yakhe.

UJoweli 1:3

Kutsheleni abantwana benu , nabantwana benu abantwana babo, nabantwana babo esinye isizukulwane.

UmShumayeli 1:4

Isizukulwane siyamuka, isizukulwane siyeza, kepha umhlaba umi phakade.