Skip to Content

"isizwile"

13 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 10:1

Inkosikazi yaseSheba isizwile udumo lukaSolomoni ngegama likaJehova yeza ukumvivinya ngezimfumbe.

1 AmaKhosi 13:4

Kwathi inkosi isizwile izwi lalowo muntu kaNkulunkulu alibiza ngalo i - altare laseBethele , uJerobowamu waselula isandla sakhe ese -altare, wathi: Mbambeni. Kepha isandla sakhe aselulela kuye sashwabana, akaba namandla okusibuyisela kuye.

2 AmaKhosi 19:9

Kepha isizwile ngoTirahaka inkosi yaseKushe ukuthi : Bheka, uphumile ukulwa nawe, yabuye yathuma izithunywa kuHezekiya, yathi:

2 AmaKhosi 22:11

Kwathi lapho inkosi isizwile amazwi encwadi yomthetho , yaziklebhula izingubo zayo.

2 AmaKhosi 6:30

Kwathi inkosi isizwile amazwi alo wesifazane , yaklebhula iz ingubo zayo isadlula phezu kogange ; abantu babuka , bheka, yayinendwangu yamasaka phansi emzimbeni wayo.

2 iziKronike 20:29

Ingebhe ngoNkulunkulu yaba phezu kwayo yonke imibuso yamazwe , lapho isizwile ukuthi uJehova wayelwile nezitha zakwa-Israyeli.

2 iziKronike 34:19

Kwathi lapho inkosi isizwile amazwi omthetho, yaziklebhula izingubo zayo.

2 iziKronike 9:1

Inkosikazi yaseSheba isizwile udumo lukaSolomoni yeza ukumvivinya uSolomoni eJerusalema ngezimfumbe, inehele elikhulu kakhulu, namakamela ethwele amakha , negolide eliningi , namatshe ayigugu ; isifikile kuSolomoni yakhuluma naye ngakho konke okusenhliziyweni yayo.

2 uSamuweli 13:21

Isizwile inkosi uDavide zonke lezo zinto yathukuthela kakhulu.

2 uSamuweli 4:1

Lapho isizwile indodana kaSawule ukuthi u -Abineri ufile eHebroni , izandla zayo zaba buthakathaka, nabo bonke abakwa-Israyeli bakhathazeka.

NgokukaLuka 7:3

Isizwile ngoJesu yathuma amalunga abaJuda kuye , imcela ukuba eze ayisindise inceku yayo.

U-Isaya 37:9

Kepha isizwile ngoTirahaka , inkosi yaseKushe , ukuthi: Uphumile ukulwa nawe, lapho ikuzwa lokho, yathuma izithunywa kuHezekiya, yathi:

UDaniyeli 6:14

Lapho inkosi isizwile lawa mazwi , yadabuka kakhulu , yayibeka inhliziyo yayo kuDaniyeli ukuba imkhulule , yazama ukumophula kwaze kwaba sekushoneni kwelanga.