Skip to Content

"isondo"

5 occurrences in ZUL

U-Isaya 28:28

Amabele esinkwa ayacolwa na ? Cha, ngokuba awabhulwa nokubhulwa njalo; nakuba eqhuba isondo lengqukumbane namahhashi alo phezu kwawo, awacolisiswa.

UHezekeli 10:10

Kungathi omane ayenesimo sinye , njengalokho kwakuk hona isondo phakathi kwesondo.

UHezekeli 10:9

Ngabona, bheka, nanko amasondo amane eceleni kwamakherubi , elinye isondo eceleni kwelinye ikherubi nelinye isondo eceleni kwelinye ikherubi ; ukubonakala kwamasondo kwakunjengetshe lekrisolithe.

UHezekeli 1:15

Ngisabuka izidalwa, bheka, nanto isondo emhlabathini eceleni kwezidalwa, kuleso naleso sazo zozine.

UHezekeli 1:16

Ukubonakala kwamasondo nokwenziwa kwawo kwakunjengekrisolithe, nezimo zawo omane zaziyintonye . Ukubonakala kwawo nokwenziwa kwawo kwakunjengokuba kukhona isondo phakathi kwesondo.