Skip to Content

"italenta"

6 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 20:39

Kwathi inkosi isidlula , wamemeza enkosini , wathi: Inceku yakho yaphumela phakathi kokulwa ; bheka, kwabuya umuntu owaletha kimi omunye, wathi: Linda lo muntu ; uma elahleka, ukuphila kwakho kuyakuba sesikhundleni sokuphila kwakhe, noma uyakukhokha italenta lesiliva.

2 AmaKhosi 5:22

Wathi: Sisahlezi kahle . Inkosi yami ingithumile ngokuthi : Bheka, manje kufike kimi izinsizwa ezimbili zamadodana abaprofethi zivela ezintabeni zakwa-Efrayimi; ake uzinike italenta lesiliva nezingubo ezimbili zokuphendulela.

NgokukaMathewu 25:24

Kepha weza nobamukele italenta lalinye , wathi: Nkosi, bengikwazi ukuthi ungumuntu olukhuni; uvuna lapho ungahlwanyelanga khona , ubutha lapho ungafazanga khona;

NgokukaMathewu 25:25

ngesaba, ngaya ngalithukusa emhlabathini italenta lakho ; bheka, nakhu okwakho.

NgokukaMathewu 25:28

Ngakho mamukeni italenta, nilinike onamatalenta ayishumi.

U-Eksodusi 38:27

Amatalenta ayikhulu esiliva ayengawokukhanda izinyawo zendlu engcwele, nezinyawo zesihenqo , izinyawo eziyikhulu ngamatalenta ayikhulu , italenta ngonyawo.