Skip to Content

"ithole"

31 occurrences in ZUL

2 uSamuweli 7:27

Ngokuba wena Jehova Sebawoti , Nkulunkulu ka -Israyeli, wambulele endlebeni yenceku yakho ukuthi : Ngiyakukwakhela indlu; ngalokho inceku yakho ithole isibindi sokukhuleka lo mkhuleko kuwe.

AmaHubo 106:19

Benza ithole eHorebe; bakhuleka kuso isithombe esibunjiweyo.

IzEnzo 7:41

Benza ithole ngaleyo mihla , baletha umhlatshelo e sithombeni, bajabula ngemisebenzi yezandla zabo.

NgokukaLuka 15:23

nilethe ithole elikhuluphalisiweyo, nilihlabe, sidle, sijabule;

NgokukaLuka 15:27

Wathi kuyo: Kufike umfowenu; uyihlo wahlaba ithole elikhuluphalisiweyo , ngokuba ubuye wamthola ephilile.

NgokukaLuka 15:30

kodwa kuthe ukuba ifike leyo ndodana yakho eqede imfuyo yakho nezifebe, wayihlabisa ithole elikhuluphalisiweyo.

NgokukaLuka 19:30

ethi: Hambani niye emzaneni obhekene nani , nothi ukuba ningene kuwo , nizakufumana ithole lembongolo likhulekiwe , okungazange kuhlale muntu kulo; lithukululeni, nililethe.

NgokukaLuka 19:33

Kuthe besalithukulula ithole, abaninilo bathi kubo: Nilithukululelani ithole na?

NgokukaMarku 11:2

wathi kubo: Hambani niye emzaneni obhekene nani ; kothi nisangena kuwo, nizakufumana ithole lembongol o likhulekiwe , okungakaze kuhlale muntu kulo; lithukululeni, nililethe.

NgokukaMarku 11:4

Bahamba, bafumana ithole likhulekiwe ngasesangweni ngaphandle emgwaqweni; balithukulula.

NgokukaMarku 11:5

Abanye kwababemi khona bathi kubo: Nenzani nilithukulula ithole na?

NgokukaMarku 11:7

Baliletha ithole kuJesu, babeka izingubo zabo phezu kwalo, wakhwela kulo.

U-Eksodusi 32:19

Kwathi esasondela ekamu, wabona ithole nokusina; ulaka lukaMose lwase luvutha, wazilahla izibhebhe ezandleni zakhe, wazaphula phansi kwentaba.

U-Eksodusi 32:20

Wayeselithatha ithole ababelenzile , walishisa ngomlilo , walicolisisa laze laba luthuli, walivumvuzela emanzini, wabaphuzisa wona abantwana bakwa- Israyeli.

U-Eksodusi 32:35

UJehova wayesebashaya-ke abantu, ngokuba benza ithole lelo alenzayo u - Aroni.

U-Eksodusi 32:8

baphambukile masinyane endleleni engabayala ngayo . Bazenzele ithole elibunjiweyo, balikhonza, balihlabela, bathi: Nampa onkulunkulu bakho , Israyeli, abakukhuphula ezweni laseGibithe.

U-Isaya 11:6

Impisi iyakuhlala newundlu , ingwe ibuthise ndawonye nezinyane lembuzi , ithole nebhongo lengonyama kukhuluphaliswe kanyekanye, nomntwana omncane uyakukuqhuba.

U-Isaya 27:10

Ngokuba umuzi obiyelweyo uyize , nekhaya limukelwe , lishiyiwe njengehlane; ithole liyakuklaba khona , libuthise khona , lidle, liqede amahlamvu awo.

UDuteronomi 9:16

Ngase ngibheka , ngabona ukuthi nanonile kuJehova ; nanizenzele ithole elibunjiweyo; naniphambukile masinyane endleleni uJehova abeniyale ngayo.

UDuteronomi 9:21

Ngase ngithatha isono senu , ithole enanilenzile , ngalishisa ngomlilo , ngaligxoba, ngaligayisisa laze laba njengothuli , ngaphonsa uthuli lwalo emfudlaneni owehla entabeni.

UGenesise 18:7

U-Abrahama wagijima, waya ezinkomeni, walanda ithole elihle nelinonileyo, walinika encekwini; yashesha ukulilungisa.

UGenesise 49:11

Ubopha ithole lembongolo yakhe emvinini, ithole lembongolokazi yakhe emvinini omuhle ; uhlanza izingubo zakhe ewayinini , nezambatho zakhe egazini lezithelo zomvini.

UHoseya 8:5

Ithole lakho , Samariya, linengekile; intukuthelo yami iyabavuthela ; koze kube nini bengakwazi ukuba msulwa na?

UHoseya 8:6

Ngokuba livela ku -Israyeli; umkhandi walenza, alisiye uNkulunkulu; yebo, ithole laseSamariya liyakuba yizihlephu.

UJeremiya 34:18

Ngiyakunikela abantu abeqile isivumelwano sami , abangawaqinisanga amazwi esi vumelwano abasenzile ngaphambi kwami mhla bedabula kabili ithole, bedlula phakathi kwezinhlangothi zalo,

UJobe 11:12

Umuntu oyize uyakuba nengqondo, nxa ithole lembongolo yasendle lizalwa libe ngumuntu.

ULevitikusi 7:10

Yonke iminike lo yempuphu exovwe namafutha neyomileyo iyakuba ngeyamadodana onke ka-Aroni, enye ithole njengenye.

ULevitikusi 9:2

wathi ku -Aroni: Mawuzithathele ithole lenkunzi , libe ngumnikelo wesono , nenqama ibe ngumnikelo wokushiswa, okungenasici, unikele ngakho phambi kukaJehova.

ULevitikusi 9:8

U-Aroni wayesesondela e -altare, walihlaba ithole lomnikelo wesono ongowakhe.

UNehemiya 9:18

Yebo, lapho bezenzele ithole elibunjiweyo bethi : Leli linguNku lunkulu wakho owakukhuphula eGibithe, benza izithuko ezinkulu,

UZakariya 9:9

Thokoza kakhulu , ndodakazi yaseSiyoni ; jabula nokujabula , ndodakazi yaseJerusalema; bheka, iNkosi yakho iza kuwe , ilungile, inensindiso, ithobekile, ikhwele imbongolo, ithole, inkonyane yembongolokazi.