Skip to Content

"ithuna"

13 occurrences in ZUL

IzEnzo 2:29

Madoda, bazalwane, ake ngikhulume kini ngokusobala ngokhokho uDavide ukuthi wafa , nokuthi wembelwa , nokuthi ithuna lakhe lisekhona kithi nanamuhla.

NgokukaJohane 19:41

Khona ngakuleyo ndawo , lapho wayebethelwe khona esiphambanweni , kwakukhona insimu , nasensimini kukhona ithuna elisha okwakungazange kubekwe muntu kulo.

NgokukaJohane 19:42

Bambeka lapho -ke uJesu ngenxa yolokulungisela lwabaJuda , ngokuba ithuna laliseduze.

U-Isaya 22:16

Wenzani lapha , futhi unobani laph a ukuba uziqophele lapha ithuna na ? Uziqophela ithuna lakhe phezulu, uzikipilitela indawo yokuhlala edwaleni!

U-Isaya 53:9

Babeka ithuna layo kanye nababi ; ekufeni yayinabenza okubi , noma ingenzanga indluzula, kungekho nankohliso emlonyeni wayo.

UDuteronomi 34:6

Wammbela esigodini sasezweni lakwaMowabi malungana neBeti Peyori , kepha akukho muntu olaziyo ithuna lakhe kuze kube namuhla.

UGenesise 23:2

USara wafela eKiriyati Araba okuyiHebroni ezweni laseKhanani ; u- Abrahama wafika ukumlilela uSara nokumkhalela. U-Abrahama uthenga ithuna

UGenesise 23:6

Sizwe, nkosi; wena uyisikhulu sikaNkulunkulu phakathi kwethu ; mmbele ofileyo wakho kwelihle kuwo onke amathu na ethu; akakho phakathi kwethu ozakugodlela wena ithuna lakhe ukuba ummbele ofileyo wakho.

UHezekeli 32:23

amathuna alo engaphakathi kwegodi, iviyo lalo lizungeza ithuna nxazonke, bonke balo bebulewe bewe ngenkemba , labo ababebanga ukuba besatshwe ezweni labaphilayo.

UJobe 3:22

abathokoza baze bethabe, bajabule, uma belithola ithuna,

UNahume 1:14

Kepha uJehova uyalezile ngaw e ukuthi akusayikuhlwanyelwa okwegama lakho; endlini yawonkulunkulu bakho ngiyakunquma izithombe ezibaziweyo nezibunjiweyo; ngiyakulungisa ithuna lakho, ngokuba awuyinto yalutho.

UNumeri 19:16

Yilowo nalowo othinta endle obulewe ngenkemba , noma isidumbu, noma ithambo lomuntu , noma ithuna , uyakuba ngongcolile izinsuku eziyisikhombisa.

UNumeri 19:18

umuntu ohlambulukileyo athabathe ihisop i, aligcobhoze emanzini, afafaze ngawo itende , nezitsha zonke , nabantu ababelapho , nowathinta ithambo , noma ababuleweyo, noma abafileyo, noma ithuna,