Skip to Content

"iyakufika"

13 occurrences in ZUL

2 AmaKhosi 8:1

U-Elisha wayekhulumile nowesifazane ondodana yakhe ayivusile ngokuthi : Suka uhambe wena nabendlu yakho, uhlale lapho ungahlala khona, ngokuba uJehova umemezele indlala, futhi iyakufika ezweni iminyaka eyisikhombisa.

EkaJuda 1:14

U-Enoke ongowesikhombisa kusukela ku-Adamu waprofetha ngabo, wathi: Bheka, iNkosi iyakufika nabangcwele bayo abayizigidigidi,

IzAga 6:15

Ngalokho ingozi yakhe iyakufika ngokuzumayo; ngokuphazima kweso uyakwaphulwa, kungabikho ukuphiliswa.

NgokukaLuka 12:46

inkosi yaleyo nceku iyakufika ngosuku engayibhekile ngalo nangomzuzu engawaziyo, iyinqumanqume, iyabele nabangakholekile.

NgokukaMarku 13:35

Ngakho lindani, ngokuba anazi ukuthi inkosi yendlu iyakufika nini , noma ngokuhlwa, noma phakathi kobusuku , noma ngokukhala kwezinkuku , noma ekuseni,

NgokukaMathewu 24:42

Ngakho-ke lindani, ngokuba anazi ukut hi iNkosi yenu iyakufika ngaluphi usuku.

NgokukaMathewu 24:44

Ngalokho nani hlalani nilungele, ngokuba iNdodana yomuntu iyakufika ngesikhathi eningasicabangiyo.

NgokukaMathewu 24:50

inkosi yaleyo nceku iyakufika ngosuku engayibhekile ngalo nangeho ra engalaziyo,

U-Isaya 66:23

Kusukela ekwethwaseni kwenyanga kuye kwenye, kusukela kwelinye isabatha kuye kwelinye yonke inyama iyakufika ukukhuleka phambi kwami , usho uJehova.

UDaniyeli 11:15

Iyakufika inkosi yasenyakatho, inqwabele iduli, ithathe umuzi obiyelweyo; izingalo zaseningizimu aziyikuma , nabantu bayo abakhethiweyo abayikuba namandla okuma.

UJeremiya 1:15

Ngokuba bheka, ngiyakubiza yonke imindeni yemibuso yasenyakatho, usho uJehova. Iyakufika, yilowo nalowo ubeke isihlalo sawo sobu khosi ezikhaleni zamasango aseJerusalema , nakuzo zonke izingange zalo nxazonke , nakuyo yonke imizi yakwaJuda.

UJeremiya 36:29

NgoJehoyakimi inkosi yakwaJuda uyakusho uthi: Usho kanje uJehova, uthi: Uwushisile lo mqulu ngokuthi : Ulobeleni kuwo ukuthi inkosi yaseBabele iyakufika nokufika ukuchitha leli zwe , yenze ukuba kuphele kulo abantu nezilwane, na?

UMalaki 3:1

Bhekani, ngiyathuma isithunywa sami ; siyakulungisa indlela phambi kwami. INkosi eniyifunay o iyakufika ngokuzumayo ethempelini layo ; nesithunywa sesivumelwano enithokoza ngaso , bheka, siyeza, usho uJehova Sebawoti.