Skip to Content

"iyakuthatha"

6 occurrences in ZUL

1 uSamuweli 8:11

Wathi: Nanka amalungelo enkosi eyakubusa phezu kwenu : iyakuthatha amadodana enu, izibekele wona ezinqoleni zayo nasemahhashini ayo, agijime phambi kwezinqola zayo;

1 uSamuweli 8:13

Iyakuthatha amadodakazi enu abe ngabathaki , nabapheki, nabaphekizinkwa.

1 uSamuweli 8:14

Iyakuthatha amasimu enu, nezivini zenu, neminqumo yenu emihle, ikunike izinceku zayo.

1 uSamuweli 8:15

Iyakuthatha okweshumi kwembewu yenu nokwesivini senu , ikunike izinduna zayo nezinceku zayo.

1 uSamuweli 8:16

Iyakuthatha izinceku zenu , nezincekukazi zenu , nezinsizwa zenu ezinhle , nezimbongolo zenu, izenze ukuba zisebenze imisebenzi yayo.

1 uSamuweli 8:17

Iyakuthatha okweshumi kwezimvu zenu, nibe yizinceku zayo.