Skip to Content

"izanusi"

10 occurrences in ZUL

U-Eksodusi 7:11

Khona uFaro wabiza izihlakaniphi nabalumbi ; izanusi zaseGibithe nazo zenze njalo ngemilingo yazo.

U-Eksodusi 7:22

Izanusi zaseGibithe zenze njalo ngemilingo yazo , yaze yaba lukhuni inhliziyo kaFaro; kabalalelanga, njengalokho eshilo uJehova.

U-Eksodusi 8:19

Zase zithi izanusi kuFaro : Lokhu kungumunwe kaNkulunkulu . Kepha inhliziyo kaFaro yaba lukhuni, kabalalelanga, njengalokho eshilo uJehova. Inhlupheko yesine: izibawu

U-Eksodusi 8:7

Izanusi zenze njalo ngemilingo yazo, zenyusela amasele ezweni laseGibithe.

U-Eksodusi 9:11

Izanusi zazingenakuma phambi kukaMose ngenxa yamathumba , ngokuba amathumba ayekhona kuzo izanusi nakubo bonke abaseGibithe.

UDaniyeli 1:20

Ezintweni zonke zokuhlakanipha nezokuqonda inkosi eyayibabuza ngazo yabafumanisa b edlula kayishumi zonke izanusi nabathwebulayo ababesembusweni wayo wonke.

UDaniyeli 2:2

Yayisiyaleza inkosi ukuba kubizwe izanusi , nabathwebulayo, nabalumbi, namaKaledi ukuba bachazele inkosi amaphupho ayo . Bangena, bema phambi kwenkosi.

UDaniyeli 4:7

Zase zifika izanusi , nabathwebulayo, namaKaledi, nabahlola imihlola , ngabatshela iphupho, kepha abangazisanga incazelo yalo.

UGenesise 41:24

Izikhwebu ezincane zagwinya izikhwebu eziyisikhombisa ezinhle ; ngakulandisa izanusi, kepha sasingekho esingangazisa khona.

UGenesise 41:8

Kwathi ekuseni umoya wakhe wakhathaz eka; wathuma wabiza izanusi zonke zaseGibithe nezihlakaniphi zonke zalo ; uFaro wazilandisa iphupho lakhe; kepha akubangakho ongachazela wona uFaro.