Skip to Content

"izikhathi"

32 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 22:16

Yayisithi kuye inkosi : Ngiyakukufungisa izikhathi ezingaki ukuba ungakhulumi lutho kimi ngaphandle kweqiniso egameni likaJehova na?

1 iziKronike 12:32

Kubantwana bakwa -Isakare ngabazi ukuqonda izikhathi ukuba bazi okufanele ukwenziwa ngu -Israyeli; izinhloko zabo zazingamakhulu amabili; bonke abafowabo balalela izwi labo.

1 iziKronike 9:25

Abafowabo emizaneni yabo babeyakungena emva kwezinsuku eziyisikhombisa njalo izikhathi ngezikhathi ukuba babe nabo,

1 uSamuweli 20:25

Inkosi yahlala esihlalweni sayo njengakwezinye izikhathi , isihlalo esingasodongeni; uJonathani wema , u-Abineri wahlala ngaseceleni kukaSawule; kepha indawo kaDavide yayiyize.

1 uSamuweli 3:10

UJehova wafika , wema, wambiza njengakwe zinye izikhathi : Samuweli, Samuweli! USamuweli wathi: Khuluma, ngokuba inceku yakho iyezwa.

2 iziKronike 18:15

Yayisithi kuye inkosi : Ngiyakukufungisa izikhathi ezingaki ukuba ungakhulumi lutho kimi ngaphandle kweqiniso egameni likaJehova na?

2 kuThimothewu 1:9

owasisindisa, wasibiza ngobizo olungcw ele, kungengokwemisebenzi yethu kepha ngokwelakhe icebo nomusa , esawuphiwa kuKristu Jesu zingakabikho izikhathi,

2 kuThimothewu 3:1

Kepha yazi lokhu ukuthi ezinsukwini zokugcina kuzakuvela izikhathi ezinzima;

AbAhluleli 16:20

Wathi: AmaFilisti aphezu kwakho, Samsoni. Wavuka ebuthongweni, wathi: Ngiyakuphuma njengangezinye izikhathi , ngizithintithe. Kepha wayengazi ukuthi uJehova wayemukile kuye.

AbAhluleli 20:30

Abantwana bakwa-Israyeli bakhuphuka ukulwa nabantwana bakwaBenjamini ngosuku lwesithathu , bazihlelela ukulwa neGibeya njengakwezinye izikhathi.

AbAhluleli 20:31

Abantwana bakwaBenjamini baphuma ukulwa nabantu , badonswa, baphuma emzini ; baqala ukubulala nokuceka abantu njengakwezinye izikhathi emendweni, omunye okhuphukela eBethele , omunye oya eGibeya ensimini, kungathi amadoda angamashumi amathathu kwa-Israyeli.

AmaHubo 104:19

Wenza inyanga ibe ngeyokwahlukanisa izikhathi ; ilanga liyazi ukushona kwalo.

AmaHubo 31:15

Izikhathi zami zisesandleni sakho ; ngikhulule esandleni sezitha zami nakwabangizingelayo.

EkaJuda 1:25

kuye uNkulunkulu oyedwa , uMsindisi wethu ngaye uJesu Kristu iNkosi yethu, makube ngukukhazimula, nobukhosi, namandla, negunya, kungakabikho izikhathi, namanje nakuze kube phakade. Amen.

IzEnzo 17:26

wazenza izizwe zonke ngagazi linye ukuba zakhe ebusweni bonke bomhlaba, wamisa izikhathi ezinqunyiweyo nemikhawulo yokuhlala kwazo,

IzEnzo 17:30

Ngokuba izikhathi zokungazi wazithalalisa uNkulunkulu , kodwa kalokhu usememezela kubantu ukuba bonke ezindaweni zonke baphenduke,

IzEnzo 1:7

Wathi kubo : Akusikho okwenu ukwazi izikhathi noma imizuzu uBaba akumisele ngamandla akhe;

IzEnzo 3:20

ukuze kufike izikhathi zokuhlunyelelwa ezivela ebusweni beNkosi nokuba ithume uKristu Jesu enimmiselweyo,

KwabaseKolose 1:26

ngisho imfihlakalo ebifihlakele selokhu kwaqala izikhathi nezizukulwane , kepha kalokhu yambuliwe kwabangcwele bakhe;

NgokukaJohane 5:4

Ngokuba ingelosi yayehla izikhathi ngezikhathi , izamazamise amanzi, kuthi lowo ongene kuqala emva kokuzanyazanyiswa kwamanzi asinde esifweni sakhe, noma enasifo sini.

NgokukaLuka 21:24

Bayakuwa bedliwa yinkemba , bathunjelwe ezizweni zonke ; iJerusalema liyakunyathelwa phansi ngabezizwe, kuze kugcwaliseke izikhathi zabezizwe.

U-Esteri 1:13

Yayisisho inkosi kwabahlakaniphileyo abazazi izikhathi ngokuba yayinendlela enjalo inkosi phambi kwabo bonke ababewazi umthetho nokwahlulela;

UDaniyeli 2:21

uyaguqula izikhathi nezinkathi; uyasusa amakhosi, abeke amakhosi; unika abahlakaniphileyo ukuhlakanipha, nokwazi kwabaqonda ukwazi;

UDaniyeli 4:16

inhliziyo yakhe iyakuguqulwa ingabi ngeyomuntu , aphiwe inhliziyo yesilwane, kudlule izikhathi eziyisikhombisa phezu kwakhe.

UDaniyeli 4:23

Njengalokho inkosi yabona umlindi ongcwele ehla ezulwini , ethi: Gawula umuthi, uwuchithe, kepha shiya isiqu sezimpande zawo emhlabathini, sinesibopho sensimbi nesethusi , ohlazeni lwasendle, simanziswe ngamazolo ezulu, isabelo saso sibe nezilwane zasendle , kuze kudlule izikhathi eziyisikhombisa phezu kwaso,

UDaniyeli 4:25

sokuthi uyakuxoshwa kubantu , inhlalo yakho ibe nezilwane zasendle , udliswe utshani njengezinkabi , umanziswe ngamazolo ezulu , kudlule izikhathi eziyisikhombisa phezu kwakho , uze wazi ukuthi oPhezukonke ubusa imibuso yabantu, ayinike amthandayo.

UDaniyeli 4:32

uyakuxoshwa kubantu , inhlalo yakho ibe nezilwane zasendle , udliswe utshani njengezinkabi, kudlule phezu kwakho izikhathi eziyisikhombisa , uze wazi ukuthi oPhezukonke ubusa imibuso yabantu, ayinike amthandayo.

UDaniyeli 7:25

Iyakukhuluma amazwi ngoPhezukonke , ikhathaze abangcwele boPhezukonke; iyakuhlosa ukuguqula izikhathi nomthetho; bayakukhashelwa esandleni sayo kuze kube yisikhathi nezikhathi nenxenye yesikhathi.

UHezekeli 4:10

Ukudla kwakho oyakukudla kuyakuba ngesil inganiso, amashekeli angamashumi amabili ngosuku, ukudle izikhathi ngezikhathi.

UHezekeli 4:11

Namanzi uyakuwaphuza ngesilinganiso, inxenye yesithupha yehini, uphuze izikhathi ngezikhathi.

UJeremiya 8:7

Nonogolantethe emkhathin i uyazazi izikhathi zakhe ezimisiweyo , ihobhe, nenkonjane, nonohemu bagcina isikhathi sokufika kwabo, kepha abantu bami abazazi izahlulelo zikaJehova.

UJobe 24:1

Kungani ukuba uSomandl a angazibekeleli izikhathi zokw ahlulela, abamaziyo babone imihla yakhe, na?