Skip to Content

"izimpi"

16 occurrences in ZUL

1 iziKronike 22:8

Kepha izwi likaJehova lafika kimi , lathi: U chithile igazi eliningi , uphake izimpi ezinkulu ; awuyikwakhela igama lami indlu , ngokuba uchithe igazi eliningi emhlabathini emehlweni ami;

1 uSamuweli 17:1

AmaFilisti abutha izimpi zawo ukuba alwe ; abuthana eSoko lakwaJuda , amisa phakathi kweSoko ne-Azeka e-Efesi Damimi.

1 uSamuweli 18:17

USawule wathi kuDavide : Bheka, indodakazi yami enkulu uMerabi ngiyakukunika yona ibe ngumkakho; yiba yiqhawe lami kuphela, ulwe izimpi zikaJehova. Ngokuba uSawule wathi: Isandla sami masingabi phezu kwakhe , kepha isandla samaFilisti masibe phezu kwakhe.

1 uSamuweli 25:28

Ake uthethelele icala lencekukazi yakho , ngokuba uJehova uyakuyenzela nokuyenzela inkosi yami indlu eqinileyo impela , lokhu inkosi yami ilwa izimpi zikaJehova; ububi abuyikufunyanwa kuwe zonke izinsuku zakho.

1 uSamuweli 29:1

AmaFilisti abutha zonke izimpi zawo e -Afeki; abakwa-Israyeli bamisa ngasemthonjeni oseJizreyeli.

1 uSamuweli 8:20

ukuze nathi sibe njengezizwe zonke , inkosi yethu isahlulele , iphume phambi kwethu, ilwe izimpi zethu.

2 iziKronike 32:8

okunaye yingalo yenyama; okunathi nguJehova uNkulunkulu wethu ukuba asisize, alwe izimpi zethu . Abantu bencika emazwini kaHezekiya inkosi yakwaJuda.

AbAhluleli 8:10

OZeba noSalimuna babeseKarkori , izimpi zabo zinabo kungathi abantu abayizinkulungwane eziyishumi nanhlanu, bonke ababesele empini yonke yabasempumalanga, ngokuba kwakuwile abantu abayizinkulungwane eziyikhulu namashumi amabili abahloma inkemba.

EkaJakobe 4:1

Zivelaphi izimpi , nokulwa kuvelaphi phakathi kwenu na ? Akuveli yini lapho ezinkanukweni zenu ezilwayo ezithweni zenu na?

IsAmbulo 19:14

Izimpi zasezulwini zamlandela zikhwele amahhashi amhlophe , zembethe ilineni elicolekileyo, elimhlophe nelihlanzekileyo.

KumaHeberu 11:34

bacima amandla omlilo, baphepha osikweni lwenkemba, baphiwa amandla ebuthakathakeni, baba yiziqhwaga empini, baxosha izimpi zabezizwe.

NgokukaMarku 13:7

Nxa nizwa izimpi namahemuhemu ezimpi , ningethuki; kumelwe ukuba kwenzeke, kepha ukuphela koba kungakafiki.

NgokukaMathewu 24:6

Niyakuzwa izimpi namahemuhemu ezimpi . Bhekani ningethuki , ngokuba kumelwe ukuba kwenzeke, kepha ukuphela koba kungakafiki.

U-Eksodusi 14:20

Yafika phakathi kwempi yaseGibithe nempi yakwa-Israyeli; kwakukhona ifu nobumnyama, noma ikhanya ebusuku , ukuze izimpi zingakwazi ukusondelana ubusuku bonke.

UDaniyeli 11:31

Izimpi ziyakuvela nayo, zingcolise indlu engcwele, inqaba, zisuse umnikelo oshiswa imihla yonke, zimise isinengiso esichithayo.

UJobe 25:3

Ukhona yini ongabala izimpi zakhe, nokukhanya kwakhe akuphumeli bani na?