Skip to Content

"izimvaba"

7 occurrences in ZUL

NgokukaLuka 5:37

Futhi akakho othela iwayini elisha ezimvabeni ezindala funa iwayini elisha liqhumise izimvaba, lichitheke lona, nezimvaba zonakale.

NgokukaMarku 2:22

Futhi akakho othela iwayini elisha ezimvabeni ezindala , funa iwayini liqhumise izimvaba, lichitheke iwayini, nezimvaba zonakale; kodwa iwayini elisha lithelwa ezimvabeni ezintsha. UJesu uchachisa umyalelo wesabatha (Math. 12:1; Luk. 6:1)

NgokukaMathewu 9:17

Akuthelwa futhi iwayini elisha ezimvabeni ezindala , funa izimvaba ziqhume, newayini lichitheke , nezimvaba zonakale . Kodwa iwayini elisha balithela ezimvabeni ezintsha, kulondeke kokubili. Indodakazi kaJayiru ivuswa ekufeni (Mark. 5:21; Luk. 8:40)

UJeremiya 13:11

Ngokuba njengalokhu ibhande linamathela okhalweni lomuntu , kanjalo ngiyinamathelisile kimi yonke indlu yakwa -Israyeli nayo yonke indlu yakwaJuda, usho uJehova , U kuba babe ngabantu bami , negama, nodumo, nendumiso, kepha kabalalelanga. Izimvaba ezaphukileyo

UJeremiya 13:12

Uyakukhuluma kubo leli zwi lokuthi: Usho kanje uJehova uNkulunkulu ka- Israyeli, uthi: Zonke izimvaba ziyagcwaliswa ngewayini . Bayakusho kuwe ukuthi: Impela asazi yini ukuthi zonke izimvaba zigcwaliswa ngewayini na?

UJeremiya 48:12

Ngalokho bheka , izinsuku ziyeza , usho uJehova , engiyakuthuma ngazo kuye abathambekay o abayakumthambeka, bazithulule izitsha zakhe , baziphohloze izimvaba zakhe.

UJobe 38:37

Ngubani ongabala amafu ngokuhlakanipha , ngubani ongathulula izimvaba zasezulwini,