"izindlebe"
32 occurrences in ZUL
ngokuba amehlo eNkosi aphezu kwabalungileyo , izindlebe zayo zisekunxuseni kwabo, kepha ubuso beNkosi buphezu kwabenza okubi.
UJehova wathi kuSamuweli : Bheka, ngiyakwenza into kwa -Israyeli eziyakunkeneneza ngayo izindlebe zombili zabo bonke abayizwayo.
ngalokho usho kanje uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Bheka, ngiletha okubi phezu kweJerusalema naphezu kukaJuda ngangokuthi bonke abakuzwayo, izindlebe zabo zombili ziyakunkeneza ngakho.
Manje amehlo ami ayakuvuleka , izindlebe zami zilalele umkhuleko owenziwa kule ndawo.
bafulathelise izindlebe zabo eqinisweni, baphambukele ezinganekwaneni.
Izindlebe zinazo, kepha azizwa; zinamakhala, kepha azihogeli.
Nkosi, yizwa izwi lami; izindlebe zakho mazilalele izwi lokuncenga kwami.
Izindlebe zinazo, kepha azizwa, nomoya awukho emlonyeni wazo.
Amehlo kaJehova akubo abalungileyo ; izindlebe zakhe zikukho ukukhala kwabo.
Umhlatshelo nomnikelo wokudla awuwuthandi ; izindlebe zami uzibhobozile; umnikelo wokushiswa nomnikelo wesono awuwubizi.
Zwanini, bantu bami , umthetho wami , nibeke izindlebe zenu emazwini omlomo wami.
Base bekhamuluka ngezwi elikhulu , bavala izindlebe , batheleka kuye kanyekanye,
Zase zivuleka izindlebe zaso , wathukuluka masinyane umthambo wolimi lwaso, sakhuluma kahle.
Amehlo ababonayo awayikuphuphutheka ; izindlebe zabezwayo ziyakulalela.
Yena ohamba ngokulunga , okhuluma ngobuqotho , odelela inzuzo yokucindezela, othintitha izandla zakhe ukuze angamukeli imivuzo , ovala izindlebe zakhe ukuze angezwa nge gazi, ocimeza amehlo akhe ukuze angaboni okubi,
Ubona izinto eziningi, kepha awuqapheli; izindlebe zakhe zivulekile, kepha akezwa.
Bekani izindlebe , nize kimi , nizwe, uyakuphila umphefumulo wenu ; ngiyakwenza nani isiv umelwano esiphakade , izenzo zomusa oqinisekileyo zikaDavide.
Kepha abalalela, ababekanga izindlebe zabo, kepha bahamba, kwaba yilowo nalowo ngobulukhuni benhliziyo yakhe embi; ngase ngehlisela phezu kwabo onke amazwi alesi sivumelwano engabayala ukuwenza , kepha kabawenzanga.
nakuba bengalalelanga , bengabekanga izindlebe , kepha benza lukhuni intamo yabo, ukuze bangezwa, balaywe.
uthi: Zwanini izwi likaJehova nina makhosi akwaJuda nabakhileyo eJerusalema; usho kanje uJehova Sebawoti , uNkulunkulu ka -Israyeli, uthi: Bhekani, ngiyakwehlisela okubi phezu kwale ndawo , nabo bonke abakuzwayo, izindlebe zabo ziyakunkeneneza ngakho.
Ngasekugcineni kweminyaka eyisikhombisa niyakuvumela , kube yilowo nalowo umfowabo ongumHeberu othengisiwe kuw e, wakukhonza iminyaka eyisithupha, ukuba ahambe , nimdedele, akhululeke kini . Kepha oyihlo abangilalelanga, ababekanga izindlebe.
Futhi ngithume kini zonke izinceku zami abaprofethi , ngibathuma njalonjalo, ngokuthi: Ake nibuye, kube yilowo nalowo endleleni yakhe embi , nenze imisebenzi yenu ibe mihle , ningalandeli aban ye onkulunkulu ukuba nibakhonze; khona niyakuhlala ezweni engilinike nina nawoyihlo . Kepha anibekanga izindlebe zenu, aningizwanga.
Kepha abalalelanga, ababekanga izindlebe zabo ukuba babuye ebubini babo, bangashiseli abanye onkulunkulu impepho.
Ngiyakukhuluma kubani , ngifakaze ukuba bezwe , na? Bheka, izindlebe zabo azisokile, abanakulalela; bheka, izwi likaNkulunkulu seliyihlazo kubo , abathokozi ngalo.
Kepha abalalelanga , ababekanga izindlebe zabo , kepha bahamba ngamacebo abo nangenkani yezinhliziyo zabo ezimbi ; bahlehla, abayanga phambili.
Nokho abangilal elanga, ababekanga izindlebe zabo , kepha benza lukhuni izintamo zabo; benza kabi kunawoyise.
Yebo, zwanini izwi likaJehov a nina besifazane, izindlebe zenu zilamukele izwi lomlomo wakhe , nifundise amadodakazi enu ukukhala , kube yilowo nalowo umakhelwane wakhe ukulila.
khona uyavula izindlebe zabantu, abeke uphawu ekufundisweni kwabo,
Uyavulela izindlebe zabo ukulaywa, asho ukuba babuye ebubini.
Abezizwe bayakubona , babe namahloni ngamandla abo onke , babeke isandla sabo emlonyeni wabo, izindlebe zabo zibe yizithulu.
Wafunda kuwo phambi kwesigcawu esasiphambi kweSango Lamanzi , kusukela ekuseni kuze kube semini, phambi kwabesilisa nabesifazane nababe nengqondo yokuzwa; izindlebe zabantu bonke zalalela incwadi yomthetho.
Kepha bala ukulalela , baphekula ihlombe, benza izindlebe zabo zaba buthuntu ukuba bangezwa.