Skip to Content

"izingane"

24 occurrences in ZUL

1 uSamuweli 22:19

INobi, umuzi wabapristi , walichitha ngosiko lwenkemba, abesilisa nabesifazane, izingane nabancelayo, izinkabi nezimbongolo nezimvu, ngosiko lwenkemba.

2 AmaKhosi 8:12

UHazayeli wathi: Inkosi yami ikhalelani na? Yathi: Ngokuba ngiyazi okubi oyakukwenza kubantwana bakwa -Israyeli; uyakuthungela izinqaba zabo ngomlilo, ubulale izinsizwa zabo ngenkemba, uphahlaze izingane zabo, uqaqe abesifazane babo abakhulelweyo.

2 uSamuweli 15:22

UDavide wathi ku -Ithayi: Hamba, uwele. U-Ithayi umGiti wawela kanye nabo bonke abantu bakhe nazo zonke izingane ezazinaye.

AbAhluleli 18:21

Baphenduka, bamuka, babeka izingane , nezinkomo, nempahla phambi kwabo.

AmaHubo 17:14

nakubantu ngesandla sakho , Jehova, abantu baleli zwe abasabelo sabo sikulokhu kuphila, nabasisu sabo usigcwalisa ngengcebo yakho, nabashiyela izingane zabo okusele kubo.

IsiLilo 1:5

Abamelene nalo sebe yinhloko , izitha zalo zinokuthula , ngokuba uJehova ulihluphile ngenxa yobuningi beziphambeko zalo ; izingane zalo ziye ekuthunjweni ebusweni bezitha.

IsiLilo 2:11

Amehlo ami ayaphela izinyembezi , izibilini zami ziyaxhaphazela ; isibindi sami sithululelwe emhlabathini ngenxa yokuchitheka kwendodakazi yabantu bami, ngokuba izingane nabancelayo bayadangala ezigcawini zomuzi.

IsiLilo 2:20

Bheka, Jehova, ubone ukuthi wenzile kanjalo kubani . Abesifazane bayakudla yini izithelo zabo , izingane eziphathiweyo kahle, na? Abaprofethi nabapristi bayakubulawa endlini engcwele yeNkosi, na?

IsiLilo 4:10

Izandla zabesifazane abahawukelayo zapheka izingane zabo; zazingukudla kwabo ngokuchithwa kwendodakazi yabantu bami.

IsiLilo 4:4

Ulimi loncelayo lunamathel a olwangeni lwakhe ngokoma . Izingane zicela isinkwa, kepha akakho ozihlephulelayo.

IzEnzo 7:19

Yona yasiphatha ngobuqili isizwe sakithi, yabahlupha obaba ngokubalahlisa izingane zabo zingaphili.

NgokukaLuka 10:21

Ngasona leso sikhathi wathokoza ngoMoya oNgcwele , wathi: Ngiyakubonga, Baba, Nkosi yezulu nomhlaba , ngokuba ukufihlile lokho kwabahlakaniphileyo nabanokuqonda, wakwambulela izingane; yebo, Baba, ngokuba kwaba kuhle phambi kwakho ukuba kube njalo.

NgokukaMathewu 11:25

Ngalelo hora uJesu wakhuluma wathi : Ngiyakubonga, Baba, Nkosi yezulu nomhlaba, ngokuba ukufihlile lokhu kwabahlakaniphileyo nabanokuqonda , wakwambulela izingane;

U-Eksodusi 10:24

UFaro wambiza uMose , wathi: Hambani nimkhonze uJehova , kusale kuphela izimvu zenu nezinkomo zenu; izingane zenu zingahamba nani.

U-Esteri 3:13

Izincwadi zathunywa ngesandla sezigijimi ezifundeni zonke zenkosi ukuba kuchithwe, kubulawe, kubhujiswe abaJuda bonke, abasha nabadala, izingane nabesifazane, ngalusuku lunye , ngolweshumi nantathu lwenyanga yeshumi nambili eyinyanga ka-Adari, impahla yabo ibe yimpango.

U-Esteri 8:11

inkosi eyavumela ngakho abaJuda ababesemizini ngemizi ukuba babuthane, bamele ukuphila kwabo , bachithe, babulale, babhubhise onke amabutho abantu nawesifunda abahlaselayo, izingane nabesifazane, impahla yabo ibe yimpango,

U-Isaya 13:16

Izingane zabo ziyakuchotshozwa emehlweni abo , izindlu zabo ziphangwe, omkabo baphoqwe.

U-Isaya 3:12

Abantu bami -ke izingane ziyabacindezela , nabesifazane bayababusa . O bantu bami, abaniholayo bayanidukisa; bachitha indlela yemikhondo yakho.

UGenesise 45:19

Usuyaliwe: Yenzani lokhu: Nithathele izingane zenu nawomkenu izinqola ezweni laseGibithe, nilethe uyihlo, bese niza.

UGenesise 50:8

nendlu yonke kaJosefa , nabafowabo, nendlu kayise ; bashiya ezweni laseGosheni izingane zabo, nezimvu zabo, nezinkomo zabo kuphela.

UHoseya 13:16

ISamariya liyakuthwala icala lalo , ngokuba lihlubukile uNkulunkulu walo ; bayakuwa ng enkemba, izingane zabo zichotshozwe , abakhulelweyo babo baqaqwe.

UJeremiya 44:7

Manje usho kanje uJehova uNkulunkulu Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Nenzelani lokhu okubi okukhulu kuyo imiphefumulo yenu , ninqume kini abesilisa nabesifazane , izingane nabancelayo phakathi kukaJuda , nize ningashiyelwa nsali,

UJobe 21:11

Bakhipha izingane zabo njengomhlambi; abantwana babo bayagida.

UJoweli 2:16

buthani abantu , ningcwelise ibandla , niqoqe abada la, nibuthe izingane nabancelayo; umyeni makaphume ekamelweni lakhe , nomakoti emgonqweni wakhe.