Skip to Content

"izinhlamvu"

14 occurrences in ZUL

2 uSamuweli 18:11

UJowabe wathi kumuntu omtshelileyo : Bheka, ukubonile, awumjuqanga ngani khona , awele phansi , na? Nga ngikunikile izinhlamvu eziyishumi zesiliva nebhande.

2 uSamuweli 18:12

Wathi-ke umuntu kuJowabe : Noma bengiyakukhokhelwa izinhlamvu eziyinkulungwane zesiliva esandleni sami , nokho bengingayikuselulela isandla sami endodaneni yenkosi, ngokuba ezindlebeni zethu inkosi yakuyala wena no-Abishayi no-Ithayi ukuthi: Yilondeni insizwa u-Abisalomu.

AbAhluleli 16:5

Amakhosi amaFilisti enyukela kuye , athi kuye : Myenge, ubone ukuthi amandla akhe amakhulu aphi nokuthi singamahlula ngani ukuba simbophe , simnqobe; siyakukunika, kube yilowo nalowo, izinhlamvu eziyinkulungwane nekhulu zesiliva.

AbAhluleli 17:10

UMika wayesethi kuye : Hlala kimi , ube ngubaba nompristi wami , ngiyakukunika izinhlamvu eziyishumi zesiliva ngomnyaka , nesambatho, nokudla kwakho. UmLevi wangena.

AbAhluleli 17:4

Kepha walibuyisela isiliva kunina , unina wathatha izinhlamvu ezingamakhulu amabili zesiliva , wazinika umkhandi wesiliva owenza ngazo isithombe esibaziweyo nesibunjiweyo; zase zihlala endlini kaMika.

IsiHlabelelo seziHlabelelo 8:11

USolomoni wayenesivini eBali Hamoni ; wasinika isivini kubaphathi ; baletha, kwaba yilowo nalowo , izinhlamvu eziyinkulungwane ze siliva ngezithelo zaso.

NgokukaMathewu 26:15

wathi: Niyakunginikani, ngimkhaphele kini, na? Base bemnika izinhlamvu zesiliva ezingamashumi amathathu.

NgokukaMathewu 27:3

Khona uJu da owamkhaphelayo , ebona ukuthi ulahliwe , wazisola, wabuyisela izinhlamvu zesiliva ezingamashumi amathathu kubapristi namalunga,

NgokukaMathewu 27:5

Wayesephonsa izinhlamvu zesiliva ethempelini, wamuka, waziphanyeka.

NgokukaMathewu 27:6

Kepha abapristi abakhulu bazithatha izinhlamvu zesiliva , bathi: Akuvunyelwe ukuzifaka emnikelweni, ngokuba kuyimali yegazi.

NgokukaMathewu 27:9

Khona kwagcwaliseka okwashiwo ngomprofethi uJeremiya ukuthi: Bathatha izinhlamvu zesiliva ezingamashumi amathathu , inani lowamiselwa inani onani lakhe lamiswa ngamadodana ka-Israyeli;

UGenesise 45:22

Kubo bonke , kwaba yilowo nalowo , wanika izingubo zokuphendulela ; kepha uBenjamini wamupha izinhlamvu ezingamakhulu amathathu zesiliva nezingubo eziyisihlanu zokuphendulela.

UZakariya 11:12

Ngase ngithi kuzo: Uma kukuhle emehlweni enu, ngipheni inkokhelo yami, kepha uma kungenjalo, yekani. Zase zilinganisela inkokhelo yami izinhlamvu ezingamashumi amathathu zesiliva.

UZakariya 11:13

Wathi kimi uJehova : Ziphonse kumbumbi, inani elikhulu engilinganisiwe nalo yibo . Ngazamukela izinhlamvu ezingamashumi amathathu zesiliva , ngaziphonsa kumbumbi endlini kaJehova.