Skip to Content

"izinhlanzi"

15 occurrences in ZUL

AmaHubo 105:29

Waphendula amanzi abo aba yigazi; wabhubhisa izinhlanzi zabo.

NgokukaJohane 21:10

UJesu wathi kubo: Lethani izinhlanzi kwenizibambe manje.

NgokukaJohane 21:11

Wasuka uSimoni Petru , walihudulela emhlabathini inetha . Ligcwele izinhlanzi ezinkulu , ziyikhulu namashumi ayisihlanu nantathu ; noma zingako, inetha alidabukanga.

NgokukaLuka 5:6

Sebekwenzile lokho babamba izinhlanzi eziningi kakhulu , aze agqabuka amanetha abo.

U-Eksodusi 7:18

Izinhlanzi ezisemfuleni ziyakufa , umfula unuke ; abaseGibithe bayakunengwa ngukuphuza amanzi emfuleni.

U-Eksodusi 7:21

Izinhlanzi zasemfuleni zafa ; umfula wanuka ; abaseGibithe babengenakuphuza amanzi asemfuleni; igazi lalikhona ezweni lonke laseGibithe.

U-Isaya 50:2

Ngalokho ekufikeni kwam i kwaba ngani ukuba kungabikho muntu , nasekubizeni kungabikho ophendulayo , na? Isandla sami sifinyeziwe nokufinyezwa, ukuze singahlengi na ? Noma angisenamandla okophula na ? Bheka, ngokukhuza kwami ngiyomisa ulwandle , ngenze imifula ibe yihlane ; izinhlanzi zalo ziyanuka, ngokuba awakho amanzi, ziyafa ukoma.

UGenesise 9:2

Uvalo nokwesabeka kwenu akube phezu kwezilwane zonke zomhlaba , naphezu kwazo zonke izinyoni zezulu , naphezu kwakho konke okunwabuzelayo em hlabeni, naphezu kwazo zonke izinhlanzi, kunikezelwe ezandleni zenu.

UHezekeli 29:4

Ngiyakufaka izindobo emihlathini yakho, nginamathelise izinhlanzi zemifula yakho ezingcwecweni zakh o, ngikukhuphule phakathi kwemifula yakh o kanye nazo zonke izinhlanzi zemifula yakh o ezinamathela ezingcwecweni zakho.

UHezekeli 29:5

Ngiyakukulahla ehlane , wena nazo zonke izinhlanzi zemifula yakho , uwe ebusweni bomhlabathi ; awuyikubuthwa, ulandwe; ngiyakukunika ube ngukudla kwezilwane zomhlaba nokwezinyoni zezulu.

UHezekeli 38:20

ukuba kuthuthumele phambi kwami izinhlanzi zolwandle , nezinyoni zezulu, nezilwane zasend le, nazo zonke izilwanyana ezinwabuzelayo emhlabeni, nabo bonke abantu abasebusweni bomhlaba , izintaba zidilizelwe phansi, amawa awe, nezingange zonke ziwele phansi.

UHezekeli 47:10

Kuyakuthi kume kuwo abadobi kusukela e -Eni Gedi kuze kube se - Enegelayimi, kube ngokokwenekwa kwamanetha; kuyakuba khona izinhlanzi ngezinhlobo zazo njengezinhlanzi zoLwandle Olukhulu, zibe ziningi kakhulu.

UNehemiya 13:16

AbaseTire ababehlala khona bangenisa izinhlanzi nez impahla zezinhlobo zonke, bathengisa ngakho ngesabatha kubantwana bakwaJuda naseJerusalema.

UNumeri 11:22

Bayakuhlatshelwa izimvu nezinkomo ukuba zibanele na ? Noma bayakubuthelwa yini izinhlanzi zonke zolwandle ukuba zibanele na?

UNumeri 11:5

Siyakhumbula izinhlanzi esazidla eGibithe ngesihle , namakukamba, namakhabe, namaliki, nohanyanisi, nesweli;