Skip to Content

"izinqaba"

24 occurrences in ZUL

2 AmaKhosi 8:12

UHazayeli wathi: Inkosi yami ikhalelani na? Yathi: Ngokuba ngiyazi okubi oyakukwenza kubantwana bakwa -Israyeli; uyakuthungela izinqaba zabo ngomlilo, ubulale izinsizwa zabo ngenkemba, uphahlaze izingane zabo, uqaqe abesifazane babo abakhulelweyo.

2 iziKronike 11:11

Waziqinisa izinqaba, wabeka izinduna kuzo, nokudla, namafutha, newayini.

2 iziKronike 17:12

UJehoshafati wayelokhu ekhula njalo , waze waba mkhulu kakhulu ; wakha izinqaba nemizi yokubekelela kwaJuda.

2 iziKronike 27:4

Wakha imizi ezintabeni zakwaJuda ; emahlathini wakha izinqaba nemibhoshongo.

2 iziKronike 36:19

Bayishisa indlu kaNkulunkulu , baludiliza ugange lwaseJerusalema , bazishisa zonke izinqaba ngomlilo , bazichitha zonke izitsha ezinxanelekayo zakhona.

2 kwabaseKorinte 10:4

ngokuba izikhali zethu zokulwa kasizo ezenyama , kodwa ngaye uNkulunkulu zinamandla okubhidliza izinqaba, sichitha izizindlo,

IsiLilo 2:2

INkosi igwinyile onke amakhaya kaJakobe ingahawukelanga. Ngentukuthelo yayo, ibhidlizile izinqaba zendodakazi yakwaJuda, yazidilizela emhlabathini, yangcolisa umbuso nezikhulu zawo.

IsiLilo 2:5

INkosi isinjengesitha, imgwinyile u-Israyeli; yagwinya zonke izindlu zakhe zobukhosi, yachitha izinqaba zakhe ; yandisile endodakazini yakwaJuda ukukhala nokulila.

U-Amose 3:11

Ngalokho isho kan je iNkosi uJehova , ithi: Isitha siyakulihaqa izwe , sehlise kini izinqaba zenu, ziphangwe izindlu zenu zamakhosi.

U-Amose 5:9

owenza ukuchitha ukuba kunyazime phezu kwabanamandla , nencithakalo ukuba yehlele izinqaba.

U-Isaya 23:11

Welulile isandla sakhe phezu kolwandle , wazamazamisa imibuso; uJehova uyalezile ngeKhanani ukuba kuchithwe izinqaba zalo.

U-Isaya 25:12

Izinqaba eziphakemeyo zezingange zakh o uyakuzibhidliza, azithobise, azenze ukuba zithintane nomhlabathi nothuli.

U-Isaya 33:16

yena uyakuhlala ekuphakameni, izinqaba zamadwala zibe yisivikelo sakhe , aphiwe isinkwa sakhe, amanzi akhe athembeke.

UDuteronomi 20:20

Imithi oyaziyo ukuthi ayisiyo imithi yokudla , yiyona kuphela oyakuyichitha, uyigawule, wakhe izinqaba ngasemzini olwa nawe, uze uwe.

UHezekeli 17:17

UFaro akayikumenzela impi enkulu nebandla elikhulu empini , lapho benqwabela iduli, bakhe izinqaba, ukuze banqume abantu abaningi.

UHezekeli 19:7

Labhidliza izinqaba zabo, lachitha imizi yabo , izwe lachitheka nokugcwala kwalo ngomsindo wokubhonga kwalo.

UHezekeli 21:22

Kwesokunene sayo kukhona inkatho iJerusalema ukuba kubekwe izinqama zokungqubuza, kuvulwe umlomo ngokumemeza, kuphakanyiswe izwi ngokukhala, ukuze kubekwe izinqama zokungqubuza emasangweni , kunqwatshelwe amaduli, kwakhiwe izinqaba.

UHoseya 10:14

Kuyakuvela ukuxokozela phakathi kwabantu bakho , zichithwe zonke izinqaba zakho , njengalokho uShalimani achitha iBeti Aribeli ngosuku lokulwa, unina echotshozwa phezu kwabantwana.

UJeremiya 48:18

Yehla ebukhosini bakho , uhlale womile , ndodakazi, ohlala eDiboni , ngokuba umchithi kaMowabi ukhuphukela kuwe, achithe izinqaba zakho.

UJobe 3:14

kanye namakhosi nabeluleki bomhlaba abazakhela izinqaba zamathuna,

UMika 5:11

ngiyinqume imizi yasezweni lakho, ngizidilize zonke izinqaba zakho.

UNahume 3:12

Zonke izinqaba zakho ziyimikhiwan e enamakhiwane ayingqalabutho; uma inyakaziswa, awela emlonyeni wodlayo.

UNahume 3:14

Zikhelele amanzi okuvinjezelwa , uqinise izinqaba zakho ; ngena odakeni , uxove ibumba, uqinise uhonela.

UmShumayeli 9:14

kwakukhona umuzi omncane , unabantu abayingcosana phakathi kwawo ; kwafika inkosi enkul u kuwo , yawuvimbezela, yakha izinqaba ezinkulu ngakuwo;