Skip to Content

"izinyane"

9 occurrences in ZUL

AbAhluleli 13:15

UManowa wayesethi engelosini kaJehova: Ake sikulibazise , sikulungisele izinyane lembuzi.

AbAhluleli 13:19

UManowa walithatha izinyane lembuzi kanye nomnikelo wempuphu , wanikela ngakho kuJehova edwaleni. Yase yenza okumangalisayo, uManowa nomkakhe bebukela.

AbAhluleli 14:6

UMoya kaJehova wafika phezu kwakhe ngamandla, walidwengula kungathi udwengula izinyane lembuzi , engaphethe lutho esandleni sakhe : kepha akabatshelanga uyise nonina abekwenzile.

AbAhluleli 6:19

UGideyoni wangena , walungisa izinyane lembuzi namaqebelengwane angenamvubelo e -efa lempuphu ; wayibeka inyama eqomeni , wawuthela umhluzi ekhanzini, wakukhiphela kuye phansi kwe-oki, wakunikela.

U-Eksodusi 23:19

Ukuqala kolibo lwezwe lakho wokuletha endlini kaJehova uNkulunkulu wakho. Awuyikupheka izinyane lembuzi obisini lukanina. Isithembiso sezwe laseKhanani

U-Eksodusi 34:26

Izandulela zolibo lwezwe lakho woziyisa endlini kaJehova uNkulunkulu wakho. Awuyikupheka izinyane lembuzi obisini lukanina.

UDuteronomi 14:21

Aniyikudla lutho lwengcuba; ungamnika umfokazi ophakathi kwamasango akho ukuba akudle , noma uthengise ngak ho kowezizwe , ngokuba wena uyisizwe esingcwele kuJehova uNkulunkulu wakho . Awuyikupheka izinyane lembuzi obisini lukanina. Okweshumi

UGenesise 38:20

UJuda wathuma izinyane lembuzi ngesandla somhlobo wakhe wase - Adulamu ukuba athathe isibambiso esandleni sowesifazane , kepha akamfumananga.

UJeremiya 14:5

Yebo, nendluzele izalela endle, ilishiye izinyane, ngokuba utshani abukho.