Skip to Content

"izinyembezi"

25 occurrences in ZUL

2 AmaKhosi 20:5

Buya, uthi kuHezekiya umholi wabantu bami : U sho kanje uJehova uNkulunkulu kaDavide uyihlo , uthi: Ngizwile umkhuleko wakho , ngibonile izinyembezi zakho ; bheka, ngiyakukuphilisa; ngosuku lwesithathu uyakwenyukela endlini kaJehova.

2 kuThimothewu 1:4

ngilangazelela ukukubona , ngikhumbula izinyembezi zakho , ukuze ngigcwaliswe ngentokozo,

AmaHubo 126:6

Ohamba ekhala izinyembezi , ephethe imbewu yokuhlwanyela, uyakubuya ngokuthokoza, ephethe izinyanda zakhe.

AmaHubo 42:3

Izinyembezi zami zingukudla kwami imini nobusuku , ngokuba usuku lonke bathi kimi: Uphi uNkulunkulu wakho na?

AmaHubo 56:8

Ukuzula kwami ukubalile wena ; yetha izinyembezi zami egabheni lakho ; azikho encwadini yakho na?

AmaHubo 80:5

Wabapha isinkwa sezinyembezi , wabaphuzisa izinyembezi ngesilinganiso esikhulu.

IsAmbulo 21:4

azesule izinyembezi zonke emehlweni abo ; ukufa akusayikuba khona ; nokudabuka, nokukhala, nobuhlungu akusayikuba khona ; ngokuba okokuqala kudlulile.

IsAmbulo 7:17

ngokuba iWundlu elingaphakathi nesihlalo sobukhosi liyakubelusa , libaholele emithonjeni yamanzi okuphila ; noNkulunkulu uyakwesula izinyembezi zonke emehlweni abo.

IsiLilo 1:16

Ngiyakhala ngalokhu; iso lami , iso lami liyamululeka izinyembezi , ngokuba umduduzi wami obeyakubuyisa umphefumulo wami ukude nami . Abantwana bami bachithekile, ngokuba isitha sahlulile.

IsiLilo 1:2

Uyakhala nokukhala ebusuku , izinyembezi zawo zisezihla thini zawo ; kawunamduduzi phakathi kwazo zonke izithandwa zawo ; bonke abangane bawo bawuphathe ngenkohliso, sebe yizitha zawo.

IsiLilo 2:11

Amehlo ami ayaphela izinyembezi , izibilini zami ziyaxhaphazela ; isibindi sami sithululelwe emhlabathini ngenxa yokuchitheka kwendodakazi yabantu bami, ngokuba izingane nabancelayo bayadangala ezigcawini zomuzi.

IsiLilo 2:18

Izinhliziyo zabo zikhala eNkosini ; wena lugange lwendodakazi yaseSiyoni , izinyembezi mazehl e njengemifula imini nobusuku . Mawungazivumeli ukuphumula, inhlamvu yeso lakho ingayeki.

NgokukaJohane 11:35

UJesu wakhala izinyembezi.

NgokukaMarku 14:72

Lase likhala masinyane iqhude ngokwesibili . UPetru wayesekhumbula izwi abelishilo kuye uJesu lokuthi : Iqhude lingakakhali kabili , uzakungiphika kathathu; wakhala nokukhala izinyembezi.

U-Isaya 15:3

Ezitaladini zabo bayabhinca indwangu yamasaka , nasophahleni lwabo nasezigcawini zabo bayaklewula bonke, bamululeka izinyembezi.

U-Isaya 25:8

Uyakugwinya ukufa kuze kube phakade ; iNkosi uJehova iyakwesula izinyembezi ebusweni bonke, isuse amahloni abantu bakhe emhlabeni wonke, ngokuba uJehova ukhulumile.

U-Isaya 38:5

Hamba, uthi kuHezekiya : U sho kanje uJehova uNkulunkulu kaDavide uyihlo, uthi: Ngizwile umkhuleko wakho , ngibonile izinyembezi zakho ; ngiyakwenezela ezinsukwini zakho iminyaka eyishumi nanhlanu.

UHezekeli 27:31

baziphucule izimpandla ngenxa yakho , babhince izindwangu zamasaka, bakukhalele izinyembezi ngomunyu womphefumulo.

UJeremiya 13:17

Kepha uma ningalaleli , umphefumulo wami uyakukhala ngasese ngokuzidla kwenu; iso lami liyakukhala nokukhala , limululeka izinyembezi, ngokuba umhlambi kaJehova uthunjiwe.

UJeremiya 14:17

Kepha uyakusho leli zwi kubo lokuthi : Amehlo ami mahlengezele izinyembezi imini nobusuku , zinganqamuki, ngokuba i ntombi, indodakazi yabantu bami , ilimele ngokulimala okukhulu , ngokushaywa okunzima kakhulu.

UJeremiya 9:18

basheshe basikhihlele isililo , ukuze amehlo ethu amululeke izinyembezi , nezinkophe zethu ziphophoze amanzi.

UJobe 16:20

Abangane bami bayangiklolodela; iso lami liphophoza izinyembezi kuNkulunkulu

UNehemiya 1:4

Kwathi lapho ngizwa lawo mazwi , ngahlala phansi, ngakhala izinyembezi, ngalila izinsuku ezithile, ngazila ukudla, ngakhuleka phambi kukaNkulunkulu wezulu,

UNumeri 14:1

Inhlangano yonke yayisiphakamisa izwi layo , yakhala. Abantu bakhala izinyembezi ngalobo busuku.

UmShumayeli 4:1

Ngase ngibuye ngabona konke ukucindezela okwenziwa phansi kwelanga ; bheka izinyembezi zabacindezelwayo ; babengenamduduzi. Ohlangothini lwababacindezelayo kwakukhona amandla, kepha bona babengenamduduzi.