"izitha"
139 occurrences in ZUL
Nokho wonke umbuso angiyikuwuhlwitha , kepha ngiyakunika indodana yakho isizwe sibe sinye ngenxa kaDavide inceku yami nangenxa yeJerusalema engilikhethileyo. UNkulunkulu umvusela uSolomoni izitha
Base benyukela eBali Pherasimi , uDavide wa wachitha; uDavide wathi : UNkulunkulu ufohlele izitha zami ngesandla sami njengokufohla kwamanzi . Ngalokho baqamba igama laleyo ndawo ngokuthi iBali Pherasimi.
kusukela emihl eni engayaleza ngayo abahluleli ukuba babe phezu kwabantu bami u -Israyeli; ngiyakunqoba zonke izitha zakho . Futhi ngiyakutshela ukuthi uJehova uyakukwakhela indlu.
nganginawe nomaphi lapho wawuya khona , nganquma zonke izitha zakho ngaphambi kwakho ; ngiyakukwenza igama njengamagama abakhulu abasemhlabeni.
Ngokuba umelwe ukubusa , aze abeke izitha zonke phansi kwezinyawo zakhe.
USawule esethathile umbuso wakwa-Israyeli walwa nazo zonke izitha zakhe nxazonke, noMowabi, nabantwana bakwa-Amoni, no-Edomi, namakhosi aseSoba, namaFilisti; nomaphi lapho ebheka khona, wayehlula.
kepha futhi mawunganqumi isihawu sakho endlini yami kuze kube phakade, hhayi nalapho uJehova esenqumile zonke izitha zikaDavide ebusweni bomhlaba.
UNkulunkulu makenze njalo kuzo izitha zikaDavide , enezele futhi , uma ngishiya ngasekuseni kusasa kukho konke okungokwakhe nokukodwa okungokwesilisa.
Ngalokho, nkosi, kuphila kuka Jehova nokuphila komphefumulo wakho , njengokuba uJehova ekuvimbele ukungena ecaleni legazi nokuzisindisa ngesandla sakho, ngalokho-ke mazibe njengoNabali izitha zakho nabayifunela inkosi yami ububi.
kepha niyakwesaba uJehova uNkulunk ulu wenu ; yena uyakunophula esandleni sazo zonke izitha zenu.
Ngiyakushiya insali yefa lami , ngiyinikele esandleni sezitha zayo , ibe yimpango nento ebanjiweyo yazo zonke izitha zayo;
Uma kukhona indlala ezweni , noma kukhona isifo , noma kukhona ukuhamuka, nesikhutha, nesikhonyane, nemiswenya, noma izitha zabo zibavimbezela ezweni lemizi yabo, noma kuyiphi inhlupheko nasiphi isifo,
Nokho, ngokuba ngaleso senzo waveza ithuba elikhulu lokuba izitha zikaJehova zihlambalaze, umntwana omzalelweyo uyakufa nokufa.
Inkosi yathi kumKushe : Isahlezi kahle insizwa u -Abisalomu na? UmKushe wathi: Izitha zenkosi yami , inkosi, nabo bonke abakuvukelayo ukukulimaza mababe njengaleyo nsizwa.
Ngazixosha izitha zami, ngazifica; angibuyanga ngingakaziqedi.
Wangifulathelisela izitha zami, nabangizondayo ngabaqothula.
UGadi wayesefika kuDavide , wamtshela, wathi kuye : Kufike kuwe yini iminyaka eyisikhombisa yendlala ezweni lakini, noma ubalekele izitha zakho izinyanga ezintathu zisakuxosha, noma kube khona izinsuku ezintathu zesifo ezweni lakini na ? Manje cabanga , ubone ukuthi yiliphi izwi engiyakulibuyisela kongithumileyo.
kwenzeni lokho manje , ngokuba uJehov a ukhulumile ngoDavide ukuthi : Ngesandla senceku yami uDavide ngiyakusindisa abantu bami u -Israyeli esandleni samaFilisti nasesandleni sazo zonke izitha zabo.
nganginawe nomaphi lapho wa wuya khona, nganquma zonke izitha zakho ngaphambi kwakho ; ngiyakukwenza igama elikhulu njengegama labakhulu abasemhlabeni.
Wathi kubo : Ngilandeleni, ngokuba uJehova u nikele izitha zenu abakwaMowabi esandleni senu ! Behla emva kwakhe , bavimba amazibuko aseJordani ababewela ngawo abakwaMowabi , abavumanga ukuba kuwele muntu.
Izitha zami ziyangithuka usuku lonke; abahlanya ngami bayangiqalekisa.
Amanzi asibekela izitha zabo; akwasala noyedwa kubo.
Izitha zabo zabacindezela, bathotshiswa phansi kwesandla sazo.
NgoNkulunkulu siyakwenza izenzo zamandla ; yena uyakunyathela phansi izitha zethu.
Izindlela zakhe zithembekile iz ikhathi zonke ; izahlulelo zakho ziphakeme kakhulu kunokubona kwakhe; zonke izitha zakhe uyazidelela.
UJehova wathi eNkosini yami : Hlala ngakwesokunene sami , ngize ngenze izitha zakho zibe yisenabelo sezinyawo zakho.
Imisekile inhliziyo yakhe, ayesabi, aze azibuke izitha zakhe ziphansi.
Ukushisekela kwami kungidlile , ngokuba izitha zami zikhohliwe amazwi akho.
Izitha zalo ngiyakuzembesa ihlazo , kepha kuyena uqobo umqhele wakhe uyakukhazimula.
Zinqume izitha zami ngomusa wakho , ubabhubhise bonke abahlupha umphefumulo wami, ngokuba ngiyinceku yakho.
kubo ababi abangilimazayo, kuzo izitha zokuphila kwami ezingihaqileyo.
Ngazixosha izitha zami, ngazifica; angibuyanga ngingakaziqedi.
Wangifulathelisela izitha zami, nabangizondayo ngabaqothula.
Isandla sakho siyakufumana zonke izitha zakho ; esokunene sakho siyakubafumana abakuzondayo.
Bheka izitha zami, ngokuba ziningi; ziyangizonda ngenzondo yonya.
Nkulunkulu wami , ngiyethemba kuwe ; mawungangijabhisi; izitha zami mazingethabi ngami.
Ngiyakuphakamisa, Jehova, ngokuba ungikhuphulile; awuvumanga ukuba izitha zami zijabule phezu kwami.
Ngokuba ababi bayakubhubha; izitha zikaJehova zinjengobuhle bamadlelo: ziyakunyamalala, zinyamalale njengentuthu.
Kepha izitha zami ziphilile, zinamandla; baningi abangizonda ngeze.
Hhawu, Jehova, ziningi izitha zami. Baningi abangivukelayo.
Vuka, Jehova, ungisindise, Nkulunkulu wami, ngokuba zonke izitha zami uzishayile emhlathini, amazinyo ababi uwaphulile.
Izitha zami zikhuluma okubi ngami , zithi: Uzakufa nini , igama lakhe lichitheke, na?
Kunjengokuphohlozwa kwamathambo ami, nxa izitha zami zingiklolodela , zithi kimi usuku lonke: Uphi uNkulunkulu wakho na?
Ngawe sizakulahla phansi izitha zethu ; ngegama lakho sizakunyathela abasivukelayo.
Ngokuba ungikhululile ekuhluphekeni konke ; neso lami libuka izitha zami , lidele.
Izitha zami zifuna ukungigwinya usuku lonke ; ngokuba baningi abalwa nami ngokuzidla.
Khona izitha zami ziyakubuyela emuva mhla ngikhalayo ; ngiyakwazi lokhu ukuthi uNkulunkulu unami.
UNkulunkulu wami uyakungihlangabeza ngomusa wakhe ; uNkulunkulu uyakungibonisa izitha zami ngokwethaba.
NgoNkulunkulu siyakwenza izenzo zamandla ; yena uyakunyathela phansi izitha zethu.
Yishoni kuNkulunkulu , nithi: Yeka ukwesabeka kwemisebenzi yakho . Ngenxa yobukhulu bamandla akh o izitha zak ho ziyakuzithoba phansi kwakho.
Makavuke uNkulunkulu, zihlakazeke izitha zakhe; abamzondayo babaleka phambi kwakhe.
Wena uyakwazi ukuthukwa kwami , namahloni ami nokudunyazwa kwami ; zonke izitha zami ziphambi kwakho.
Zonke izitha zami ziyakuj abha, zishaywe luvalo ; ziyakuhlehla, zijabhe ngokuphazima kweso.
ngokuba izitha zami zikhuluma ngami, nabawuhlomele umphefumulo wami bayahlebelana,
Abakhe ehlane bayakukhothama phambi kwayo ; izitha zayo zizakukhotha uthuli.
Izitha zakho zibhongile phakathi kwendlu yakho yokubuthana , zamisa izimpawu zazo zaba yizimpawu.
Wabahola kahle, abaze besaba; kepha ulwandle lwasibekela izitha zabo.
yazishayela emuva izitha zayo, yazithela ngehlazo eliphakade.
Bengiyakuthobisa masinyane izitha zabo , ngiselulele isandla sami kwabamelene nabo.
Ngokuba bheka , izitha zakho ziyaxokozela , nabakuzondayo baphakamisa ikhanda.
Wena uchobozile uRahabi njengobuleweyo ; uhlakazile izitha zakho ngengalo yakho enamandla.
Ngiyakuchoboza izitha zakhe ebusweni bakhe, ngihluphe abamzondayo.
Uphakamisile esokunene sabamelene naye, wajabulisa zonke izitha zakhe.
ezisola ngalo izitha zakho , Jehova, ezisola ngalo ukuhamba kogcotshiweyo wakho.
Iso lami liyakubona ngokujabula izitha zami , nezindlebe zami ziyakuzwa ngokuthokoza ngababi abangivukelayo.
Ngokuba bheka, izitha zakho, Jehova, bheka, izitha zakho, ziyakubhubha; bonke abenza okubi bayakuhlakazwa.
Umlilo uyahamba phambi kwakhe, udla izitha zakhe nxazonke.
ngokuba izitha zami zibuyela emuva, ziwa, zibhubha ebusweni bakho,
Izitha ziphelile , zachitheka kuze kube phakade ; imizi wayisimbula , ukukhunjulwa kwayo kwaphela nya.
Uma kukhona ofuna ukona laba , kuphuma umlilo emlonyeni wabo , udle izitha zabo, uziqede; yebo, uma kukhona ofuna ukona laba , kumelwe ukuba abulawe kanjalo.
Bezwile ukuthi ngiyabubula , kepha anginamduduzi . Zonke izitha zami zizwile ukuhlupheka kwami ; ziyathokoza ukuthi nguwe okwenzileyo . Ululethile usuku olumemezileyo, kepha ziyakuba njengami.
Abamelene nalo sebe yinhloko , izitha zalo zinokuthula , ngokuba uJehova ulihluphile ngenxa yobuningi beziphambeko zalo ; izingane zalo ziye ekuthunjweni ebusweni bezitha.
Zonke izitha zikukhamisela umlomo wazo , zincimfa, zigedla amazinyo , zithi: Siwugwinyile. Impela yilo usuku esilulindele; sesilufumene, silubonile.
Wabiza njengasosukwini lomhlangan o izesabiso zami nxazonke ; akubangakho ngosuku lwentukuthel o kaJehova ow asindayo nowasalayo . Labo engangibaphathile, ngabondla, izitha zami zibaqedile.
Zonke izitha zethu zisikhamisele imilomo yazo.
ngize ngibeke izitha zakho zibe yisenabelo sezinyawo zakho.
usalindele izitha zakhe zize zenziwe isenabelo sezinyawo zakhe.
Kepha yiyiphi yezingelosi ake asho kuyo ukuthi : Hlala ngakwesokunene sami, ngize ngenze izitha zakho zibe yisenabelo sezinyawo zakho, na?
Ngokuba uyakufikelwa yizinsuku, lapho izitha ziyakukukaka ngodonga lwempi, zikuhaqe, zikuvimbezele nxazonke,
ngize ngibeke izitha zakho zibe yisenabelo sezinyawo zakho.
Kepha ngithi kini enizwayo : Thandani izitha zenu , nenze okuhle kwabanizondayo,
Kepha thandani izitha zen u, nenze okuhle , nitsheleke, ningadikibali; nomvuzo wenu uyakuba mkhulu, nibe ngabantwana boPhezukonke, ngokuba umnene yena kwabangabongiyo nababi.
UDavide uqobo lwakhe washo ngoMoya oNgcwele ukuthi : INkosi yathi eNkosini yami : Hlala ngakwesokunene sami , ngize ngibeke izitha zakho phansi kwezinyawo zakho.
INkosi yathi eNkosini yami : Hlala ngakwesokunene sami , ngize ngibeke izitha zakho phansi kwezinyawo zakho.
Kepha mina ngithi kini : Thandani izitha zenu, nibabusise abaniqalekisayo, nibaphathe kahle abanizondayo, nibakhulekele abanizingelayo
Ngiyakuthuma ukwesabeka kwami phambi kwakho , ngibasanganise bonke abantu ozakufika kubo, ngenze ukuba zonke izitha zakho zikufulathele.
Ngenyanga yeshumi nambili eyinyanga ka -Adari ngosuku lweshumi nantathu lwayo , lapho kusond ela izwi lenkosi nomthetho wayo ukuba kwenziwe, ngosuku izitha zabaJuda ezazethembile ngalo ukubusa phezu kwabo nokho kwaguqulwa ukuze abaJuda babuse phezu kwababazondayo.
AbaJuda baceka zonke izitha zabo ngokuceka kwenkemba , nangokubulala, nangokuchitha, benza kwababazondayo njengokuthanda kwabo.
Kwathi lapho izitha zakwaJuda nezakwaBenjamini sezizwile ukuthi abathunjwa bakhela uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli ithempeli,
Jehova, isandla sakho siphakeme , kepha kababoni ; kodwa mababone ukushisekela kwakho abantu, babe namahloni; yebo, umlilo uyakuqeda izitha zakho.
Njengokwenza kwabo, kanjalo uyakubaphindisela: ukufutheka kuzo izitha zakhe, nokwenza kwabo kwabamelene naye, abuyisele eziqhingini izenzo zazo.
UJehova ufungile ngesandla sakhe sokunen e nangengalo yamandla akhe, wathi: Impela angisayikuzinika izitha zakh o amabele akho abe ngukudla kwazo; abezizwe abayikuliphuza iwayini lakho olikhandlekeleyo,
Abantu bakho abangcwel e balidla ifa isikhashana nje ; izitha zeth u zinyathele phansi indlu yakho engcwele.
njengokuphenjwa komlilo ezinsabeni, nalapho umlilo ubilisa amanzi , ukuze wazise izitha zakho igama lakho, izizwe zithuthumele phambi kwakho.
Niyakukubona, izinhliziyo zenu zijabule , amathambo enu ahlume njengohlaza; isandla sikaJehova siyakwaziwa ukuth i sisezincekwini zakhe , athukuthelele izitha zakhe.
UJehova uyabaphakamisela izitha zikaResini, ahlomise abamelene nabo,
Khona uDaniyeli ogama lakhe lalinguBeliteshasari wamangala isikhashana , imicabango yakhe ya mesabisa. Inkosi yathatha yathi : Beliteshasari, iphupho nencazo makungakwesabisi . UBeliteshasari waphendula wathi : Nkosi, iphupho malibe kwabakuzondayo, nencazo yalo kuzo izitha zakho.
Nxa uphuma impi ukuhlasela izitha zakho , bese wubona amahhashi , nezinqola, nabantu abaningi kunawe , ungabesabi, ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho unawe, yena owakukhuphula ezweni laseGibithe.
Yizwa, Israyeli! Nisondela namuhla empini ukuhlasela izitha zenu; inhliziyo yenu mayingadangali , ningesabi, ningaqhaqhazeli, ningashaywa luvalo phambi kwazo,
Lapho uphuma impi ukuhlasela izitha zakho uJehova uNkulunkulu wakho azinikela ezandleni zakho, uzithumbe,
ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho uyahamba phakathi kwekamu ukukophula nokunikela izitha zakho phambi kwakho ; ngalokho ikamu lakho liyakuba ngcwele ukuba angaboni into engcolileyo kuwe, akufulathele. Izigqila ezibalekileyo, nezifebe, nenzalo
Kuyakuthi lapho uJehova uNkulunkulu wakho esekuphumuzile kuzo zonke izitha zakho nxazonke ezweni uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona libe yifa lakho ukuba ulidle , wesule inkumbulo ka-Amaleki phansi kwezulu ; awuyikukhohlwa lokho.
Inkabi yakho iyakuhlatshwa emehlweni akho , ungayidli; imbongolo yakho iyakuhlwithwa ebusweni bakho , ingabuyiselwa kuwe ; izimvu zakho ziyakunikwa izitha zakho, kungabikho okusindisayo.
uyakuzikhonza izitha zakho uJehova ayakuzithuma kuwe ngokulamba , nangokoma, nangobunqunu, nangokuswela izinto zonke, abeke ijoka lensimbi entanyeni yakho, aze akubhubhise.
Uyakudla inzalo yesakho isisu, inyama yamadodana akho neyamadodakazi akho uJehova uNkulunkulu wakho akunike wona ekuvinjezelweni nasekuxinekeni izitha zakho eziyakukuxina ngakho.
ukuba angabaniki inyama yabantwana bakhe abadlayo ngokuba engasalelwanga lutho olunye ekuvinjezelweni nasekuxinekeni eziyakukuxina ngakho izitha zakho kuwo onke amasango akho.
nakumzanyama wakhe ophuma phakathi kwezinyawo zakhe , nakubantwana bakhe ayakubazala , ngokuba uyakubadla ngasese e kusweleni kwakhe ekuvinjezelweni nasekuxinekeni eziyakukuxina ngakho izitha zakho kuwo onke amasango akho.
UJehova uyakwenza ukuba izitha zakho ezikuvukelayo zibulawe phambi kwakho; ziyakukuhlasela ngandlelanye , zikubalekele ngezindlela eziyisikhombisa.
UNkulunkulu wasendulo uyisiphephelo , nangaphansi zikhona izingalo ezingunaphakade; wazixosha izitha phambi kwakho, wathi: Chitha.
Ubusisiwe wena Israyeli ; ngubani ofana nawe , isizwe esisindisiwe nguJehova oyisihlangu sosizo lwakho , oyinkemba yakho ephakanyisiweyo. Izitha zakho ziyakuzithobela wena, unyathele izindawo zabo eziphakemeyo.
ukuxosha zonke izitha zakho phambi kwakho , njengalokho ekhulumile uJehova.
Ngiyakwenza ukuba uzikhonze izitha zakh o ezweni ongalaziyo, ngokuba kuphenjiwe umlilo olakeni lwami oyakuvutha kini.
Uyakuyeka ngokwakho ifa lakho engakunika lona , ngikwenze ukuba ukhonze izitha zakho ezweni ongalaziyo, ngokuba niphembile umlilo olakeni lwami oyakuvutha kuze kube phakade.
Ngiyakubadlisa inyama yamadodana abo neyamadodakazi abo, badle, kube yilowo nalowo inyama yomngane wakhe, ekuvinjezelweni nasekuxinekeni eziyakubaxina ngakho izitha zabo nabafuna ukuphila kwabo.
kepha ningemi nina ; xoshani izitha zenu , nibulale ezingasemuva , ningazivumeli ukuba zingene emizini yazo , ngokuba uJehova uNkulunkulu wenu uzinikele esandleni senu.
UJoshuwa wathi kuzo : Ningesabi, ningabi naluvalo; qinani, nime isibindi, ngokuba uJehova uyakwenza kanjalo kuzo zonke izitha zenu enilwa nazo.
UJehova wabanika ukuphumula nxazonke njengakho konke ayekufungile koyise; kwakungekho muntu kuzo zonke izitha zabo owema phambi kwabo ; uJehova wanikela zonke izitha zabo esandleni sabo.
Kwathi uJoshuwa esengaseJeriko , waphakamisa amehlo akhe , wabona, bheka, nanso i ndoda malungana naye enenkemba yayo ihoshiwe esandleni sayo; uJoshuwa waya kuyo, wathi kuyo: Uvuna thina noma izitha zethu na?
Ngalokho abantwana bakwa-Israyeli abanakuma phambi kwezitha zabo , bayafulathela izitha zabo , ngokuba sebeqalekisiwe; angisayikuba nani, uma ningachithi okuqalekisiweyo phakathi kwenu.
O Nkosi, ngiyakuthini, lapha abakwa-Israyeli sebefulathele izitha zabo na?
nami ngiyakwenza lokhu kini ; ngiyakunehlisela ingebhe nesifuba nomkhuhlane oyakuqeda amehlo , udangalise umphefumulo ; niyakuhlwanyela ngeze imbewu yenu, ngokuba izitha zenu ziyakuyidla.
Ngiyakulenza izwe libe y incithakalo; izitha zenu ezihlala kulo ziyakumangala ngakho.
Niyakuxosha izitha zenu, ziwe phambi kwenu ngenkemba.
Abayisihlanu kini b ayakuxosha abayikhulu, nabayikhulu kini bayakuxosha izinkulungwane eziyishumi, izitha zenu ziwe phambi kwenu ngenkemba.
Masiphakanyiswe isandla sakho phezu kwezitha zakho , zinqunywe zonke izitha zakho.
UJehova unguNkulunkul u oshisekelayo nophindiselayo ; uJehova uyaphindisela, ugcwele ukufutheka; uJehova uphindisela kwabamelene naye, ugcinela izitha zakhe intukuthelo.
Kepha ngesikhukhula esiphuphumayo uyakuqeda indawo yakhona, axoshele izitha zakhe ebumnyameni.
Uyakudakwa nawe, ufihlwe; futhi uyakufuna inqaba yokubalekela izitha.
Bheka, abantu bakho phakathi kwakho bangabesifazane nje ; amasango ezwe lakho avulekele impela izitha zakho, umlilo udlile imigoqo yakho.
Kwathi izitha zethu sezizwile ukuthi kwazeke kithi nokuthi uNkulunkulu wayeshafisile icebo labo , sabuyela sonke ogangeni , kwaba yilowo nalowo emsebenzini wakhe.
Ngathi futhi : Akukuhle enikwenzayo ; beningehambe yini ngokwesaba uNkulunkulu wethu ngenxa yokuthukwa kwethu ngabezizwe , izitha zethu, na?
Kwathi lapho oSanibalati , noThobiya, noGeshemi wase -Arabiya, nezinye izitha sebezwile ukuthi ngivusile ugange nokuthi akusasele sikhala, noma ngaleso sikhathi ngangingakamisi izivalo emasangweni,
Kwathi lapho zonke izitha zikuzwa lokho , abezizwe bonke abasizungezayo, besaba, bayetha, ngokuba baqonda ukuthi lowo msebenzi wawenziwe nguNkulunkulu wethu.
Kwathi ekusukeni komphongolo uMose washo wathi : Vuka, Jehova; mazihlakazeke izitha zakho; abakuzondayo mababaleke ebusweni bakho.
UBalaki wathumela kuBileyamu , wathi: Wenzeni kimi na ? Ngakuthatha ukuba uqalekise izitha zami; bheka, uzibusisile nokuzibusisa.
Ulaka lukaBalaki lwamvuthela uBileyamu , washaya izandla zakhe; uBalaki wathi kuBileyamu : Ngakubiza ukuba uqalekise izitha zami ; bheka, ubabusisile nokubabusisa kathathu.
UNkulunkulu wamkh ipha eGibithe ; unjengezimpondo zenyathi kubo ; uyakuqeda izizwe , izitha zakhe , aphule amathambo azo , azigwaze ngemicibisholo yakhe.
kuwele iJordani onke amadoda enu ahlomileyo phambi kukaJehova , aze axoshe izitha zakhe phambi kwakhe,
UJehova ususile ukwahlulelwa kwakho , uxoshile izitha zakho . INkosi yakwa-Israyeli, uJehova, iphakathi kwakho; awusayikwesaba okubi.