Skip to Content

"izithembiso"

30 occurrences in ZUL

2 kaPetru 1:4

esiphiwe ngakho izithembiso eziyigugu nezikhulukazi , ukuze ngazo nibe ngabahlanganyeli nesimo sobuNkulunkulu , nibalekele ukubhubha okusezweni ngezinkanuko,

2 kwabaseKorinte 1:20

Ngokuba noma izithembiso zikaNkulunkulu ziziningi kangakanani , kuyena zinguyebo, ngakho-ke ngaye zingu -Amen futhi , kudunyiswe uNkulunkulu ngathi.

AmaHubo 116:14

Izithembiso zami kuJehova ngiyakuzigcwalisa, yebo, nasebusweni babantu bakhe bonke.

AmaHubo 116:18

Izithembiso zami kuJehova ngiyakuzigcwalis a yebo, nasebusweni babantu bakhe bonke,

AmaHubo 22:25

Kuyakuvela kuwe ukudumisa kwami ebandleni elikhulu ; izithembiso zami ngiyakuzigcwalisa phambi kwabamesabayo.

AmaHubo 50:14

Nikela kuNkulunkulu umnikelo wokubonga, uzigcwalise izithembiso zakho koPhezukonke;

AmaHubo 56:12

Nkulunkulu, izithembiso zami kuwe ziphezu kwami ; ngiyakunikela kuwe iminikelo yokubonga.

AmaHubo 61:5

Ngokuba wena Nkulunkulu uzizwile izithembiso zami , wabanika ifa abalesaba igama lakho.

AmaHubo 61:8

Khona ngiyakulidumisa igama lakho kuze kube phakade , ukuze ngigcwalise izithembiso zami imihla ngemihla.

AmaHubo 66:13

Ngiyakungena endlini yakho ngineminikelo yokushiswa ; ngizakugcwalisa kuwe izithembiso zami

AmaHubo 76:11

Thembisani, nigcwalise izithembiso kuJehova uNkulunkulu wenu . Bonke abamzungezileyo mabalethe izipho kuye owEsabekayo.

IzAga 7:14

Imihlatshelo yeminikelo yokuthula yayingifanele ; namuhla sengigcwalisile izithembiso zami.

KumaHeberu 11:13

Bonke laba bafa bekholiwe , bengazamukeliswanga izithembiso , kepha bezibonile, bezithakazele zikude, bevumile ukuthi bangabafokazi nezihambi emhlabeni.

KumaHeberu 11:17

Ngokukholwa u -Abrahama evivinywa wanikela ngo -Isaka, yebo, yena owayamukele izithembiso, wanikela ngozelwe yedwa wakhe,

KumaHeberu 11:33

abathi ngokukholwa banqoba imibuso , basebenza ukulunga , bazuza izithembiso, bavimba imilomo yezingonyama,

KwabaseGalathiya 3:16

Manje-ke izithembiso zanikwa u -Abrahama nenzalo yakhe; akasho ukuthi: Ezinzalweni, kungathi ngeziningi , kepha kungathi ngeyodwa ukuthi : Nasenzalweni yakho enguKristu.

KwabaseRoma 15:8

Ngokuba ngithi uKristu waba yisikhonzi sabasokileyo ngenxa yeqiniso likaNkulunkulu, ukuze aqinise izithembiso ezaphiwa okhokho,

U-Isaya 19:21

UJehova uyakuzazisa eGibithe , nabaseGibithe bayakumazi uJehova ngalolo suku , bamkhonze ngomhlatshelo nomnikelo , benze izithembiso kuJehova, bazigcwalise.

UDuteronomi 12:17

Ungekudle ngaphakathi kwamasango akho okweshumi kwamabele akho , noma okwewayini lakho , noma okwamafutha akho , noma okwamazibulo ezinkomo zakho, noma awezimvu zakho, noma izithembiso zakho ozenzayo, noma iminikelo yakho yesihle , noma umnikelo wokuphakanyiswa wesandla sakho,

UJeremiya 44:25

Usho kanje uJehova Sebawoti , uNkulunkulu ka -Israyeli, uthi: Nina nawomkenu nikhulumile ngemilomo yenu , nakugcwalisa ngezandla zenu , nathi: S iyakugcwalisa nokugcwalisa izithembiso zethu esizenzileyo zokushisela inkosikazi yezulu impepho nokuyithululela imin ikelo yokuphuzwa. Qinisani nokuqinisa izithembiso zenu, nigcwalise nokugcwalisa izithembiso zenu.

UJobe 22:27

Uyakukhuleka kuye, akuzwe, wena ugcwalise izithembiso zakho.

UJona 1:16

Amadoda ayesesaba uJehova ngokwesaba okukhulu; ahlabela uJehova umhlatshelo, enza izithembiso.

ULevitikusi 26:2

Anogcina amasabatha ami, nihloniphe indlu yami engcwele; nginguJehova. Izithembiso kwabagcina umthetho

UNahume 1:15

Bheka ezintabeni izinyawo zoletha izindaba ezinhle, omemezela ukuthula. Gubha imikhosi yakho , Juda, ugcwalise izithembiso zakho , ngokuba omubi akasayikudabula kuwe; unqunyiwe ngokupheleleyo.

UNumeri 30:11

indoda yakhe bese ikuzwa , ingasho lutho kuye , ingamalelanga, zonke izithembiso zakhe ziyakuma , nazo zonke izibopho abophe ngazo umphefumulo wakhe ziyakuma;

UNumeri 30:13

Zonke izithembiso nazo zonke izifungo ezibophayo zokuthobisa umphefumulo, indoda yakhe ingaziqinisa, noma indoda yakhe izenze ize.

UNumeri 30:14

Kepha uma indoda yakhe ithula nokuthula kuye izinsuku ngezinsuku , iyaqinisa zonke izithembiso zakhe nazo zonke izibopho zakhe eziphezu kwakhe; iziqinisile, ngokuba ithulile kuye ngosuku eyazizwa ngalo;

UNumeri 30:4

uyise esizwa isithembiso sakhe nesibopho sakhe abophe ngaso umphefumulo wakhe, engasho lutho kuye , izithembiso zakhe zonke ziyakuma , nazo zonke izibopho abophe ngazo umphefumulo wakhe ziyakuma;

UNumeri 30:6

Uma engowendoda , izithembiso zakhe zisephezu kwakhe noma okuphahlukiwe ngumlomo wakhe abophe ngakho umphefumulo wakhe,

UNumeri 30:7

indoda yakhe bese ikuzwa , ingasho lutho kuye ngosuku ekuzwa ngalo , izithembiso zakhe ziyakuma, nezibopho zakhe abophe ngazo umphefumulo wakhe ziyakuma;