Skip to Content

"izitsha"

51 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 10:21

Zonke izitsha zokuphuza zenkosi uSolomoni zaziyigolide , nazo zonke izitsha zendlu yehlathi laseLebanoni zaziyigolide elicwengekileyo , kungekho ezesiliva, lona lingento yalutho emihleni kaSolomoni.

1 AmaKhosi 10:25

Baletha, kwaba yilowo nalowo isipho sakhe , izitsha zesiliva , nezitsha zegolide, nezingubo, nezikhali, namakha, namahhashi, neminyuzi, okwenziwa iminyaka ngeminyaka.

1 iziKronike 28:13

nangezigaba zabapristi nezamaLevi , nangawo wonke umsebenzi wenkonzo yendlu kaJehova, nangazo zonke izitsha zenkonzo endlini kaJehova;

1 iziKronike 9:28

Abanye babephethe izitsha zenkonzo , ngokuba zangeniswa ngokubalwa , zakhishwa ngokubalwa.

2 AmaKhosi 14:14

Wathatha lonke igolide nesiliva , nazo zonke izitsha ezafunyanwa endlini kaJehova nasengcebeni endlini yenkosi , nabayisibambiso, wabuyela eSamariya.

2 AmaKhosi 25:14

Amakhanzi, namafosholo, nezizenze, nezinkezo, nazo zonke izitsha zethusi ababekhonza ngazo akuthatha.

2 AmaKhosi 4:3

Wayesethi: Hamba utsheleke izitsha ngaphandle kubo bonke abakhelwane bakho, izitsha ezingenalutho, zingabi yingcosana.

2 AmaKhosi 4:6

Kwathi izitsha sezigcwele , wathi endodaneni yakhe : Sondeza kimi nesinye isitsha. Kepha yathi kuye: Akusekho sitsha. Amafutha anquma-ke.

2 iziKronike 24:14

Sebeqedile baletha imali eseleyo phambi kwenkosi noJehoyada , benza ngayo izitsha zendlu kaJehova , izitsha zokukh onzela nezokunikelela , nezinkezo, nezinye izitsha zegolide nezesiliva . Banikela ngeminikelo yokushiswa endlini kaJehova njalo zonke izinsuku zikaJehoyada.

2 iziKronike 25:24

Wathatha lonke igolide nesiliva , nazo zonke izitsha ezafunyanwa end lini kaJehova ku -Obede Edomi , nengcebo yendlu yenkosi , nabayisibambiso, wabuyela eSamariya.

2 iziKronike 36:18

Zonke izitsha zendlu kaNkulunkulu , ezinkulu nezincane, nengcebo yendlu kaJehova, nengcebo yenkosi neyezikhulu zayo , konke lokho wakuyisa eBabele.

2 iziKronike 36:19

Bayishisa indlu kaNkulunkulu , baludiliza ugange lwaseJerusalema , bazishisa zonke izinqaba ngomlilo , bazichitha zonke izitsha ezinxanelekayo zakhona.

2 iziKronike 36:7

UNebukadinesari wayisa ezinye izitsha zendlu kaJehova eBabele, wazibeka ethempelini lakhe eBabele.

2 iziKronike 5:1

Wawusuphela-ke wonke umsebenzi uSolomoni awenzela indlu kaJehova . USolomoni wangenisa izinto ezazingcweliswe nguDavide uyise , kanye nesiliva negolide , nazo zonke izitsha , wakubeka engcebeni yendlu kaNkulunkulu.

2 iziKronike 9:20

Zonke izitsha zokuphuza zenkosi uSolomoni zaziyigolide , nazo zonke izitsha zendlu yehlathi laseLebanoni zaziyigolide elicwengekil eyo, isiliva lingento yalutho emihleni kaSolomoni.

2 iziKronike 9:24

Baletha, kwaba yilowo nalowo isipho sakhe , izitsha zesiliva , nezitsha zegolide, nezingubo, nezikhali, namakha, namahhashi, neminyuzi, okwenziwa iminyaka ngeminyaka.

2 kuThimothewu 2:20

Kepha endlini enkulu akukho izitsha zegolide nezesiliva kuphela kodwa nezemithi nezebumba, ezinye ezihloniphekayo, ezinye ezingahloniphekiyo;

AbAhluleli 7:19

UGideyoni namadoda ayikhulu ayenaye base befika emaphethelweni ekamu ngasekuqaleni komlindo ophakathi , besand ukubeka abalindi ; babetha amacilongo, baphohloza izitsha abaziphetheyo ngezandla.

AbAhluleli 7:20

Izigaba zontathu zabetha amacilongo , zaphohloza izitsha , zaphatha izimbaqa ngezandla zokhohlo namacilongo ngez andla zokunene ukuba ziwabethe; zamemeza zathi: Inkemba kaJehova nekaGideyoni!

IsAmbulo 15:7

Esinye sezidalwa ezine sanika izingelosi eziyisikhombisa izitsha zegolide , zigcwele ulaka lukaNkulunkulu ophilayo kuze kube phakade naphakade.

IsAmbulo 16:1

Ngase ngizwa izwi elikhulu livela ethempelini , lithi kuzo izingelosi eziyisikhombisa: Hambani nithululele em hlabeni izitsha eziyisikhombisa zolaka lukaNkulunkulu.

KwabaseRoma 9:22

Uma, pho, uNkulunkulu, ethanda ukubonakalisa ulaka nokuveza amandla akhe, wathwala ngokubekezela okukhulu izitsha zolaka ezilungiselwe ukubhujiswa

U-Eksodusi 27:3

Wenze izitsha zalo zokususa umlotha walo , namafosholo alo, nezitsha zalo, nezimfoloko zalo , nemicengezi yalo yomlilo , uzenze zonke izinto zalo ngethusi.

U-Eksodusi 37:16

Wayesenza ngegolide elicwengekileyo izitsha ezazisetafuleni , izingqwembe zalo, nezinkezo zalo, nezinkamba zalo, nezindebe zalo zokuthela. Uthi lwezibani

U-Esteri 1:7

Baphuziswa ngezitsha zegolide , izitsha zahlukene , ezinye nezinye , iwayini lamakhosi eliningi njengokwesandla senkosi.

U-Ezra 1:10

nezindebe ezingamashumi amathathu zegolide , nezindebe zesiliva zohlobo lwesibili ezingamakhulu amane neshumi, nezinye izitsha eziyinkulungwane.

U-Ezra 1:11

Zonke izitsha zegolide nezesiliva zaziyizinkulungwane eziyisihlanu namakhulu amane. Zonke lezo uSheshebasari wazikhuphula ekukhushulweni kwabathunjwa eBabele ukuya eJerusalema.

U-Ezra 5:14

Futhi izitsha zegolide nezesiliva zendlu kaNkulunkulu azikhipha uNebukadinesari ethempelini elaliseJerusalema wazingenisa ethempelini laseBabele, zona lezo uKoresi inkosi wazikhipha e thempelini laseBabele , zanikwa omunye ogama lakhe lalinguSheshebasari, owayemenze umbusi;

U-Ezra 6:5

futhi izitsha zegolide nezesiliva zendlu kaNkulunkulu , uNebukadinesari azikhipha ethempelini eliseJerusalema waziyisa eBabele , mazibuyiswe, ziyiswe ethempelini eliseJerusalema , kube yileso naleso endaweni yaso , zibekwe endlini kaNkulunkulu.

U-Ezra 7:19

Izitsha onikwe zona ukuba zibe ngezenkonzo yendlu kaNkulunkulu wakho , zibuyisele phambi kukaNkulunkulu waseJerusalema.

U-Isaya 22:24

Bayakuphanyeka phezu kwakhe lonke udumo lwendlu kayise , inzalo nabantwana, zonke izitsha ezincane, imicengezi nezinkamba.

U-Isaya 52:11

Mukani, mukani, niphume lapha , ningathinti okungcolileyo , niphume phakathi kwalo, nizihlambulule nina eniphatha izitsha zikaJehova.

UDaniyeli 1:2

INkosi yanikela esandleni sakhe uJehoyakimi, inkosi yakwaJuda, nenxenye yezitsha zendlu kaNkulunkulu , waziyisa ezweni laseShineyari endlini kankulunkulu wakhe, waziyisa izitsha endlini yengcebo kankulunkulu wakhe.

UDaniyeli 5:2

UBelishasari esalinambitha iwayini wayaleza ukuba kulethwe izitsha zegolide nezesiliva , uNebukadinesari uyise ayezikhiphe ethempelini laseJerusalema, ukuba inkosi nez ikhulu zayo, nawomkayo, nezancinza zayo baphuze ngazo.

UDaniyeli 5:23

kepha uziphakamisile eNkosini yasezulwini ; balethe izitsha zendlu yakhe phambi kwakho ; wena nezinduna zakho , nawomkakho, nezancinza zakho niphuzile iwayini ngazo , utusile wena onkulunkulu besiliva, nabegolide, nabethusi, nabensimbi, nabomuthi, nabetshe abangaboni , abangezwa, abangazi; kodwa uNkulunkulu omphefumulo wakho usesandleni sakhe , nokungezakhe zonke izindlela zakho awumdumisanga.

UDaniyeli 5:3

Base beletha izitsha zegolide ezazikhishwe ethempelini lendlu kaNkulunkulu yaseJerusalema, inkosi, nezikhulu zayo , nawomkayo, nezancinza zayo baphuza ngazo.

UHagayi 2:16

kusukela kulezo , lapho kwayiwa enqwabeni yezilinganiso ezingamashumi amabili, kwakuyishumi nje, nalapho kwayiwa ezikhamweni zewayini ukukha izitsha ezingamashumi ayisihlanu, kwakungamashumi amabili nje.

UJeremiya 14:3

Abakhulu babo bathuma abancane babo emanzini ; bafika emigodini, kepha abafumani manzi, babuya, izitsha zabo zingenalutho; banamahloni, bajabhile, bamboza amakhanda abo.

UJeremiya 27:16

Ngase ngikhuluma kubapristi nakubo bonke laba bantu, ngithi: Usho kanje uJehova, uthi: Ningawalaleli amazwi abaprofethi benu abaprofetha kini ukuthi: Bhekani, izitsha zendlu kaJehova ziyakubuyiswa eBabele masinyane. Ngokuba baprofetha amanga kini.

UJeremiya 27:18

Kepha uma bengabaprofethi, uma izwi likaNkulunkulu likubo, mabamnxuse uJehova Sebawoti, ukuba izitsha ezisele endlini kaJehova, nasendlini yenkosi yakwaJuda, naseJerusalema zingayi eBabele.

UJeremiya 28:3

Ingakapheli iminyaka emibili ngiyakubuyisela kule ndawo zonke izitsha zendlu kaJehova azithatha kule ndawo uNebukadinesari , inkosi yaseBabele, waziyisa eBabele,

UJeremiya 28:6

yebo, umprofethi uJeremiya wathi : Amen, makenze njalo uJehova , awaqinise amazwi akho owaprofethayo , kubuyiswe izitsha zendlu k aJehova nabo bonke abathunjwa eBabele, kulethwe kule ndawo.

UJeremiya 48:12

Ngalokho bheka , izinsuku ziyeza , usho uJehova , engiyakuthuma ngazo kuye abathambekay o abayakumthambeka, bazithulule izitsha zakhe , baziphohloze izimvaba zakhe.

UJeremiya 52:18

Amakhanzi, namafosholo, nezizenze, nemicakulo, nezinkezo, nazo zonke izitsha zethusi ababekhonza ngazo akuthatha.

ULevitikusi 11:34

Konke ukudla okudliwayo okukuzo , afika kukho futhi amanzi anjalo , kuyakuba ngokungcolile , nakho konke okuphuzwayo k uzo izitsha ezinjalo kuyakuba ngokungcolile.

ULevitikusi 15:12

Isitsha sebumba asithinta ocucuzayo siyakwaphulwa , nazo zonke izitsha zomuthi ziyakuhashazwa ngamanzi.

UNehemiya 10:39

Ngokuba abantwana bakwa-Israyeli nabantwana bakwaLevi babeyakukhuphulela umnikelo wamabele , newayini, namafutha emakamelweni, lapho kukhona izitsha zendlu engcwele , nabapristi abakhonzayo, nabalindisango, nabahlabeleli; besingenakuyishiya indlu kaNkulunkulu wethu.

UNehemiya 13:9

Ngase ngithi mabahlambulule amakamelo; ngabuyisela khona izitsha zendlu kaNkulunkulu kanye neminikelo yempuphu nenhlaka.

UNumeri 19:15

Nazo zonke izitsha ezivulekileyo ezingenaso isisibekelo esiboshwe kuzo zingcolile.

UNumeri 4:12

Bayakuthabatha zonke izitsha zokukhonza abakhonza ngazo endlini engcwele, bazifake endwangwini eluhlaza , bazisibekele ngesikhumba samatahasi, bazibeke ohlakeni.

UNumeri 7:1

Kwathi ngosuku uMose aqeda ngalo ukumisa itabernakele , waligcoba, walingcwelisa kanye nayo yonke impahla yalo , ne-altare, nazo zonke izitsha zalo, wazigcoba, wazingcwelisa,