Skip to Content

"jerusalema"

17 occurrences in ZUL

2 iziKronike 9:30

USolomoni wabusa e Jerusalema phezu kuka -Israyeli wonke iminyaka engamashumi amane.

AmaHubo 116:19

emagcekeni endlu kaJehova, phakathi kwakho, Jerusalema. Haleluya!

AmaHubo 122:2

Izinyawo zethu sezimi emasangweni akho, Jerusalema,

AmaHubo 122:3

Jerusalema, wena owakhiwe njengomuzi ohlanganisiwe ngokuqinileyo,

AmaHubo 137:5

Uma ngikhohlwa wena Jerusalema, masizikhohlwe isandla sami sokunene.

AmaHubo 147:12

Jerusalema, mbabaze uJehova; Siyoni, mdumise uNkulunkulu wakho.

NgokukaLuka 13:34

Jerusalema, Jerusalema, wena obulala abaprofethi , okhanda ngamatshe abathunyelwe kuwe, bengithanda kangaki ukubuthela ndawonye abantwana bakho njengesikhukukazi sibuthela amazinyane aso phansi kwamaphiko ; kepha anivumanga.

NgokukaMathewu 23:37

Jerusalema, Jerusalema, wena obulala abaprofethi nokhanda ngamatshe abathunyelwe kuwe, kukangaki ngithanda ukubuthela ndawonye abantwana bakho njengesikhukukazi sibuthela amazinyane aso phansi kwamaphiko aso , kepha anivumanga.

U-Isaya 40:9

Khuphukela entabeni ende , wena, Siyoni, obika okujabulisayo, uphakamise ngamandla izwi lakho , wena Jerusalema obika okujabulisayo , uliphakamise ungesabi, usho emizini yakwaJuda ukuthi : Bhekani, nangu uNkulunkulu wenu.

U-Isaya 52:1

Vuka, vuka, wembathe amandla akho , Siyoni, uzigqoke izingubo zakho ezinhle, Jerusalema, muzi ongcwe le, ngokuba akusayikungena kuw e ongasokile nongcolileyo.

U-Isaya 52:2

Zithintithe uthuli , usukume, uhlale, Jerusalema elithunjiweyo ; zikhulule eziboshweni zentamo yakho wena ndodakazi yaseSiyoni ethunjiweyo.

U-Isaya 62:6

Ngimisile abalind i phezu kwezingang e zakho , Jerusalema; abayikuthula nakanye imini nobusuku ; nina eningabakhumbuzi ngoJehova maningaphumuli,

UJeremiya 13:27

Ukuphinga kwakho nokuyiyiza kwakho , ukukhanuka kobufebe bakho nezinengiso zakho , ngikubonile emagqumeni asendle . Maye kuwe Jerusalema! Awuyikuhlambuluka koze kube nini na?

UJeremiya 15:5

Ngokuba ngubani oyakukuhawukel a wena Jerusalema na? Ngubani oyakukukhalela? Ngubani oyakuphambukela ukubuza ngempilo yakho na?

UJeremiya 4:14

Jerusalema, hlanza inhliziyo yakho , kuphume ububi , ukuze usindiswe . Koze kube nini imicabango yakho emibi ihlala phakathi kwakho na?

UJeremiya 6:8

Mawuxwayiswe, Jerusalema, funa umphefumulo wam i wahlukane nawe , funa ngikwenze incithakalo, izwe elingahlalwa.

UJeremiya 7:29

Gunda izinwele zakho , Jerusalema, uzilahle, wenze isililo emadulini angenalutho, ngokuba uJehova usalile , wasilahla isizukulwane sentukuthelo yakhe.