Skip to Content

"juda"

21 occurrences in ZUL

1 uSamuweli 17:12

UDavide wayeyindodana yalowo mEfrati waseB etlehema Juda ogama lakhe lalinguJese ; wayenamadodana ayisishiyagalombili ; lowo muntu wayemdala ezinsukwini zikaSawule phakathi kwabantu.

2 iziKronike 20:17

Akusikho okwenu ukulwa kule mpi ; zihleleni, nime, nibone ukunisindisa kukaJehova, nina Juda neJerusalema ; ningesabi, ningapheli amandla ; phumelani kubo kusasa, ngokuba uJehova unani.

2 iziKronike 20:20

Bavuka ekuseni, baphuma baya ehlane laseThekhowa; ekuphumeni kwabo uJehoshafati wema , wathi: Ngizweni, Juda nani bakhileyo eJerusalema ! Kholwani nguJehova uNkulunkulu wenu , niyakuqiniswa; kholwani ngabaprofethi bakhe, niyakuphumelela.

2 uSamuweli 6:2

UDavide wahamba nabo bonke abantu ababe naye , besuka eBali Juda ukwenyusa khona umphongolo kaNkulunkulu obizwa ngeGama , lona igama likaJehova Sebawoti ohlala phezu kwamakherubi.

AbAhluleli 17:7

Kwakukhona insizwa yaseBetlehema Juda yomndeni wakwaJuda eyayingumLevi; yayigogobele khona.

AbAhluleli 17:8

Lowo muntu wamuka emzini, iBetlehema Juda, ukuyobona lapho engathola khona indawo ; ekuhambeni kwakhe wafika ezintabeni zakwa -Efrayimi endlini kaMika.

AbAhluleli 17:9

UMika wathi kuye : Uvelaphi na? Wathi kuye: NgingumLevi waseBetlehema Juda; ngiyahamba ukubona lapho ngingathola khona indawo.

AbAhluleli 19:1

Kwathi ngalezo zinsuku kungekho inkosi kwa-Israyeli, kwakukhona umLevi othile owayegogobele ohlangothini olungasemuva kwezintaba zakwa - Efrayimi, owazithathela isancinza eBetlehema Juda.

AbAhluleli 19:18

Wathi kulo : Siyadlula sivela eBetlehema Juda , siya ohlangothini olungasemuva kwezintaba zakwa-Efrayimi; ngivela khona; ngaya eBetlehema Juda; sengiya endlini kaJehova , kepha akukho muntu ongamukela en dlini yakhe.

AbAhluleli 19:2

Isancinza sakhe samgilela ubufebe , sasuka kuye , saya endlini kayise eBetlehema Juda, sahlala khona isikhathi esiyizinyanga ezine.

NgokukaLuka 22:48

Kepha uJesu wathi kuye : Juda, uyayikhaphela iNdodana yomuntu ngokuyanga na?

U-Isaya 48:1

Yizwa lokhu wena ndlu kaJakob e obiziwe ngegama lika-Israyeli, waphuma emanzini akwa Juda, ofunga igama likaJehova , odumisa uNkulunkulu ka - Israyeli, kungengaqiniso nakulunga kodwa.

UGenesise 49:8

Juda, abafowenu bazakukudumisa wena ; isandla sakho siyakuba sesijingweni sezitha zakho; amadodana kayihlo ayakukukhothamela.

UHoseya 6:11

Nawe Juda ulungiselwe ukuvunwa, lapho ngibuyisa ukuthunjwa kwabantu bami.

UHoseya 6:4

Ngiyakwenzani kuwe Efr ayimi, ngiyakwenzani kuwe Juda , na? Uthando lwenu lunjengefu lokusa nanjengamazolo amuka ekuseni.

UJeremiya 11:13

Ngokuba njengomumo wemizi yakho, banjalo onkulunkulu bakho , Juda, nanjengomumo wezitaladi zaseJerusalema nimisele uBosheti ama -altare, ama-altare okushisela uBali impepho.

UJeremiya 2:28

Baphi onkulunkulu bakh o ozenzele bona na ? Mabavuke, uma bengakusindisa ngesikhathi sokuhlupheka kwakho , ngokuba njengomumo wemizi yakho, banjalo onkulunkulu bakho, Juda.

UJeremiya 40:11

Futhi lapho bonke abaJuda ababekwaMowabi , naphakathi kwabantwana bakwa-Amoni, nakwa-Edomi, nababesemazweni onke sebezwile ukuthi inkosi yaseBabele ishiyile insali kwa Juda nokuthi ibeke phezu kwabo uGedaliya indodana ka-Ahikamu kaShafani ukuba abe ngumbusi phezu kwabo,

UNahume 1:15

Bheka ezintabeni izinyawo zoletha izindaba ezinhle, omemezela ukuthula. Gubha imikhosi yakho , Juda, ugcwalise izithembiso zakho , ngokuba omubi akasayikudabula kuwe; unqunyiwe ngokupheleleyo.

URuthe 1:1

Kwathi emihleni abahlulela ngayo abahluleli kwaba khona indlala ezweni . Umuntu othile waseBetlehema Juda waya u kuyohlala ezweni lakwaMowabi, yena nomkakhe, namadodana akhe amabili.

URuthe 1:2

Igama lalowo muntu lalingu-Elimeleki, igama lomkakhe lalinguNawomi , amagama amadodana akhe amabili ayengoMahaloni noKiliyoni; babe ngama- Efratha aseBetlehema Juda. Bafika ezweni lakwaMowabi, bahlala khona.