Skip to Content

"kalukhuni"

18 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 12:13

Inkosi yaphendula abantu kalukhuni , yalahla isiluleko samalunga ameluleke ngaso,

1 kaPetru 4:18

Uma olungileyo esindiswa kalukhuni , uyakubonakalaphi ongamesabi uNkulunkulu noyisoni na?

2 iziKronike 10:13

Inkosi yabaphendula kalukhuni ; inkosi uRehobowamu yalahla isiluleko samalunga,

IzAga 18:23

Ompofu ukhuluma ngokuncenga, kepha isicebi siphendula kalukhuni.

IzEnzo 14:18

Bekusho lokho, baziyekisa kalukhuni izixuku ukuba zingabahlabeli. UPawulu ushumayela e-Antiyokiya

IzEnzo 27:16

Kwathi sigudla ngenzansi kwesiqhingana esithiwa iKlawuda , sabamba isikebhe kalukhuni;

IzEnzo 27:7

Sesihambe kancane izinsuku eziningi saze safika kalukhuni ngaseKinidu, umoya ungasivumeli, sagudla iKrethe maqondana neSalimone,

IzEnzo 27:8

sagudla lona kalukhuni , safika endaweni ethile ethiwa Matheku Mahle ; eduze nayo kukhona umuzi waseLaseya.

NgokukaLuka 11:46

Kepha wathi : Maye nakinina zazimthetho , ngokuba nithwesa abantu imithwalo ethwaleka kalukhuni ! Nina-ke uqobo lwenu aniyithinti leyo mithwalo nangowodwa weminwe yenu.

NgokukaMathewu 19:23

Kepha uJesu wathi kubafundi bakhe : Ngiqinisile ngithi kini : Onothileyo uyakungena kalukhuni embusweni wezulu.

U-Eksodusi 13:15

Kwathi uFaro evuma kalukhuni ukuba sihambe , uJehova wabulala amazibulo onke asezweni laseGibithe , amazibulo abantu namazibulo ezinkomo; ngalokho ngiyahlabela uJehova konke okuvula isizal o okungamaduna; kepha onke amazibulo amadodana ami ngiyawahlenga.

U-Eksodusi 14:25

Wawisa amasondo ezinqola ukuba bahambise kalukhuni , baze bathi abaseGibithe: Masibaleke ebusweni buka -Israyeli, ngokuba uJehova uyabalwela emelene nabaseGibithe.

UGenesise 42:30

Lowo muntu , inkosi yezwe , ukhulume kalukhuni kithina , wasishaya izinhloli zezwe.

UGenesise 42:7

UJosefa wabona abafowabo , wabazi, kepha wazishaya ongabaziyo kubo , wakhuluma kalukhuni kubo, wathi kubo: Nivelaphi na? Bathi: Sivela ezweni laseKhanani, size ukuthenga ukudla.

UJobe 39:16

Iphatha kalukhuni amazinyane ayo, kungathi awasiwo awayo; ayinangebhe yokuthi umshikashika wayo ungaba yize.

ULevitikusi 25:43

Awuyikubusa kalukhuni phezu kwakhe , kepha wesabe uNkulunkulu wakho.

ULevitikusi 25:46

Niyakubenza ifa labantwana benu emva kwenu ukuba babe yifa labo ; niyakuthatha kubo izigqila zenu kuze kube phakade ; kepha aniyikubusa kalukhuni phezu kwabafowenu, abantwana bakwa -Israyeli, omunye phezu komunye.

ULevitikusi 25:53

Njengenceku eqashwa iminyaka ngeminyaka uyakuba naye ; akayikubusa kalukhuni phezu kwakhe emehlweni akho.