Skip to Content

"kanti"

69 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 20:40

Kwathi lapho inceku yakho isasebenza ngalapha nangalapha , kanti wayesehambile. Yayisithi kuye inkosi yakwa -Israyeli: Kunjalo ukwahlulelwa kwakho; nguwe onqumile.

1 kwabaseKorinte 10:22

Kumbe siyayivusela iNkosi ulaka na? Kanti sinamandla kunayo na? Inkululeko yobuKristu; uthando

1 kwabaseKorinte 11:22

Kanti aninazindlu yini zokudlela nokuphuzela na ? Kumbe niyalidelela yini ibandla likaNkulunkulu , nijabhise abangenanto na ? Ngizakuthini kini na ? Nginibonge na? Anginibongi ngalokho.

1 kwabaseKorinte 12:22

Kanti ngempela lezo zitho zomzimba ezingathi zibuthakathaka kunezinye ziyadingeka;

1 kwabaseKorinte 12:24

Kanti lezo ezinesimo esihle azik udingi lokho . Kepha uNkulunkulu wawuhlanganisa umzimba, enika esidelelekileyo udumo olukhulu kakhulu,

1 kwabaseKorinte 12:31

Kepha zondelelani iziphiwo ezinkulu. Kanti senginikhombisa indlela eyona iyinhle kakhulu.

1 kwabaseKorinte 14:20

Bazalwane, ningabi ngabantwana ngengqondo , kanti ebubini nibe yizingane, kepha engqondweni nibe ngabakhulileyo.

1 kwabaseKorinte 15:15

Yebo, sifunyanwa singofakazi bamanga ngoNkulunkulu , ngokuba safakaza ngoNkulunkulu ukuthi wamvusa u Kristu, angamvusanga kambe, uma kanti abafileyo bengavuswa.

1 kwabaseKorinte 6:5

Ngisho lokhu ukuba nibe namahloni. Kunjalo kanti : akukho namunye phakathi kwenu ohlakaniphileyo onganquma phakathi kwabaz alwane bakhe na?

1 kwabaseKorinte 9:6

Kanti yimi kuphela noBarnaba esingenalungelo lokuyeka ukusebenza na?

1 uSamuweli 10:11

Kwathi bonke ababemazi kuqala sebebona ukuthi waprofetha nabaprofethi, abantu bathi omunye komunye : Kuyini lokhu okwehlele indodana kaKishi na? Kanti naye uSawule uphakathi kwabaprofethi na?

2 kaPetru 2:11

kanti izingelosi, nokuba zizinkulu ngobuqhwaga namandla, azibamangaleli ngenhlamba phambi kweNkosi.

2 kaPetru 2:19

bebathembisa inkululeko , kanti bona uqobo lwabo bayizigqila zokubhubha; ngokuba lokho umuntu ahlulwa yikho uyisigqila sakho.

2 kwabaseKorinte 12:15

Kepha ngokujabula okukhulu ngiyakunikela konke , yebo, ngizinikele mina ngenxa yemiphefumulo yenu . Uma nginithanda kakhulu , kanti kuyilapho ngithandwa kancane na?

2 kwabaseKorinte 13:5

Zihloleni nina, nibone ukuba nisekukholweni yini , nizivivinye nina. Kanti anizazeli yini ukuthi uJesu Kristu ukinina? Uma kungenjalo, ningabokwaliwa.

2 kwabaseKorinte 6:10

njengabadabukileyo kepha siyathokoza njalo , njengabampofu kepha sicebisa abaningi, njengabangenalutho kanti sinakho konke. UPawulu uxwayisa abakholwayo ukuba bangadlelani nabangakholwayo

2 kwabaseKorinte 6:8

ngodumo nangehlazo, ngokuhletshwa nangokutuswa, njengabakhohlisi kanti singabeqiniso,

2 kwabaseKorinte 6:9

njengabangaziwayo kanti saziwa kakhulu , njengabafayo kanti bheka , siyaphila, njengabalaywayo kanti asibulawa,

AmaHubo 28:3

Ungangimukisi kanye nababi nabenza okub i abakhuluma ukuthula nabakhelwane babo, kanti kukhona okubi ezinhliziyweni zabo.

AmaHubo 35:13

Kanti ekuguleni kwabo mina ngangembethe ezokuzila; umphefumulo wami ngawuhlupha ngokuzila ukudla; umkhuleko wami wabuyela esifubeni sami.

AmaHubo 82:7

Kanti nokho niyakufa njengabantu nje, niwe njengesinye sezikhulu.

EkaJakobe 3:5

Lunjalo nolimi ; luyisitho esincane , kanti luyazigabisa kakhulu . Bhekani umlilo omncane uvuthisa ihlathi elingaka;

IsAmbulo 17:8

Isilo owasibonayo sasikhona , asisekho; kepha sesizakwenyuka , siphuma kwalasha, siye ekubhujisweni; nabakhileyo emhlabeni bayakumangala , labo abamagama abo angalotshwanga encwadini yokuphila , selokhu kwasekelwa izwe, nxa bebona isilo ukuthi sasikhona , kepha asisekho , kanti sizakuba khona.

IsAmbulo 2:9

Ngiyakwazi ukuhlupheka kwakho nobumpofu bakho -- kanti ucebile -- nenhlamba yabathi b angabaJuda bengesibo , kodwa beyisinagoge likaSathane.

IsAmbulo 3:1

Nakuyo ingelosi yebandla laseSardesi loba ukuthi : Nakhu akushoyo onawoMoya abayisikhombisa bakaNkulunkulu nezinkanyezi eziyisikhombisa, uthi: Ngiyayazi imisebenzi yakho ukuba unegama lokuthi uyaphila , kanti ufile.

IsAmbulo 3:17

Ngokuba uthi: Ngicebile, kangiswele lutho, kanti kawazi ukuthi ungolusizi, nowokuhawukelwa, nompofu, nophuphuthekayo, nohamba ze;

IsAmbulo 3:8

Ngiyayazi imisebenzi yakho ; bheka, ngimisile phambi kwakho umnyango ovuliweyo, ongenakuvalwa muntu , ngokuba unamandla amancane , kanti waligcina izwi lami, kawuliphikanga igama lami.

IzAga 30:25

izintuthwane ziyisizwe esingenamandla , kanti ziyalungisa ukudla kwazo ehlobo;

IzAga 30:26

izimbila ziyisizwe esibuthakathaka, kanti ziyakha izindlu zazo edwaleni;

IzAga 30:27

izinkumbi azinankosi, kanti ziyaphuma zonke ngamaviyo;

IzAga 30:28

isibankwa ungasibamba ngezandla zombili, kanti sisendlini yenkosi.

IzEnzo 11:18

Bathi ukuzwa lokho , bathula, badumisa uNkulunkulu , bathi: Kanti uNkulunkulu unike nabezizwe ukuphendukela ekuphileni. Amakholwa ase-Antiyokiya athiwa amaKristu

IzEnzo 21:38

Kanti awusiye yini lowo waseGibithe owambuka ngaphambi kwalezi zinsuku, waholela ehlane amadoda ayizinkulungwane ezine angababulali na?

KwabaseFilipi 1:24

kanti-ke ukuhlala enyameni kuswelekile kakhulu ngenxa yenu.

KwabaseFilipi 3:7

Kanti-ke lokho okwakuyinzuzo kimi ngakushaya indiva ngenxa kaKristu.

KwabaseGalathiya 2:17

Kepha uma thina , lapho sifuna ukulungisiswa ngoKristu , nathi uqobo safunyanwa siyizoni, kanti uKristu uyisikhonzi sesono na? Qha nakanye.

KwabaseRoma 3:9

Kunjani kanti? Siyabadlula na? Qha nakanye, ngokuba bese sibamangalele abaJuda namaGreki ngokuthi bonke baphansi kwesono,

KwabaseRoma 7:1

Kanti anazi yini , bazalwane, ngokuba ngikhuluma kwabawazi umthetho , ukuthi umthetho uyabusa phezu komuntu ngesikhathi sonke esekhona na?

NgokukaJohane 18:11

Khona uJesu wathi kuPetru : Faka inkemba emgodleni wayo ; angiyikusiphuza kanti isitsha anginike sona uBaba na? Ukuthethwa kwecala likaJesu (Math. 26:57; Mark. 14:53; Luk. 22:54)

NgokukaJohane 18:35

UPilatu waphendula wathi: Kanti ngingumJuda yini mina na? Isizwe sakini nabapristi abakhulu bakunikezele kimi; wenzeni na?

NgokukaJohane 18:37

Wayesethi uPilatu kuye : Kanti nokho uyinkosi na ? UJesu waphendula wathi: Usho khona . Ngiyinkosi; ngizalelwe lokho , ngafikela lokho ezweni ukuba ngifakazele iqiniso. Bonke abeqiniso bayalizwa izwi lami.

NgokukaJohane 21:23

Ngakho-ke leli zwi laphumela kubazalwane lokuthi lowo mfundi akayikufa . Kanti uJesu akashongo ukuthi akayikufa kodwa ukuthi: Uma ngithanda ukuba ahlale ngize ngifike, kuyini kuwe na? Isigcino

NgokukaJohane 4:12

Kanti wena umkhulu yini kunobaba uJakobe owasinika lo mthombo , waphuza kuwo, yena kanye namadodana akhe nemihlambi yakhe, na?

NgokukaJohane 7:41

Abanye bathi : Lo unguKristu . Kepha abanye bathi : Kanti uKristu uvela eGalile na?

NgokukaJohane 7:47

Ngakho abaFarisi baziphendula bathi: Kanti nani nidukisiwe na?

NgokukaJohane 7:52

Baphendula, bathi kuye: Kanti nawe ungowaseGalile na? Phenyisisa, ubone ukuthi akuveli mprofethi eGalile.

NgokukaJohane 8:55

Kanti animazanga, kepha mina ngiyamazi. Uma ngithi angimazi, ngingaba ngumqambimanga njengani. Kepha ngiyamazi, ngigcina izwi lakhe.

NgokukaJohane 8:57

Base bethi kuye abaJuda : Awukabi naminyaka engamashumi ayisihlanu , kanti u-Abrahama usuke wambona na?

NgokukaLuka 11:47

Maye kinina , ngokuba niyawakha amathuna abaprofethi , kanti oyihlo bababulala!

NgokukaLuka 13:15

Kepha iNkosi yamphendula yathi : Bazenzisi, kanti yilowo nalowo kini kayithukululi yini ngesa batha inkabi yakhe noma imbongolo yakhe emkhombeni, ayise ukuyoyiphuzisa, na?

NgokukaLuka 15:17

Kuthe sekusile kuyo , yathi: Bangaki abaqashwa bakab aba abanokudla okuningi, kanti mina ngifa indlala lapha.

NgokukaLuka 22:70

Base bethi bonke: Kanti uyiNdodana kaNkulunkulu na? Wathi kubo: Nisho khona, ngokuba ngiyiyo.

NgokukaLuka 23:22

Wayesethi kubo ngokwesithathu : Kanti lo wenze bubi buni na ? Angifumananga kuye icala lokufa; ngakho ngiyakumshaya, ngimkhulule.

NgokukaLuka 6:41

Ubhekelani ucezwana olusesweni lomfowenu, kanti ugongolo olukwelakho iso awuluboni na?

NgokukaLuka 7:25

Kanti naphuma ukuyobonani na ? Umuntu owembethe izingubo ezinothonotho na ? Bhekani, abembethe okukhazimulayo , betamasa, basezindlini zamakhosi.

NgokukaMarku 4:41

Besaba ngokwesaba okukhulu, bathi omunye komunye: Kanti lo ungubani , lokhu nomoya nolwandle kuyamlalela?

NgokukaMarku 7:18

Wayesethi kubo: Kanti nani ningaban gaqondiyo na? Aniqondi yini ukuthi konke okungaphandle okungena kumuntu kungemngcolise na?

NgokukaMathewu 11:8

Kanti naphuma ukuyobonani na ? Umuntu owembethe ezinothonotho na ? Bhekani, abembethe ezinothonotho basezindlini zamakhosi.

NgokukaMathewu 15:16

Wayesethi: Kanti nani nisengabangaqondiyo na?

NgokukaMathewu 16:3

kuthi kusasa nithi : Namuhla lizakuphendula, ngokuba libhejile, liguqubele. Kanti ukuma kwezulu niyakwazi ukukuchaza, kepha izibonakaliso zezikhathi aniziqondi na?

NgokukaMathewu 20:13

Waphendula, wathi komunye wabo : M ngane, angikoni; kanti asivumelananga ngodenariyu na?

NgokukaMathewu 23:27

Maye kinina babhali nabaFarisi , bazenzisi, ngokuba nifana namaliba acakiweyo abonakala emahle ngaphandle , kanti ngaphakathi agcwele amathambo abafileyo nokungcola konke!

NgokukaMathewu 23:28

Kanjalo nani ngaphandle nibonakala kubantu nilungile, kanti ngaphakathi nigcwele ukuzenzisa nobubi.

NgokukaMathewu 26:40

Wayeseza kubafundi , wabafumana belele ; wathi kuPetru : Kanti beningelinde nami ihora libe linye na?

UGenesise 48:14

U-Israyeli wayeselula isandla sakhe sokunene , wasibeka ekhanda lika - Efrayimi, kanti ungomncane, nesokhohlo ekhanda likaManase , ephambanisa izandla zakhe, ngokuba uManase wayeyizibulo.

UGenesise 50:19

UJosefa wayesethi kubo: Ningesabi; kanti ngisesikhundleni sikaNkulunkulu na?

UMalaki 1:14

Makaqalekiswe okhohlisayo , okukhona emhlambini wakhe i duna, kanti athembise, ahlabele iNkosi okonakeleyo ; ngokuba ngiyinkosi enkulu , usho uJehova Sebawoti, negama lami liyesabeka phakathi kwezizwe.

UZakariya 1:6

Kanti amazwi ami nezimiso zami engayala ngakho izinceku zami abaprofethi akubaficanga yini oyihlo , baze baphenduka , bathi: Njengalokho uJehova Sebawoti ebehlosa ukwenza kithi njengezindlela zethu nemisebenzi yethu , wenze kanjalo kithina, na? Umbono ngezinkweli zamahhashi

UmShumayeli 8:12

ngangokuba i soni, noma senza okubi kayikhulu , kuyandiswa nokho izinsuku zaso. Kanti nokho ngiyazi ukuthi kuzakuba kuhle kwabamesabayo uNkulunkulu, lokhu besaba phambi kobuso bakhe;