Skip to Content

"kasawule"

57 occurrences in ZUL

1 iziKronike 10:2

AmaFilisti axosha uSawule namadodana akhe; amaFilisti abulala oJonathani, no-Abinadaba, noMaliki Shuwa, amadodana kaSawule.

1 iziKronike 12:23

Nazi izibalo zezinhloko zababehlomele ukulwa abeza kuDavide eHebroni ukuba baguqulele umbuso kaSawule kuye njengezwi likaJehova.

1 iziKronike 12:29

Kubantwana bakwaBenjamini , abafowabo bakaSawule , yizinkulungwane ezintathu, ngokuba kuze kube manje imvama yabo yayithembekile endlini kaSawule.

1 iziKronike 15:29

Kwathi lapho umphongolo wesivumelwano sikaJehova usungena emzini kaDavide, uMikhali indodakazi kaSawule walunguza efasiteleni , wabona inkosi uDavide isina, idlala; wayidelela enhliziyweni yakhe.

1 iziKronike 5:10

Emihleni kaSawule baphaka impi kumaHagiri, awa ngesandla sabo; bahlala ematendeni abo ngasempumalanga yonke yakwaGileyadi.

1 uSamuweli 10:14

Uyisekazi kaSawule wathi kuye nasencekwini yakhe: Nike naya ngaphi na? Wathi: Besiye kufuna izimbongolo ; lapho sesibonile ukuthi azikho , sase siya kuSamuweli.

1 uSamuweli 10:15

Uyisekazi kaSawule wathi: Ake ningitshele: Utheni kini uSamuweli na?

1 uSamuweli 14:1

Kwathi ngosuku oluthile uJonathani indodana kaSawule wathi odibini oluphethe izikhali zakhe : Woza siwele , siye ekhandeni lamaFilisti elingaphesheya. Kepha akamtshelanga uyise.

1 uSamuweli 14:48

Wenza okobuqhawe , wanqoba ama -Amaleki, wamophula u -Israyeli esandleni sabaphangi. Abomuzi kaSawule

1 uSamuweli 14:49

Amadodana kaSawule ayengoJonathani , no-Ishivi, noMaliki Shuwa ; amagama amadodakazi akhe amabili yilawa : igama lenkulu lalinguMerabi , igama lencane lalinguMikhali.

1 uSamuweli 14:50

Igama lomkaSawule lalingu -Ahinohama indodakazi ka -Ahimahazi; igama lenduna yempi yakhe lalingu-Abineri indodana kaNeri uyisekazi kaSawule.

1 uSamuweli 14:51

UKishi uyise kaSawule noNeri uyise ka -Abineri babe ngamadodana ka - Abiyeli.

1 uSamuweli 18:19

Kepha kwathi ngesikhathi uMerabi indodakazi kaSawule ebeyakunikwa uDavide, wanikwa ku-Adriyeli waseMehola abe ngumkakhe.

1 uSamuweli 18:20

UMikhali indodakazi kaSawule wamthanda uDavide ; bamtshela uSawule , kwaba kuhle emehlweni akhe.

1 uSamuweli 18:28

USawule wabona, wazi ukuthi uJehova unoDavide ; uMikhali indodakazi kaSawule wamthanda.

1 uSamuweli 19:1

USawule wakhuluma kuJonathani indodana yakhe nakuzo zonke izin ceku zakhe ngokubulala uDavide . Kepha uJonathani indodana kaSawule wamenamela kakhulu uDavide.

1 uSamuweli 20:30

Intukuthelo kaSawule yayisimvuthela uJonathani , wathi kuye : Wena ndodana yowesifazane owonakeleyo nohlubukileyo , angazi yini ukuthi ukhethile indoda na kaJese kube yihlazo lakho nehlazo lobunqunu bukanyoko, na?

1 uSamuweli 23:16

Kwasuka uJonathani indodana kaSawule , waya kuDavide eHoreshi , waqinisa isandla sakhe kuNkulunkulu.

1 uSamuweli 24:4

Abantu bakaDavide bathi kuye : Bheka, nantu usuku uJehova asho ngalo kuwe ukuthi: Bheka, ngiyakunikela isitha sakho esandleni sakho, wenze kuso okuhle emehlweni akho . Wayesesuka uDavide , wasika ngasese umphetho wengubo kaSawule.

1 uSamuweli 24:5

Kwathi ngasemuva uDavide wahlabeka enhliziyweni , ngokuba wayesikile umphetho wengubo kaSawule.

1 uSamuweli 29:3

Zase zithi izikhulu zamaFilisti : Ayini lawa maHeberu na ? U-Akhishi wathi kuzo izikhulu zamaFilisti : Akusiye uDavide inceku kaSawule inkosi yakw a- Israyeli okade enami kulezi zinsuku nakule minyaka na ? Angifumananga lutho kuye selokhu ahlubuka weza kimi kuze kube namuhla.

1 uSamuweli 31:2

AmaFilisti axosha uSawule namadodana akhe ; amaFilisti abulala oJonathani, no-Abinadaba, noMaliki Shuwa, amadodana kaSawule.

1 uSamuweli 9:3

Izimbongolo zikaKishi uyise kaSawule zalahleka . UKishi wathi kuSawule indodana yakhe: Thatha enye yezinceku, usuke, uye kufuna izimbongolo.

2 uSamuweli 16:5

Kwathi lapho inkosi uDavide ifika eBahurimi , bheka, kwaphuma khona umuntu womndeni wendlu kaSawule ogama lakhe linguShimeyi indodana kaGera; waphuma, wahamba ethuka.

2 uSamuweli 16:8

UJehova ubuyisele phezu kwakho lonke igazi lendlu kaSawule okade ubusa esikhundleni sakhe ; uJehova unikele umbuso esandleni sika -Abisalomu indodana yakho ; bheka, usubhajiwe ebubini bakho , ngokuba ungumuntu wegazi.

2 uSamuweli 19:17

Kweza naye abantu abayinkulungwane bakwaBenjamini , noSiba inceku yendlu kaSawule , namadodana akhe ayishumi nanhlanu , nezinceku zakhe ezingamashumi amabili zinaye; bawela iJordani phambi kwenkosi.

2 uSamuweli 19:24

Naye uMefibosheti indodana kaSawule wehla ukuhlangabeza inkosi ; wayengalungisanga izinyawo zakhe , engalungisanga nesil evu sakhe , engahlanzanga futhi izingubo zakhe , kwasukela osukwini inkosi eyamuka ngalo kwaze kwaba lusuku owabuya ngalo ngokuthula.

2 uSamuweli 1:12

Balila, bakhala, bazila ukudla kwaze kwahlwa ngenxa kaSawule , noJonathani indodana yakhe , nabantu bakaJehova, nendlu ka -Israyeli, ngokuba bebewile ngenkemba.

2 uSamuweli 1:22

Egazini labab uleweyo nasemanonin i amaqhawe umnsalo kaJonathani awuphindelanga emuva, nenkemba kaSawule ayibuyelanga ize.

2 uSamuweli 21:1

Kwaba khon a indlala ezinsukwini zikaDavide iminyaka emithathu ngokulandelana; uDavide wafuna ubuso bukaJehova . UJehova wathi : Kungenxa kaSawule nangenxa yendlu yakhe yegazi , ngokuba wabulala abaseGibeyoni.

2 uSamuweli 21:12

UDavide waya wathatha amathambo kaSawule namathambo kaJonathani indodana yakhe kubantu baseJabeshi Gileyadi ababewebile esigcawin i saseBeti Shani , lapho, amaFilisti ayebaphanyeke khona , mhla amaFilisti embulala uSawule eGilibowa.

2 uSamuweli 21:13

Wenyusa lapho amathambo kaSawule namathambo kaJonathani indodana yakhe; baqoqa amathambo ababephanyekiwe.

2 uSamuweli 21:14

Bawembela amathambo kaSawule noJonathani ind odana yakhe ezweni lakwaBenjamini eSela ethuneni likaKishi uyise ; benza konke okuyalezwe yinkosi. Ngasemuva uNkulunkulu wancengwa ngenxa yezwe. Ukulwa kwamaFilisti

2 uSamuweli 21:7

Kepha inkosi yamyeka uMefibosheti indodana kaJonathani kaSawule ngenxa yesifungo sikaJehova esasiphakathi kwabo , phakathi kukaDavide noJonathani indodana kaSawule.

2 uSamuweli 21:8

Kepha inkosi yathatha amadodana kaRispa indodakazi ka -Aya ayewazalele uSawule, o-Arimoni noMefibosheti ; namadodana ayisihlanu kaMikhali indodakazi kaSawule ayewazalele u -Adriyeli indodana kaBarizilayi umMeholati;

2 uSamuweli 2:10

U-Ishi Bosheti indodana kaSawule wayeneminyaka engamashumi amane ekuqaleni kwakhe ukubusa phezu kuka -Israyeli; wabusa iminyaka emibili . Kepha indlu yakwaJuda yamlandela uDavide.

2 uSamuweli 2:12

U-Abineri indodana kaNeri nezinceku zika -Ishi Bosheti indodana kaSawule baphuma eMahanayimi, baya eGibeyoni.

2 uSamuweli 2:15

Zase zisuka , zawela ngamanani , eziyishumi nambili kwaBenjamini naku - Ishi Bosheti indodana kaSawule, neziyishumi nambili ziyizinceku zikaDavide.

2 uSamuweli 2:8

U-Abineri indodana kaNeri induna yempi kaSawule wayethathile u -Ishi Bosheti indodana kaSawule, wamwelisela eMahanayimi,

2 uSamuweli 3:1

Kwakukhona ukulwa isikhathi eside phakathi kwendlu kaSawule nendlu kaDavide; uDavide waqhubeka ngokuqina njalo , kepha indlu kaSawule yaqhubeka ngokuncipha njalo. Amadodana kaDavide

2 uSamuweli 3:10

kudluliswe umbuso endlini kaSawule , kumiswe isihlalo sobukhosi sikaDavide phezu kuka-Israyeli naphezu kukaJuda , kusukela kwa Dani kuze kufike eBeri Sheba.

2 uSamuweli 3:13

Wathi: Kuhle; ngiyakwenza isivumelwano nawe , kepha yinto inye engiyifuna kuwe , ngeyokuthi awuyikubona ubuso bami , uma ungalethi kuqala phambi kwami uMikhali indodakazi kaSawule, lapho uzayo ukubona ubuso bami.

2 uSamuweli 3:14

UDavide wayesethuma izithunywa ku -Ishi Bosheti indodana kaSawule , ethi: Nginike umkami uMikhali engammiselwa ngamajwabu ayikhulu amaFilisti.

2 uSamuweli 3:6

Kwathi kusekhona ukulwa phakathi kwendlu kaSawule nendlu kaDavide , u- Abineri wamela indlu kaSawule ngamandla.

2 uSamuweli 3:8

U-Abineri wathukuthela kakhulu ngenxa yalawo mazwi ka -Ishi Bosheti , wathi: Ngiyikhanda lenja engeyakwaJuda na ? Namuhla ngiyayenzela indlu kaSawule uyihlo umusa , abafowabo nabangane bayo , angikunikelanga esandleni sikaDavide; nokho ungibeka icala namuhla ngalowo wesifazane.

2 uSamuweli 4:1

Lapho isizwile indodana kaSawule ukuthi u -Abineri ufile eHebroni , izandla zayo zaba buthakathaka, nabo bonke abakwa-Israyeli bakhathazeka.

2 uSamuweli 4:2

Indodana kaSawule yayinamadoda amabili ayeyizinduna zamaviyo ; igama lenye lalinguBahana negama lenye lal inguRekabi, amadodana kaRimoni waseBeyeroti wabantwana bakwaBenjamini , ngokuba iBeyeroti libalelwa kuBenjamini.

2 uSamuweli 4:4

UJonathani indodana kaSawule wayenendodana elunyonga ngezinyawo . Yayineminyaka eyisihlanu ekufikeni kombiko ngoSawule noJonathani uvela eJizreyeli; umzanyana wayo wayithatha , wabaleka; kwathi eseshesha ukubaleka, yawa, yaba lunyonga. Igama layo lalinguMefibosheti.

2 uSamuweli 4:8

Baliyisa ikhanda lika-Ishi Boshethi kuDavide eHebroni, bathi enkosini: Nanti ikhanda lika-Ishi Bosheti indodana kaSawule; isitha sakho ebesifuna ukuphila kwakho; uJehova uphindisele namuhla inkosi yami, inkosi, kuSawule nakuyo inzalo yakhe.

2 uSamuweli 6:16

Kwathi umphongolo kaJehova ungena nje emzini kaDavide , uMikhali indodakazi kaSawule walunguza efasiteleni , wabona inkosi uDavide itshekula, isina phambi kukaJehova; wayidelela enhliziyweni yakhe.

2 uSamuweli 6:20

UDavide wayesebuya ukubusisa indlu yakhe . UMikhali indodakazi kaSawule waphuma ukumhlangabeza uDavide, wathi: Yeka udumo lwenkosi ka-Israyeli namuhla, ezambulile namuhla emehlweni ezincekukazi zezinceku zakhe njengomunye wamayiyane, ezambula nokuzambula.

2 uSamuweli 6:23

UMikhali indodakazi kaSawule akazalanga mntwana kwaze kwaba lusuku lokufa kwakhe.

2 uSamuweli 9:1

UDavide wathi : Usekhona yini osele endlini kaSawule ukuba ngimenzele umusa ngenxa kaJonathani na?

2 uSamuweli 9:2

Kwakukhona endlini kaSawule inceku egama layo linguSiba ; bambizela kuDavide; inkosi yathi kuye: UnguSiba na? Wathi: Inceku yakho inguye.

2 uSamuweli 9:3

Inkosi yayisithi : Akusekho endlini kaSawule noyedwa engingamenzela umusa kaNkulunkulu na ? USiba wathi enkosini : UJonathani usenendodana elunyonga ngezinyawo.

2 uSamuweli 9:6

UMefibosheti indodana kaJonathani kaSawule wafika kuDavide , wawa ngobuso, wakhuleka. UDavide wathi : Mefibosheti. Wathi: Nansi i nceku yakho.

2 uSamuweli 9:9

Inkosi yayisimbiza uSiba inceku kaSawule , yathi kuye: Konke okukaSawule nokwendlu yakhe yonke ngikunike indodana yenkosi yakho.