Skip to Content

"kimina"

22 occurrences in ZUL

1 kwabaseKorinte 4:3

Kepha kimina kuyinto encane impela ukuba ngahlulelwe yi nina noma ngokwahlulela kwabantu; yebo, nami angizahluleli.

1 kwabaseKorinte 4:6

Lokhu-ke, bazalwane, ngikuguqulele kimina naku -Apholo ngokulinganisa ngenxa yenu, ukuze nifunde kithi ukungeqisi kokulotshiweyo ukuba ningakhukhunyezwa, kungabi yilowo akhethe omunye kunomunye.

1 kwabaseKorinte 9:16

Ngokuba noma ngishumayela ivangeli , anginaludumo ngalok ho, ngokuba ngimelwe ukwenze njalo ; ngokuba maye kimina uma ngingalishumayeli ivangeli!

2 kwabaseKorinte 1:17

Pho-ke, bengidlala nje ngisahlose lokho na ? Lokho engikuhlosayo ngikuhlosa ngokwenyama yini , ukuze kimina kube nguyebo yebo , kanye noqhabo qhabo, na?

AmaHubo 116:12

Ngiyakubuyiselani kuJehova ngazo zonke izenzo zakhe ezinhle kimina na?

AmaHubo 119:54

Zaba yizihlabelelo kimina izimiso zakho endlini yokugogobala kwami.

IzAga 8:14

Kimina kukhona ukululeka nempumelelo; ngingukuqonda, nginamandla.

KumaHeberu 1:5

Ngokuba yiyiphi yezingelosi ake asho kuyo ukuthi: UyiNdodana yami wena, namuhla ngikuzele , na? nokuthi: Ngiyakuba nguYise kuyona , yona ibe yiNdodana kimina, na?

KwabaseFilipi 1:21

Ngokuba kimina ukuphila kunguKristu, ukufa kuyinzuzo.

KwabaseFilipi 1:30

nikukho khona lokho kulwa enakubona kimina , nakalokhu nizwa ukuthi kukimina.

KwabaseRoma 14:11

Ngokuba kulotshiwe ukuthi : Kuphila kwami , isho iNkosi , kimina ayakuguqa amadolo onke, nezilimi zonke ziyakudumisa uNkulunkulu.

KwabaseRoma 7:21

Ngalokho ngifumana kimina engithanda ukwenza okuhle umthetho wokuthi kukhona okubi kimi,

NgokukaJohane 17:23

mina kubona, nawe kimina, ukuba bapheleliswe ebunyeni, ukuze izwe lazi ukuba wena ungithumile, wabathanda, njengalokho ungithandile.

U-Ezra 7:21

Kimina, yebo, mina Aritahishashita inkosi, kukhishwa isimemezelo kubo bonke abaphathizikhwama abangaphesheya koMfula ukuthi konke u -Ezra umpristi nombhali wom thetho kaNkulunkulu wezulu ayakukubiza kini , makwenziwe ngesineke sonke,

U-Isaya 45:23

Ngizifungile mina , kuphumile izwi emlonyeni wami ngokulunga , aliyikubuya, lokuthi: Kimina ayakuguqa onke amadolo , nezilimi zonke ziyakufunga.

UDuteronomi 32:34

Lokho akubekelelwe kimina, kunamathelisiwe engcebeni yami na?

UGenesise 39:14

wabiza abantu bendlu , wakhuluma kubo , wathi: Bonani usilethele umHeberu ukuba adlale ngathi ; uze kimina ukuba alale nami ; ngamemeza ngezwi elikhulu;

UHoseya 14:8

Efrayimi, ngisenendabani nezithombe na ? Mina ngiyakumphendula , ngimbheke; nginjengomsayipuresi oluhlaza , kimina izithelo zakho ziyafunyanwa.

UJeremiya 10:19

Maye kimina ngenxa yokulimala kwami ! Ukushaywa kwami kunzima. Kepha ngithi mina: Nempela lokhu kulusizi lwami, ngiyakuluthwala.

UJeremiya 15:10

Maye kimina , mame, ukuthi ungizalile , ngibe ngumuntu wokuphikisan a nokuxabana emhlabeni wonke! Angibizanga inzalo, futhi akubizwanga inzalo kimi, nokho bayangiqalekisa bonke.

UJeremiya 45:3

Uthi wena : M aye kimina! Ngokuba uJehova wenezele usizi ebuhlungwini bami, ngikhathele ukukhala, nokuthula angikufumani.

UJeremiya 4:31

Ngizwile izwi njengokungathi elonemihelo , usizi lozibulayo , izwi lendodakazi yaseSiyon i eheheza, ezelula izandla zayo , ithi: Maye kimina ! Ngokuba umphefumulo wami uphele amandla ngababulali.