Skip to Content

"kinina"

61 occurrences in ZUL

1 kaJohane 2:24

Lokho enakuzwayo kwasekuqaleni , makuhlale kinina . Uma kuhlala kini enakuzwayo kwasekuqaleni, nani niyakuhlala kuyo iNdodana nakuye uYise.

1 kaPetru 1:10

Ngayo leyo nsindiso babefunisisa bephenyisisa abaprofethi ababeprofetha ngomusa obuzakuza kinina,

1 kaPetru 1:2

bekhethiwe ngokwaziphambili kukaNkulunkulu uYise ngokungcwelisa kukaMoya kukho ukulalela nokufafazwa ngegazi likaJesu Kristu : Makwandiswe kinina umusa nokuthula. UPetru ubonga uNkulunkulu ngethemba eliphilileyo labakholwayo

1 kaPetru 1:25

Yilo leli zwi levangeli elashunyayelwa kinina.

1 kwabaseKorinte 14:36

Konje izwi likaNkulunkulu laphuma kinina na? Nokuba lafika kinina nodwa na?

1 kwabaseKorinte 7:35

Ngisho lokhu ukuba kube lusizo kinina ; akusikho ukuba nginigaxe ngentambo kepha ukuba nihambe ngokufaneleyo , nibambelele eNkosini ngokungaphazameki.

1 kwabaseKorinte 9:2

Noma ngingesiye umphostoli kwabanye , nokho kinina nginguye , ngokuba uphawu lobuphostoli bami eNkosini yinina.

1 kwabaseThesalonika 1:8

Ngokuba udumo lwezwi leNkosi lwaphuma kinina , lwafika, angisho eMakedoniya nase -Akhaya kuphela , kepha ezindaweni zonke lapho ukukholwa kwenu nguNkulunkulu kuphumele khona ; ngakho asisadingi ukukhuluma lutho.

1 kwabaseThesalonika 1:9

Ngokuba bona uqobo balanda ngathi ukuthi kwaba njani ukungena kwethu kinina nokuthi naphendu kela kanjani kuNkulunkulu , nishiya izithombe , ukuba nikhonze uNkulunkulu ophilayo oweqiniso,

1 kwabaseThesalonika 2:1

Ngokuba niyazi nina bazalwane ukuthi ukungena kwethu kinina akubanga yize.

1 kwabaseThesalonika 2:18

Ngakho besithanda ukuza kinina , mina Pawulu ngokwami kanye nakabili , kepha uSathane wasivimbela.

1 kwabaseThesalonika 2:9

Ngokuba niyakhumbula , bazalwane, ukukhandleka nokushikashikeka kwethu; sisebenza ubusuku nemini , ukuze singasindi noyedwa kinina , sanishumayeza ivangeli likaNkulunkulu.

1 kwabaseThesalonika 3:12

iNkosi ininike ukwanda nokuchichima othandweni , omumye komunye nakubo bonke, njengokuba sinjalo kinina,

2 AmaKhosi 10:2

Manje njengalokhu le ncwadi ifika kinina , lokhu amadodana enkosi yenu ekini, kukhona futhi kini izinqola namahhashi , kanye nomuzi obiyelweyo , nezikhali,

2 kwabaseKorinte 11:6

Noma ngiyibhimbi lokukhuluma , nokho angisilo ngokwazi ; lokhu sikubonakalisile kinina ngezindlela zonke ezintweni zonke.

2 kwabaseKorinte 4:12

Kanjalo kusebenza ukufa kithina, kepha kinina ukuphila.

EkaJakobe 4:8

sondelani kuNkulunkulu, khona uyakusondela kinina. Hlanzani izandla nina zoni, nihlambulule izinhliziyo nina bonhliziyombili.

IsAmbulo 2:24

Kodwa ngithi kinina eniseleyo eThiyathira, nonke eningenaso lesi sifundiso, eningakwaziyo okujulile yo kukaSathane njengabakushoyo: Kangiphonsi phezu kwenu omunye umthwalo;

IsiLilo 1:12

Akulutho kinina nonke enidlul a ngendlela na ? Bhekani, nibone ukuba kukhona yini ubuhlungu obunjengobuhlungu bami engehlelwe yibo, uJehova angihluphe ngabo ngosuku lokufutheka kwentukuthelo yakhe.

KumaHeberu 12:5

senikhohliwe umyalo okhuluma kinina njengakubantwana wokuthi : Ndodana yami , ungadeleli ukulaya kweNkosi , uphele amandla, nxa usolwa yiyo,

Kwabase-Efesu 2:17

Weza washumayela ivangeli lokuthula kinina enanikude , yebo, ukuthula nakubo abaseduze.

KwabaseFilipi 1:6

ngethembile ngempela yona le nto ukuthi owaqala umsebenzi omuhle kinina uyakuwufeza kuze kube lusuku lukaKristu Jesu,

KwabaseFilipi 2:25

Kodwa ngibone ukuthi kudingekile ukuba ngithume kinina u-Ephafrodithu, umzalwane nesisebenzi nebutho kanye nami , nesithunywa senu , isikhonzi ekusweleni kwami,

KwabaseFilipi 4:18

Kepha nginakho konke ngokweqileyo ; nganelisiwe sengamukelisiwe ngu- Ephafrodithu okuvela kinina , iphunga elimnandi , umhlatshelo omuhle nothokozisayo kuNkulunkulu.

KwabaseFilipi 4:21

Ngikhonzeleni kwabangcwele bonke abakuKristu Jesu . Abazalwane abanami bakhonza kinina.

KwabaseGalathiya 2:5

esingabahlehlelanga nasikhashana ngokubathobela , ukuze iqiniso levangeli lime njalo kinina.

KwabaseGalathiya 3:2

Yilokhu kuphela engithanda ukukwazi kinina ukuthi : Namukeliswa uMoya ngemisebenzi yomthetho noma ngezwi lokukholwa na?

NgokukaJohane 14:27

Ukuthula ngikushiya kinina , ukuthula kwami nginipha khona . Akunjengokupha kwezwe ukunipha kwami . Inhliziyo yenu mayingakhathazeki, ingesabi.

NgokukaJohane 15:3

Nina senihlanzekile ngezwi engilikhulume kinina.

NgokukaJohane 16:5

Manje ngiyamuka, ngiya kongithumileyo; akakho kinina ongibuza ukuthi : Uya ngaphi na?

NgokukaJohane 20:19

Kwathi-ke kusihlwa ngalolo suku , olokuqala lweviki , iminyango ivaliwe lapho abafundi bekhona ngokwesaba abaJuda , uJesu wafika wema phakathi kwabo, wathi kubo: Ukuthula makube kinina.

NgokukaJohane 20:21

Khona uJesu wabuye wathi kubo : Ukuthula makube kinina . Njengokuba uBaba engithume mina, nami ngiyanithuma nina.

NgokukaJohane 20:26

Emva kwezinsuku eziyisishiyagalombili abafundi bakhe babesendlini futhi, uTomase enabo . UJesu wafika iminyango ivaliwe , wema phakathi kwabo , wathi: Ukuthula makube kinina.

NgokukaLuka 11:42

Kodwa maye kinina baFarisi , ngokuba nithela okweshumi kwesinkuntshane, nokwentshungu, nokwemifino yonke, ninganaki ukulunga nokumthanda uNkulunkulu ! Benimelwe ukwenza lokhu , ningakuyeki nalokho.

NgokukaLuka 11:43

Maye kinina baFarisi , ngokuba nithanda izihlalo ezipha mbili emasinagogeni nokubingelelwa ezigcawini zokuthengelana!

NgokukaLuka 11:44

Maye kinina , ngokuba nifana namathuna angasabonakaliyo , nabantu abahamba ngaphezu kwawo bengawazi!

NgokukaLuka 11:47

Maye kinina , ngokuba niyawakha amathuna abaprofethi , kanti oyihlo bababulala!

NgokukaLuka 11:52

Maye kinina zazimthetho, ngokuba nisisusile isihluthulelo sokwazi ! Nina uqobo lwenu aningenanga, nabangenayo nabavimbela.

NgokukaLuka 12:4

Kepha ngithi kinina bahlobo bami : Ningabesabi abawubulala umzimba , bengenakwenza okunye emva kwalokho.

NgokukaLuka 24:36

Besakhuluma lokho , yena uqobo wema phakathi kwabo , wathi kubo : Ukuthula makube kinina.

NgokukaLuka 6:24

Kepha maye kinina bacebileyo, ngokuba niyamukele induduzo yenu!

NgokukaLuka 6:25

Maye kinina basuthiyo kalokhu , ngokuba niyakulamba ! Maye kinina bahlekayo kalokhu, ngokuba niyakulila, nikhale!

NgokukaLuka 6:26

Maye kinina , nxa abantu bonke bekhuluma kahle ngani , ngokuba oyise babo benze njalo kubaprofethi bamanga!

NgokukaMathewu 23:13

Maye kinina babhali nabaFarisi , bazenzisi, ngokuba nivalela abantu umbuso wezulu ! Ngokuba aningeni nina , nabangenayo anibavumeli ukungena.

NgokukaMathewu 23:14

Maye kinina babhali nabaFarisi , bazenzisi, ngokuba nidla izindlu zabafelokazi, nangokuzenzisa nenza imikhuleko emide ! Ngalokho-ke niyakwamukeliswa ukulahlwa okukhulu.

NgokukaMathewu 23:15

Maye kinina babhali nabaFarisi , bazenzisi, ngokuba nihamba ulwandle nomhlaba ukuba nithole nokuba iproselite lilinye , lithi selaba njalo nilenze indodana yesihogo ngokuphindiwe kunani!

NgokukaMathewu 23:16

Maye kinina baholi abayizimpumputhe enithi : Ofunga ithempeli akulutho, kodwa ofunga igolide lethempeli uzibophile!

NgokukaMathewu 23:23

Maye kinina babhali nabaFarisi , bazenzisi, ngokuba nithela okweshumi kwesinkuntshane, nokwentshungu, nokodonqa, niyeke okunzima komthetho: ukwahlulela nesihawu nokukholwa! Benimelwe ukwenza lokhu, ningakuyeki nalokho.

NgokukaMathewu 23:25

Maye kinina babhali nabaFarisi , bazensizi, ngokuba nihlambulula ingaphandle lenkezo nesitsha , kepha ngaphakathi kugcwele impango nokuhuheka!

NgokukaMathewu 23:27

Maye kinina babhali nabaFarisi , bazenzisi, ngokuba nifana namaliba acakiweyo abonakala emahle ngaphandle , kanti ngaphakathi agcwele amathambo abafileyo nokungcola konke!

NgokukaMathewu 23:29

Maye kinina babhali nabaFarisi , bazenzisi, ngokuba nakha amaliba abaprofethi, nihlobisa amathuna abalungileyo!

U-Amose 5:18

Wo kinina enifisa usuku lukaJehova ! Luyakunisizani usuku lukaJehova ? Lungubumnyama, alusikho ukukhanya.

UDaniyeli 4:1

UNebukadinesari inkosi kubo bonke abantu , nezizwe, nezilimi ezakhe emhlabeni wonke: ukuthula makuvame kinina.

UDaniyeli 6:25

UDariyu inkosi wayeselobela bonke abantu , nezizwe, nezilimi ezikhona emhlabeni wonke ukuthi: Ukuthula makwande kinina.

UDuteronomi 5:4

UJehova wakhuluma kinina ubuso nobuso entabeni ephakathi komlilo.

UGenesise 43:23

Yayisithi kubo : Ukuthula makube kinina ; ningesabi; uNkulunkulu wenu noNkulunkulu kayihlo uniphe igugu emasakeni enu ; imali yenu ngayithola . Yaphumisa uSimeyoni, yamletha kubo.

UGenesise 45:12

Bhekani, amehlo enu ayabona kanye namehlo omfowethu uBenjamini ukuthi yiwo umlomo wami okhuluma kinina.

UJeremiya 18:6

Bengingenze kinina ndlu ka -Israyeli njengalo mbumbi na ? usho uJehova. Bhekani, njengebumba esandleni sombumbi, ninjalo esandleni sami nina ndlu ka-Israyeli.

UMalaki 1:6

Indodana idumisa uyise , nenceku inkosi yayo ; uma ngingu yise, kuphi ukudunyiswa kwami ? Uma ngiyinkosi , kuphi ukwesatshwa kwami ? usho uJehova Sebawoti , kinina bapristi enilidelela igama lami . Nokho nithi : Silidelele kanjani igama lakho na?

UMalaki 4:2

Kepha kinina enilesabayo igama lami kuyakuphuma ilanga lokulunga , linokuphilisa emaphikweni alo ; niyakuphuma, nitshekule njengamathole esibaya.

UNumeri 15:16

Kuyakuba ngumthetho munye nesimiso sinye kinina nakumfokazi ogogobeleyo kini.