Skip to Content

"kobusuku"

9 occurrences in ZUL

2 AmaKhosi 7:12

Inkosi yavuka phakathi kobusuku , yathi ezincekwini zayo : Ake nginitshele lokhu ama-Aramu asenzela khona . Ayazi ukuthi silambile ; ngalokho aphumile ekamu ukuba acashe, ethi: Lapho bephuma emzini, siyakubabamba besezwa, singene emzini.

AbAhluleli 16:3

USamsoni walala kwaze kwaba phakathi kwamabili ; wavuka phakathi kobusuku, wabamba izivalo zesango lomuzi nezinsika zombili , wazincothula kanye nomgoqo , wazibeka emahlombe akhe , wazikhuphulela esiqongweni sentaba ephambi kweHebroni. UDelila

AmaHubo 119:62

Phakathi kobusuku ngiyakuvuka ngikubong e ngenxa yezahlulelo zakho ezilungileyo.

IzEnzo 16:25

Kepha phakathi kobusuku oPawulu noSila bekhuleka bamdumisa uNkulunkulu ngamahubo, iziboshwa zabezwa;

IzEnzo 20:7

Kwathi ngosuku lokuqala lweviki , sesibuthene ukuba sihlephule isinkwa , uPawulu washumayela kubo ebezakumuka ngangomuso, welula amazwi akhe kwaze kwaba phakathi kobusuku.

IzEnzo 27:27

Kwathi ukuba kufike ubusuku beshumi nane sisazulazuliswa elwandle lwase-Adriya phakathi kobusuku, abomkhumbi bacabanga ukuthi bayasondela ezweni elithile.

NgokukaLuka 11:5

Wathi kubo : Ngumuphi kini oyakuba nomhlobo , aye kuye phakathi kobusuku, athi kuye: Mhlobo, ngitsheleke izinkwa zibe zintathu,

NgokukaMarku 13:35

Ngakho lindani, ngokuba anazi ukuthi inkosi yendlu iyakufika nini , noma ngokuhlwa, noma phakathi kobusuku , noma ngokukhala kwezinkuku , noma ekuseni,

NgokukaMathewu 25:6

Kepha phakathi kobusuku kwamenyezwa ukuthi : Nangu umyeni; phumani niye kumhlangabeza!