"kokuhlakanipha"
5 occurrences in ZUL
AmaHubo 111:10
Ukumesaba uJehova kungukuqala kokuhlakanipha ; banengqondo enhle bonke abakwenzayo. Udumo lwakhe lumi kuze kube phakade.
IzAga 15:33
Ukumesaba uJehova kungukulaywa kokuhlakanipha ; ukuthobeka kuyandulela udumo.
IzAga 1:7
Ukumesaba uJehova kungukuqala kokuhlakanipha ; iziwula ziyadelela ukuhlakanipha nokulaywa.
IzAga 4:7
Ukuqala kokuhlakanipha yilokhu: Zuza ukuhlakanipha; yebo, ngakho konke okutholileyo zuza ukuhlakanipha.
IzAga 9:10
Ukuqala kokuhlakanipha kungukumesaba uJehova , nokumazi oNgcwele kungukuqonda.