Skip to Content

"komthetho"

19 occurrences in ZUL

1 kwabaseKorinte 9:20

KubaJuda ngaba njengomJuda , ukuze ngizuze abaJuda ; kwabaphansi komthetho ngaba njengophansi komthetho , noma ngingephansi komthetho mina, ukuze ngizuze abaphansi komthetho;

1 kwabaseKorinte 9:21

kwabangenamthetho ngaba njengongenamthetho , ngingesiye ongenamthetho kuNkulunkulu kepha ngiphansi komthetho kaKristu , ukuze ngizuze abangenamthetho;

2 iziKronike 19:10

Yonke imibango efika kini ivela kubafowenu abahlala emizini yabo phakathi kwegazi negazi, noma phakathi komthetho nomyalo, noma phakathi kwezimiso nezahlulelo , niyakubaxwayisa ngayo ukuba bangabi nacala kuJehova, nehlelwe yintukuthelo nina nabafowenu; yenzani njalo, aniyikuba nacala.

KwabaseGalathiya 3:23

Kepha kungakafiki ukukholwa , sasigcinwa phansi komthetho , sivalelwe kuze kufike ukukholwa obekuzakwambulwa.

KwabaseGalathiya 4:21

Ngitsheleni nina enithanda ukuba phansi komthetho , aniwuzwa yini umthetho na?

KwabaseGalathiya 4:4

kepha lapho sekufikile ukuphelela kwesikhathi , uNkulunkulu wathuma iNdodana yakhe, izelwe ngowesifazane, izelwe phansi komthetho,

KwabaseGalathiya 4:5

ukuze ihlenge abaphansi komthetho ukuba samukele ukuma kwamadodana.

KwabaseGalathiya 5:18

Kepha uma niholwa nguMoya, aniphansi komthetho.

KwabaseRoma 13:10

Uthando alwenzi okubi kumakhelwane ; ngakho-ke uthando lungukugcwaliseka komthetho. Ukuhamba ekukhanyeni

KwabaseRoma 3:21

Kepha manje kubonakalisiwe ukulunga okuvela kuNkulunkulu ngaphandle komthetho, kufakazelwa ngumthetho nabaprofethi,

KwabaseRoma 6:14

ngokuba isono asiyikubusa phezu k wenu; ngokuba aniphansi komthetho , kepha niphansi komusa.

KwabaseRoma 6:15

Kunjani, pho, na? Siyakona ngokuba singephansi komthetho kodwa phansi komusa na? Qha nakanye.

KwabaseRoma 7:13

Pho, okuhle kwaba ngukufa kimi na ? Qha nakanye ; kepha isono , ukuba sibonakale ukuthi siyisono , sangibangela ukufa ngakho okuhle , ukuze isono ngawo umyalo sibe ngesonayo kakhulu. Ubugqila bomuntu phansi komthetho

KwabaseRoma 7:8

kepha isono sathola ithuba ngomyalo , sasebenza kimi ukufisa konke ; ngokuba ngaphandle komthetho isono sifile.

KwabaseRoma 7:9

Mina-ke ngake ngahamba ngaphandle komthetho ; kepha kwathi ukuba kufike umyalo, savuka isono,

KwabaseRoma 9:4

bona bangabakwa -Israyeli, okungesabo isimo sobuntwana nenkazimulo , nezivumelwano, nokumiswa komthetho, nenkonzo, nezithembiso,

NgokukaMathewu 23:23

Maye kinina babhali nabaFarisi , bazenzisi, ngokuba nithela okweshumi kwesinkuntshane, nokwentshungu, nokodonqa, niyeke okunzima komthetho: ukwahlulela nesihawu nokukholwa! Benimelwe ukwenza lokhu, ningakuyeki nalokho.

U-Isaya 28:10

Ngokuba kuyisiyalezelo phezu kwesiyalezelo , isiyalezelo phezu kwesiyalezelo, umthetho phezu komthetho , umthetho phezu komthetho , lapha ingcosana, nalapho ingcosana.

U-Isaya 28:13

Ngalokho izwi likaJehova liyakuba kubona isiyalezelo phezu kwesiyalezelo, isiyalezelo phezu kwesiyalezelo , umthetho phezu komthetho , umthetho phezu komthetho , lapha ingcosana , nalapho ingcosana , ukuze bahambe , bawe nyovane, baphuke, bacushwe, babanjwe.