Skip to Content

"koze"

41 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 18:21

U-Eliya wasondela kubo bonke abantu , wathi: Koze kube nini nimanqikanqika phakathi kwezinhlangothi ezimbili na ? Uma uJehova enguNkulunkulu, mlandeleni yena, kepha uma kunguBali , mlandeleni yena. Kodwa abantu kabamphendulanga ngazwi.

2 iziKronike 6:41

Ngalokho: Vuka, Jehova Nkulunkulu, uze endaweni yakho yokuphumula , wena nomp hongolo wamandla akho ; abapristi bakho , Jehova Nkulunkulu , mabembathiswe ukusindiswa , nabathembekileyo bakho mabatho koze ngokuhle.

2 uSamuweli 2:26

U-Abineri wayesememeza kuJowabe , wathi: Inkemba iyakudla njalonjalo na? Awazi yini ukuthi kuyakuba khona umunyu ekugcineni na ? Koze kube nini ungabayali abantu ukuba babuye ekubalandeleni abafowabo na?

AmaHubo 13:1

Koze kube nini , Jehova, ungikhohlwa njalonjalo na ? Koze kube nin i usitheza ubuso bakho kimi na?

AmaHubo 13:2

Koze kube nin i ngikhathazeka emphefumulweni wami , nginosizi enhliziyweni yami usuku lonke, na? Koze kube nini isitha sami siziphakamisa phezu kwami na?

AmaHubo 4:2

Madodana abantu , koze kube nini ubukhosi bami budunyazwa na ? Koze kube nini nithanda okuyize, nifuna amanga, na? Sela

AmaHubo 62:3

Koze kube nini nisukela umunt u ukuba nimbulale nonk e njengodonga olwengemeyo nothango oludilikayo na?

AmaHubo 6:3

nomphefumulo wami uyathuthumela , kepha wena Jehova , koze kube nini na?

AmaHubo 74:10

Nkulunkulu, koze kube nini umcindezeli ethuka , isitha sihlambalaza igama lakho njalo, na?

AmaHubo 74:9

Izimpawu zethu asiziboni ; akusekho mprofethi ; akakho kithina owaziyo ukuthi koze kube nini.

AmaHubo 79:5

Koze kube nini , Jehova, uthukuthele njalo , ukushisekela kwakho kuvutha njengomlilo, na?

AmaHubo 80:4

Jehova Nkulunkulu Sebawoti, koze kube nini uthunqela ngolaka umkhul eko wabantu bakho na?

AmaHubo 82:2

Koze kube nini nahlulela ngokungalungile nikhetha ubuso bababi na? Sela

AmaHubo 89:46

Koze kube nini uyakuzisitha , Jehova, nentukuthelo yakho ivutha njengomlilo, na?

AmaHubo 90:13

Buya, Jehova! Koze kube nini na? Hawukela izinceku zakho.

AmaHubo 94:3

Jehova, koze kube nini ababi, koze kube nini ababi bethaba na?

IsAmbulo 6:10

Bamemeza ngezwi elikhulu, bathi: Koze kube nini , Mbusi ongcwele noqinisileyo, ungahluleli, uphindisele igazi lethu kulaba abakhileyo emhlabeni na?

IzAga 1:22

Koze kube nini iziwula zithanda ubuwula , nezideleli zijabula ukudelela , neziwula zizonda ukwazi, na?

NgokukaJohane 10:24

Base bemhaqa abaJuda bethi kuye : Koze kube nini ulibazisa izinhliziyo zethu na? Uma wena unguKristu, sitshele ngokuchachileyo.

NgokukaLuka 9:41

UJesu waphendula wathi: O sizukulwane esingakholwayo nesiphambeneyo, koze kube nini nginani, nginibekezelela, na? Yilethe lapha indodana yakho.

NgokukaMarku 9:19

Waphendula wathi: O sizukulwane esingakholwayo, koze kube nini nginani na? Koze kube nini nginibekezelela na? Yiletheni kimi.

NgokukaMathewu 17:17

UJesu waphendula wathi : O! sizukulwane esingakholwayo nesiphambeneyo, koze kube nini nginani na ? Koze kube nini nginibekezelela na? Yiletheni lapha kimi.

U-Eksodusi 10:3

OMose no -Aroni bangena -ke kuFaro , bathi kuye : Usho kanje uJehova , uNkulunkulu wamaHeberu , uthi: Koze kube nini wenqaba ukuzithoba phambi kwami na? Bavumele abantu bami ukuba bahambe, bangikhonze.

U-Isaya 6:11

Ngase ngithi : Nkosi, koze kube nini na ? Yathi: Kuze kuchithwe imizi , kungabe kusaba khona ohlala kuyo , nezindlu zingabe zisaba namuntu , nomhlaba uchitheke ube yize,

UDaniyeli 8:14

Wathi kimi: Koze kube yizikhathi zokuhlwa nezokusa eziyizinkulungwane ezimbili namakhulu amathathu; bese yihlanjululwa indlu engcwele.

UHabakuki 2:6

Bona abayikuphakamisa isaga nomfanekiso wemfumbe ngaye , bathi: Wo kuyena owandisa okungesikho okwakh e koze kube nini na ? -- nozisindisa ngezibambiso!

UHoseya 8:5

Ithole lakho , Samariya, linengekile; intukuthelo yami iyabavuthela ; koze kube nini bengakwazi ukuba msulwa na?

UJeremiya 12:4

Koze kube nini izwe lidabuka, nemifino yonke yasendle ibuna, na? Ngobubi babakhileyo khon a izinkomo nezinyoni ziyabhubha , ngokuba bathi : Akayikubona ukugcina kwethu.

UJeremiya 13:27

Ukuphinga kwakho nokuyiyiza kwakho , ukukhanuka kobufebe bakho nezinengiso zakho , ngikubonile emagqumeni asendle . Maye kuwe Jerusalema! Awuyikuhlambuluka koze kube nini na?

UJeremiya 23:26

Lokhu koze kube nini ezinhliziyweni zabaprofethi abaprofetha amanga , bengabaprofethi benkohliso yenhliziyo yabo,

UJeremiya 31:22

Koze k ube nini uhambahamb a wena ndodakazi ehlubukayo na ? Ngokuba uJehova udalile into entsha emhlabeni: owesifazane uyakuyihaqa indoda.

UJeremiya 47:6

Awu wena nkemba kaJehova , koze kube nini ungathuli na ? Buyela emgodleni wakho, uthule, uzole.

UJeremiya 4:14

Jerusalema, hlanza inhliziyo yakho , kuphume ububi , ukuze usindiswe . Koze kube nini imicabango yakho emibi ihlala phakathi kwakho na?

UJeremiya 4:21

Koze kube nini ngibona ibhandela, ngizwe izwi lecilongo, na?

UJobe 18:2

Koze kube nini nibekela amazwi ami izingibe na ? Qondani, andukuba sikhulume.

UJobe 19:2

Koze kube nini nihlupha umphefumulo wami, ningiphohloze ngamazwi, na?

UJobe 7:19

Koze kube nini uyeka ukungibheka na ? Ngiyeke, ngize ngiminze amathe ami.

UJobe 8:2

Koze kube nini ukhuluma lezi zinto, amazwi akho abe ngumoya onamandla, na?

UNumeri 14:11

UJehova wayesekhuluma kuMose , wathi: Koze kube nini laba bantu bengidelela na ? Koze kube nini bengakholwa yimi ngezibonakaliso z onke engizenzile phakathi kwabo na?

UNumeri 14:27

Koze kube nini le nhlangano embi ikhono na ngami na ? Ngizwile ukukhonona kwabantwana bakwa-Israyeli abakhonona ngakho ngami.

UZakariya 1:12

Yayisithatha ingelosi kaJehova , yathi: Jehova Sebawoti , koze kube nini ungabi nasihe kulo iJerusalema nakuyo imizi yakwaJuda oyithu kuthelele le minyaka engamashumi ayisikhombisa na?