Skip to Content

"kubafowabo"

23 occurrences in ZUL

1 iziKronike 12:2

Babehlomile iminsalo , besebenzisa isandla sokunene nesokhohlo ekuphonseni amatshe nasekucibisheleni imicibisholo ngomnsalo ; ababe kubafowabo bakaSawule kwaBenjamini kwakuyilaba:

2 iziKronike 28:15

Namadoda abizwe ngamagama ayesesukuma , abathatha abathunjwa, abembathisa impango bonke ababehamba ze , abembathisa, abafaka izicathulo, abapha ukudla , abaphuzisa, abagcoba, abakhweza ezimbongolweni bonke ababebuthakathaka , abayisa eJeriko umuzi wamasundu kubafowabo; ayesebuyela eSamariya.

2 iziKronike 28:8

Abantwana bakwa -Israyeli bathumba kubafowabo izinkulungwane ezingamakhulu amabili , abesifazane, namadodana, namadodakazi, besusa kubo nempango eningi, beyiyisa impango eSamariya.

AbAhluleli 18:14

Abantu abayisihlanu ababeyile ukuhlola izwe laseLayishi base bephendula, bathi kubafowabo : Niyazi yini ukuthi kukho na kulezi zindlu ingubo yamahlombe, namatherafi, nesithombe esibaziweyo , nesithombe esibunjiweyo na? Ngalokho cabangani manje ukuthi niyakwenzani.

AbAhluleli 18:8

Babuye bafika kubafowabo eSora nase -Eshitawoli; abafowabo bathi kubo : Nithini na?

KumaHeberu 7:5

Nalabo bamadodana kaLevi abamukeliswa ubupristi banomyalo wokuthatha okweshumi kubantu ngokomthetho , okungukuthi kubafowabo , ingani baphume okhalweni luka-Abrahama;

U-Eksodusi 2:11

Kwathi ngalezo zinsuku uMose esekhulile , waphuma, waya kubafowabo , wabuka imithwalo yabo ; wabona owaseGibithe eshaya umHeberu , omunye wabafowabo.

UDuteronomi 33:24

Ngo-Asheri wathi: U-Asheri makabusiswe phezu kwabantwana , amukeleke kubafowabo, acwilise unyawo lwakhe emafutheni.

UGenesise 31:46

Wathi uJakobe kubafowabo: Buthani amatshe , bathatha amatshe , benza inqwaba; base bedla khona phezu kwenqwaba.

UGenesise 37:23

Kwathi u Josefa esefike kubafowabo , bamkhumula ingubo yakhe , leyo ngubo enemikhono emide ayeyigqokile.

UGenesise 37:26

Wayesethi uJuda kubafowabo : Kuyakusizani, uma simbulala umfowethu , sifihle igazi lakhe, na?

UGenesise 37:30

Wayesebuyela kubafowabo , ethi: Akasekho umntwana ; mina-ke ngizakushonaphi na?

UGenesise 38:1

Kwathi ngaleso sikhathi uJuda was uka kubafowabo, wehla, waya kumuntu wase-Adulamu ogama lakhe linguHira.

UGenesise 42:28

Wayesethi kubafowabo : Imali yami ibuyiselwe ; bhekani, isesakeni la mi. Baphela amandla, babhekana omunye nomunye bethuthumela , bethi: Kuyini lokhu uNkulunkulu asenzele khona na?

UGenesise 45:1

Khona uJosefa wayengasenakuzibamba phambi kwabo bonke ababemi naye, wakhala wathi : Phumisani kimi abantu bonke . Kwakungemi muntu naye , uJosefa esazazisa kubafowabo.

UGenesise 45:3

Wathi uJosefa kubafowabo : NginguJosefa; ubaba usekhona na ? Abafowabo babengenakumphendula, ngokuba bashaqeka ebusweni bakhe.

UGenesise 45:4

UJosefa wayesethi kubafowabo : Ake nisondele kimi . Basondela-ke. Wayesethi: NginguJosefa umfowenu enathengisa ngaye eGibithe.

UGenesise 46:31

UJosefa wathi kubafowabo nakuyo indlu kayise : Ngizakukhuphuka, ngimtshele uFaro , ngithi kuye : Abafowethu nendlu kababa ababesezweni laseKhanani sebefike kimi.

UGenesise 47:3

UFaro wayesethi kubafowabo : Uyini umsebenzi wenu na ? Bathi kuFaro : Izinceku zakho zingabelusi, thina nawobaba.

UGenesise 50:24

Wayesethi uJosefa kubafowabo : Mina sengiyafa , kepha uNkulunkulu uzakunihambela nokunihambela , anikhuphule kuleli zwe , aniyise ezweni alifungela o-Abrahama, no-Isaka, noJakobe.

UGenesise 9:25

Wathi: Makaqalekiswe uKhanani, abe yisigqila sezigqila kubafowabo.

UNehemiya 10:29

babambelela kubafowabo , abakhulu babo , benza isithembiso nesifungo sokuba bahambe emthethweni k aNkulunkulu owanikwa ngesandla sikaMose inceku kaNkulunkulu, bagcine, benze yonke imiyalo kaJehova iN kosi yethu, nezahlulelo zakhe, nezimiso zakhe

UNumeri 25:6

Bheka, umuntu wabantwana bakwa -Israyeli wafika eletha kubafowabo owesifazane wakwaMidiyani emehlweni kaMose nasemehlweni enhlangano yonke yabantwana bakwa -Israyeli, besakhala ngasemnyango wetende lokuhlangana.