Skip to Content

"kubafundi"

40 occurrences in ZUL

IzEnzo 21:16

kwahamba nathi abanye kubafundi baseKesariya, besiyisa kuMnasoni othile waseKhupro, umfundi omdala, ebesizakungenisa kwakhe.

NgokukaJohane 11:16

Khona uTomase , othiwa uDidimu , wathi kubafundi abakanye naye : Asihambe nathi, ukuze sife kanye naye.

NgokukaJohane 11:7

Emva kwalokho wathi kubafundi bakhe: Asibuye, siye eJudiya.

NgokukaJohane 1:35

Ngangomuso futhi wayemi uJohane nababili kubafundi bakhe.

NgokukaJohane 21:1

Emva kwalokho uJesu wabuye wazibonakalisa kubafundi ngaselwandle lwaseTiberiya; wazibonakalisa kanje:

NgokukaJohane 21:12

UJesu wathi kubo : Wozani nidle . Kepha akwabakho kubafundi o waba nesibindi sokumbuza ngokuthi: Ungubani wena na? Bazi ukuthi yiyo iNkosi.

NgokukaJohane 21:14

Lokho sekungokwesithathu uJesu ebonakaliswa kubafundi , esevukile kwabafileyo. Ukuvivinywa kukaPetru

NgokukaJohane 21:2

kwakukhona ndawonye oSimoni Petru , noTomase othiwa uDidimu , noNathanayeli waseKhana laseGalile , nabakaZebedewu, nabanye ababili kubafundi bakhe.

NgokukaJohane 6:12

Kuthe sebesuthi , wathi kubafundi bakhe : Buthani imvuthuluka eseleyo , kungachitheki lutho.

NgokukaJohane 6:60

Ngakho-ke abaningi kubafundi bakhe bekuzwa lokho bathi : Lilukhuni leli zwi; ngubani ongalizwa na?

NgokukaLuka 10:23

Waphendukela kubafundi bebodwa , wathi: Abusisiwe amehlo abona enikubonayo.

NgokukaLuka 12:1

Kwathi sezibuthene izigidi zabantu baze banyathelana, waqala ukukhuluma, ikakhulu kubafundi bakhe, ethi: Xwayani imvubelo yabaFarisi engukuzenzisa.

NgokukaLuka 12:22

Wayesethi kubafundi bakhe : Ngakho-ke ngithi kini : Ningakhathazeki ngokuphila kwenu ukuthi niyakud lani, nangomzimba wenu ukuthi niyakwembathani.

NgokukaLuka 17:1

Wayesethi kubafundi bakhe : Kungeze kwenzeka ukuba kungaveli izikhubekiso; kodwa maye kulowo ezivela ngaye!

NgokukaLuka 17:22

Wayesethi kubafundi bakhe: Kuzakufika izinsuku, lapho niyakufisa ukubona lube lunye lwezinsuku zeNdodana yomuntu, kepha aniyikulubona.

NgokukaLuka 19:29

Kwathi esondele eBetfage naseBethaniya ngasentabeni ethiwa eYeminqumo, wathuma ababili kubafundi bakhe,

NgokukaLuka 20:45

Besalalele abantu bonke, wathi kubafundi bakhe:

NgokukaLuka 22:45

Esesukume ekukhulekeni weza kubafundi bakhe , wabafumana belele ngokudabuka.

NgokukaLuka 24:35

Base belanda nabo okwenzekileyo endleleni , nokuthi yaziwa kanjani yibo ekuhlephuleni isinkwa. Ukuzibonakalisa kukaJesu kubafundi bonke (Mark. 16:14; Joh. 20:19)

NgokukaLuka 5:30

AbaFarisi nababhali bakhonona kubafundi bakhe, bathi: Yini ukuba nidle niphuze nabathelisi nezoni na?

NgokukaLuka 7:17

Kwaphumela leli zwi ngaye kulo lonke iJudiya nakulo lonke langakhona. Ukufakaza kukaJesu kubafundi bakaJohane nakubantu (Math. 11:2)

NgokukaLuka 7:19

UJohane wayesebiza ababili kubafundi bakhe , wabathumela eNkosini , wathi: Wena unguye ozayo, noma sobheka omunye na?

NgokukaLuka 9:14

Ngokuba kwakukhona amadoda okungathi izinkulungwane eziyisihlanu . Wathi kubafundi bakhe: Bahlaliseni ngezigaba ngamashumi ayisihlanu.

NgokukaLuka 9:43

Bethuka bonke ngamandla amakhulu kaNkulunkulu. UJesu ukhuluma futhi ngokuhlupheka kwakhe (Math. 17: 22; Mark. 9: 30) Besamangele bonke ngakho konke akwenzileyo, wathi kubafundi bakhe:

NgokukaMarku 10:23

UJesu waqalaza , wathi kubafundi bakhe : Kulukhuni kangakanani kwabanomnotho ukungena embusweni kaNkulunkulu.

NgokukaMarku 11:1

Kwathi ukuba basondele eJerusalema , naseBetfage, naseBethaniya ngaseNtabeni Yeminqumo, wathuma ababili kubafundi bakhe,

NgokukaMarku 14:13

Wayesethuma ababili kubafundi bakhe , wathi kubo: Hambani niye emzini; khona nizakuhlangana nomuntu othwele imbiza yamanzi; mlandeleni.

NgokukaMarku 14:32

Bafika endaweni ethiwa iGetsemane; wathi kubafundi bakhe: Hlalani lapha, ngisaya kukhuleka.

NgokukaMarku 2:16

Khona aba bhali babaFarisi bembona edla nezoni nabathelisi bathi kubafundi bakhe: Yini ukuba adle nabathelisi nezoni na?

NgokukaMarku 9:14

Kwathi sebeza kubafundi , babona isixuku esikhulu sibahaqile nababhali bebuzana nabo.

NgokukaMathewu 11:1

Kwathi ukuba uJesu aqede ukuyala abafundi bakhe abayishumi nambili , wamuka lapho ukuyofundisa nokushumayela emizini yabo. Ukufakaza kukaJesu kubafundi bakaJohane nakubantu (Luk. 7:18)

NgokukaMathewu 16:24

Khona uJesu wathi kubafundi bakhe : Uma umuntu ethanda ukuza emva kwami, makazidele, athabathe isiphambano sakhe, angilandele.

NgokukaMathewu 17:16

Ngiyilethe kubafundi bakho, kepha bahluleka ukuyiphulukisa.

NgokukaMathewu 19:23

Kepha uJesu wathi kubafundi bakhe : Ngiqinisile ngithi kini : Onothileyo uyakungena kalukhuni embusweni wezulu.

NgokukaMathewu 26:1

Kwathi uJesu eseqedile onke lawo mazwi, wathi kubafundi bakhe:

NgokukaMathewu 26:36

Khona uJesu wafika nabo endaweni ethiwa iGetsemane, wathi kubafundi: Hlalani lapha, ngisaya kukhuleka laphaya.

NgokukaMathewu 26:40

Wayeseza kubafundi , wabafumana belele ; wathi kuPetru : Kanti beningelinde nami ihora libe linye na?

NgokukaMathewu 26:45

Khona wafika kubafundi , wathi kubo : Nisalele namanje niphumula ; bhekani, ihora selisondele, iNdodana yomuntu isiyakhashelwa ezandle ni zezoni.

NgokukaMathewu 9:11

AbaFarisi bekubona lokho bathi kubafundi bakhe : Yini ukuba umfundisi wenu adle nabathelisi nezoni na?

NgokukaMathewu 9:37

Wayesethi kubafundi bakhe : Ukuvuna kukhulu , kodwa izisebenzi ziyingcosana.