Skip to Content

"kuhlala"

7 occurrences in ZUL

1 kaJohane 2:24

Lokho enakuzwayo kwasekuqaleni , makuhlale kinina . Uma kuhlala kini enakuzwayo kwasekuqaleni, nani niyakuhlala kuyo iNdodana nakuye uYise.

1 kaJohane 2:27

Nina-ke, ukugcoba enakwamukela kuye kuhlala kini , anidingi ukuba nobani anifundise ; kodwa lokhu ukugcoba kwakhe okunifundisa khona ngakho konke kuyiqiniso , akusiwo amanga , nanjengokuba kunifundisile , hlalani kuye.

2 kwabaseKorinte 9:9

njengokuba kulotshiwe ukuthi : Wahlaphaza, wapha abampofu ; ukulunga kwakhe kuhlala kuze kube phakade.

KwabaseKolose 2:9

Ngokuba kuhlala kuye ngokomzimba ukugcwala konke kobuNkulunkulu;

UJeremiya 48:11

UMowabi ugciniwe kwasebusheni bakhe , uphumulile enhleseni yakhe , kathululwanga ezitsheni ngezitsha, akayanga ekuthunjweni ; ngalokho ukuzwakala kwakhe kuhlala kuye, nephunga lakhe aliguquki.

UJobe 38:19

Iphi indlela eya lapho kuhlala khona ukukhanya , nobumnyama-ke, iphi indawo yabo,

UJobe 41:22

Entanyeni yakhe kuhlala amandla, nengebhe iyaxhuma phambi kwakhe.