Skip to Content

"kukajesu"

33 occurrences in ZUL

1 kaPetru 1:13

Ngalokho zibopheni izinkalo zengqondo yenu , nizithibe, nethembe ngokupheleleyo umusa enizakuwabelwa ekwambulweni kukaJesu Kristu.

1 kaPetru 1:3

Makabongwe uNkulunkulu uYise weNkosi yethu uJesu Kristu owabuye wasizala kabusha ngokwesihawu sakhe esikhulu ukuba sibe nethemba eliphilileyo ngokuvuka kukaJesu Kristu kwabafileyo,

1 kaPetru 1:7

ukuze ukuvivinywa kokukholwa kwenu okuyigugu kunegolide elibhubhayo noma livivinywa ngomlilo kufunyanwe kube ngukubongwa , nodumo, nokutuseka ekwambulweni kukaJesu Kristu;

1 kaPetru 3:21

enisindiswa ngawo manje nani ngokomfanekiso , okungukuthi ngombhapathizo, kungesikho ukususa insila yenyama kepha ukucela kuNkulunkulu unembeza omuhle, ngokuvuka kukaJesu Kristu

2 kwabaseKorinte 4:10

sithwele njalonjalo emzimbeni wethu ukufa kukaJesu , ukuze nokuphila kukaJesu kubonakaliswe emzimbeni wethu.

2 kwabaseKorinte 4:11

Ngokuba sisaphila sinikelwa njalo ekufeni ngenxa kaJesu, ukuze nokuphila kukaJesu kubonakaliswe enyameni yethu efayo.

IsAmbulo 1:9

Mina Johane , umfowenu nomhlanganyeli kanye nani ekuhluphekeni nasembusweni nasekubekezeleni kukaJesu , ngangisesiqhingini esithiwa iPhatmose ngenxa yezwi likaNkulunkulu nangenxa yobufakazi bukaJesu.

NgokukaJohane 13:30

Kuthe eseluthathile ucezu waphuma masinyane; kwakuse busuku. Ukukhazimuliswa kukaJesu; umyalo wokuthandana; uJesu uthi uzophikwa nguPetru

NgokukaJohane 16:15

Konke uBaba anakho kungokwami ; ngalokho-ke ngithe uyakuthatha kokwami, anibikele. Ukumuka nokubuya kukaJesu

NgokukaJohane 19:16

Wayesemnikela kubo ukuba abethelwe esiphambanweni. Ukubethelwa nokufa nokumbelwa kukaJesu (Math. 27: 33; Mark. 15: 22; Luk. 23: 26) Bamthatha-ke uJesu, bahamba naye.

NgokukaJohane 20:10

Base bemuka abafundi, baphindela kubo. Ukuzibonakalisa kukaJesu

NgokukaLuka 22:46

Wathi kubo : Nilaleleni na ? Vukani nikhuleke ukuba ningangeni ekulingweni. Ukuboshwa kukaJesu (Math. 26:47; Mark. 14:43; Joh. 18:2)

NgokukaLuka 23:26

Kwathi bemuka naye , babamba uSimoni waseKhurene evela endle , bamthwesa isiphambano ukuba asithwale emva kukaJesu.

NgokukaLuka 23:49

Bonke abazana naye nabesifazane ababemlandela bevela eGalile bema kude, bebuka lezo zinto. Ukumbelwa kukaJesu (Math. 27:57; Mark. 15:42; Joh. 19:38)

NgokukaLuka 24:35

Base belanda nabo okwenzekileyo endleleni , nokuthi yaziwa kanjani yibo ekuhlephuleni isinkwa. Ukuzibonakalisa kukaJesu kubafundi bonke (Mark. 16:14; Joh. 20:19)

NgokukaLuka 24:49

Bhekani, ngiyathumela kini isithembiso sikaBaba ; kepha hlalani emzini , nize nembathiswe amandla avela phezulu. Ukuvalelisa kukaJesu nokwenyuselwa kwakhe (Mark. 16:19; IzE. 1:9)

NgokukaLuka 5:19

Engafumani ukuthi angamngenisa kanjani ngenxa yesixuku akhwela phezu kwendlu, amehlisa ophahleni kanye nohlaka ngaphakathi phambi kukaJesu.

NgokukaLuka 7:17

Kwaphumela leli zwi ngaye kulo lonke iJudiya nakulo lonke langakhona. Ukufakaza kukaJesu kubafundi bakaJohane nakubantu (Math. 11:2)

NgokukaLuka 9:17

Badla, basutha bonke , kwabuthwa imvuthuluka ey asala kubo , iziqabetho eziyishumi nambili. Isivumo sikaPetru. Ukuhlushwa kukaJesu nokwabamlandelayo (Math. 16:13; Mark. 8:27; Math. 16:21; Mark. 8:31)

NgokukaLuka 9:27

Kepha nginitshela ngesiminya ukuthi bakhona abanye kwabemi lapha abangayikuzwa ngempela ukufa, baze babone umbuso kaNkulunkulu. Ukukhazimuliswa kukaJesu entabeni (Math. 17:1; Mark. 9:2)

NgokukaMarku 11:6

Basho kubo njengokusho kukaJesu; base bebayeka.

NgokukaMarku 14:42

Sukumani sihambe. Bhekani, ongikhaphelayo usesondele. Ukuboshwa kukaJesu nokuthethwa kwecala phambi kompristi omkhulu (Math. 26:47; Luk. 22:47; Joh. 18:2)

NgokukaMarku 15:41

ababemlandela eseseGalile , bemkhonza, nabanye abesifazane abaningi abenyukela naye eJerusalema. Ukumbelwa kukaJesu (Math. 27:57; Luk. 23:50; Joh. 19:38)

NgokukaMarku 16:8

Base bephuma, babaleka ethuneni, ngokuba babefikelwe ngukuthu thumela nokumangala, kabashongo lutho kumuntu, ngokuba babesaba. Ukuzibonakalisa kukaJesu emva kokuvuka kwakhe nokukhuphukela kwakhe ezulwini

NgokukaMarku 1:8

Mina nginibhapathize ngamanzi , kepha yena uzakunibhapathiza ngoMoya oNgcwele. Ukubhapathizwa kukaJesu. Ulingwa nguSathane (Math. 3:13; Luk. 3:21; Math. 4:1; Luk. 4:1)

NgokukaMarku 9:1

Wayesethi kubo : Ngiqinisile ngithi kini : Bakhona abanye kwabemi lapha abangayikuzwa ngempela ukufa , baze babone umbuso kaNkulunkulu ufikile ngamandla. Ukukhazimuliswa kukaJesu entabeni (Math. 17:1; Luk. 9:28)

NgokukaMathewu 11:1

Kwathi ukuba uJesu aqede ukuyala abafundi bakhe abayishumi nambili , wamuka lapho ukuyofundisa nokushumayela emizini yabo. Ukufakaza kukaJesu kubafundi bakaJohane nakubantu (Luk. 7:18)

NgokukaMathewu 1:1

Incwadi yokuzalwa kukaJesu Kristu , indodana kaDavide , indodana ka - Abrahama.

NgokukaMathewu 1:17

Zinjalo-ke izizukulwane zonke ezisukela ku -Abrahama ziye kuDavide , ziyizizukulwane eziyishumi nane ; nezisukela kuDavide ziye ekuthunjelweni eBabiloni ziyizizukulwane eziyishumi nane ; nezisukela ekuthunjelweni eBabiloni ziye kuKristu ziyizizukulwane eziyishumi nane. Ukuzalwa kukaJesu (Luk. 1:26; 2:1)

NgokukaMathewu 1:18

Ukuzalwa kukaJesu Kristu kwaba nje : unina uMariya esemiselwe uJosefa , bengakahlangani wafunyanwa ekhulelwe ngoMoya oNgcwele.

NgokukaMathewu 26:46

Sukumani sihambe; bhekani, ongikhaphelayo usesondele. Ukuboshwa kukaJesu nokuthethwa kwecala lakhe (Mark. 14:43; Luk. 22:47, 63; Joh. 18:2)

NgokukaMathewu 27:56

phakathi kwabo kwakukhona oMariya Magdalena , unina kaJakobe nokaJose, nonina wamadodana kaZebedewu. Ukumbelwa kukaJesu (Mark. 15:42; Luk. 23:50; Joh. 19:38)

NgokukaMathewu 3:12

ombenge yakhe yokwela isesandleni sakhe; uzakushanelisisa isibuya sakhe, abuthele amabele enqolobaneni yakhe ; kepha amakhoba uzakuwashisa ngomlilo ongacimekiyo. Ukubhapathizwa kukaJesu (Mark. 1:9; Luk. 3:21)