Skip to Content

"kulesi"

26 occurrences in ZUL

1 kwabaseKorinte 14:21

Emthethweni kulotshiwe ukuthi : Ngabantu bezinye izilimi , nangezindebe zabezinye izizw e ngiyakukhuluma kulesi sizwe ; kepha noma kunjalo abayikungizwa, kusho iNkosi.

1 kwabaseKorinte 3:18

Makungabikho ozikhohlisayo ; uma umuntu phakathi kwenu ethi uhlakaniphile kulesi sikhathi, akabe yisiwula, ukuze ahlakaniphe.

2 AmaKhosi 8:8

Inkosi yayisithi kuHazayeli: Zithathele ngesandla sakho izipho , uhambe umhlangabeze lowo muntu kaNkulunkulu , ubuze kuJehova ngaye ukuthi: Ngiyakusinda kulesi sifo na?

2 AmaKhosi 8:9

Wayesehamba uHazayeli ukumhlangabeza , wazithathela ngesandla sakhe izipho ezintweni zonke ezinhle zaseDa maseku, imithwalo yamakamela angamashumi amane, weza wema phambi kwakhe , wathi: Indodana yakho uBeni Hadadi, inkosi yase-Aramu, ingithumile kuwe ngokuthi: Ngiyakusinda kulesi sifo na?

2 AmaKhosi 9:26

lokuthi: Impela ngibone izolo igazi likaNaboti negazi lamadodana akhe , usho uJehova; ngiyakukuphindisela kulesi siqephu, usho uJehova. Ngalokho mthathe, umntshinge kulesi siqephu njengezwi likaJehova.

2 iziKronike 14:11

U-Asa wakhala kuJehova uNkulunkulu wakhe , wathi: Jehova, akakho ngaphandle kwakho ongasiza phakathi konamandla amak hulu nongenawo ; sisize, Jehova Nkulunkulu wethu , ngokuba sencika kuwe , sifike ngegama lakho kulesi sixuku . Jehova, wena unguNkulunkulu wethu , mawungahlulwa muntu.

AmaHubo 113:2

Malibongwe igama likaJehova kusukela kulesi sikhathi kuze kube phakade.

AmaHubo 115:18

Kepha thina siyakumbonga uJehova kusukela kulesi sikhathi kuze kube phakade. Haleluya!

AmaHubo 121:8

UJehova uyakulondoloza ukuphuma kwakho nokungena kwakh o kusukela kulesi sikhathi kuze kube phakade.

AmaHubo 131:3

Israyeli, yethemba uJehova kusukela kulesi sikhathi kuze kube phakade.

IsAmbulo 14:13

Ngase ngizwa izwi livela ezulwini, lithi: Loba ukuthi: Babusisiwe abafileyo abafele eNkosini kusukela kulesi sikhathi . Yebo, usho uMoya , ukuze baphumule ekukhandlekeni kwabo; ngokuba imisebenzi yabo iyabalandela. Izingelosi ezimbili zokuvuna

IzEnzo 24:10

Umbusi esemqhwebile ukuba akhulume , uPawulu waphendula wathi : Lokhu ngiyazi ukuthi sekuyiminyaka eminingi ungumahluleli kulesi sizw e, ngiyaziphendulela ngesibindi;

IzEnzo 28:26

ngokuthi: Hamba uye kulesi sizwe , uthi: Ngokuzwa niyakuzwa, ningaze naqonda, nangokubona niyakubona, ningaze nabonisisa,

IzEnzo 2:40

Wafakaza nangamanye amazwi amaningi , wabayala wathi : Zisindiseni kulesi sizukulwane esiphambeneyo.

KuThithu 2:12

uyasifundisa ukuba sidele ukungakholwa nezinkanuko zezwe , sihambe ngokuqonda, nangokulunga, nangokumesaba uNkulunkulu kulesi sikhathi samanje,

KumaHeberu 9:9

elona lingumfanekiso kulesi sikhathi samanje , okulethwa ngawo iminikelo nemihlatshelo engenakumenza okhonzayo aphelele maqondana nonembeza,

NgokukaLuka 11:30

Ngokuba njengalokho uJona waba yisibonakaliso kwabaseNineve , iNdodana yomuntu iyakuba njalo kulesi sizukulwane.

NgokukaLuka 11:50

ukuze kubizwe kulesi sizukulwane igazi labaprofethi bonke elachithwa kwasekusekelweni komhlaba,

NgokukaLuka 11:51

kusukela egazini lika -Abela kuze kufike egazini likaZakariya owabulawa phakathi kwe-altare nethempeli . Yebo, ngithi kini : Lizakubizwa kulesi sizukulwane.

NgokukaLuka 18:30

ongayikwamukeliswa okuphindwe kani ngi kulesi sikhathi nasenkathini ezayo ukuphila okuphakade. UJesu ukhuluma ngokuhlupheka kwakhe (Math. 20:17; Mark. 10:32)

NgokukaMarku 10:30

ongayikwamukeliswa ngekhulu: manje kulesi sikhathi izindlu, nabafowabo, nawodadewabo, nawonina, nabantwana, namazwe kanye nokuzingelwa , nasenkathini ezayo ukuphila okuphakade.

NgokukaMarku 8:38

Ngokuba yilowo nalowo onezinhloni ngami nangamazwi ami kulesi sizukulwane esiphingayo nesonakeleyo , neNdodana yom untu iyakuba nezinhloni ngaye , lapho iza ngenkazimulo kaYise kanye nezingelosi ezingcwele.

NgokukaMathewu 26:29

Kepha ngithi kini : Kusukela manje angisayikuphuza kulesi sithel o somvini, kuze kufike lolo suku engiyakusiphuza ngalo nani sisisha embusweni kaBaba.

U-Eksodusi 9:14

Ngokuba kulesi sikhathi ngizakuthuma zonke izinhlupho zami enhliziyweni yakho, nasezincekweni zakho, nakubantu bakho, ukuze wazi ukuthi akakho onjengami emhlabeni wonke.

UGenesise 24:8

Kepha uma owesifazane engathandi ukukulandela, uyobe ukhululekile kulesi sifungo sami; kodwa ungabuyiseli khona indodana yami.

UGenesise 7:1

UJehova wathi kuNowa : Ngena emkhunjini , wena nendlu yakho yonke , ngokuba ngikubonile wena ukuthi uqotho phambi kwami kulesi sizukulwane.