Skip to Content

"kulotshiwe"

91 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 11:41

Ezinye izindaba zikaSolomoni , nakho konke akwenzayo, nokuhlakanipha kwakhe, angithi kulotshiwe encwadini yezindaba zikaSolomoni.

1 AmaKhosi 14:29

Ezinye izindaba zikaRehobowamu nakho konke akwenzayo angithi kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwa -Israyeli na?

1 AmaKhosi 15:23

Zonke ezinye izindaba zika -Asa, nawo onke amandla akhe , nakho konke akwenzayo, nemizi ayakhayo , angithi kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwaJuda na ? Ngesikhathi sobudala bakhe wayenesifo ezinyaweni zakhe.

1 AmaKhosi 15:31

Ezinye izindaba zikaNadabi nakho konke akwenzayo angithi kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwa-Israyeli na?

1 AmaKhosi 15:7

Ezinye izindaba zika-Abiyamu nakho konke akwenzayo angithi kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwaJuda na ? Kwakukhona ukulwa phakathi kuka-Abiyamu noJerobowamu.

1 AmaKhosi 16:14

Ezinye izindaba zika -Ela nakho konke akwenzayo angithi kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwa-Israyeli na?

1 AmaKhosi 16:20

Ezinye izindaba zikaZimri nogobe alwenzayo angithi kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwa-Israyeli na?

1 AmaKhosi 16:27

Ezinye izindaba zika -Omri azenzayo namandla awabonakalisayo angithi kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwa -Israyeli na?

1 AmaKhosi 16:5

Ezinye izindaba zikaBahasha , nakwenzayo, namandla akhe , angithi kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwa -Israyeli na?

1 AmaKhosi 22:39

Ezinye izindaba zika -Ahabi, nakho konke akwenzayo , nendlu yezimpondo zendlovu ayakhayo , nayo yonke imizi ayakhayo , angithi kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwa-Israyeli na?

1 AmaKhosi 22:45

Ezinye izindaba zika Jehoshafati, namandla awabonakalisayo , nokulwa kwakhe, angithi kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwaJuda na?

1 kaPetru 1:16

ngokuba kulotshiwe ukuthi: Manibe ngcwele, ngokuba mina ngingcwele.

1 kwabaseKorinte 14:21

Emthethweni kulotshiwe ukuthi : Ngabantu bezinye izilimi , nangezindebe zabezinye izizw e ngiyakukhuluma kulesi sizwe ; kepha noma kunjalo abayikungizwa, kusho iNkosi.

1 kwabaseKorinte 15:45

Kanjalo futhi kulotshiwe ukuthi umuntu wokuqala u-Adamu waba ngumphefumulo ophilayo; u-Adamu wokugcina waba ngumoya ophilisayo.

1 kwabaseKorinte 3:19

Ngokuba ukuhlakanipha kwaleli zwe kungubuwula kuNkulunkulu . Ngokuba kulotshiwe ukuthi: Ubamba abahlakaniphileyo ebuqilini babo,

1 kwabaseKorinte 9:9

Ngokuba kulotshiwe emthethweni kaMose ukuthi : Ungayifaki inkabi isifonyo, nxa ibhula amabele. Konje uNkulunkulu ukhathalela izinkabi na?

2 AmaKhosi 10:34

Ezinye izindaba zikaJehu , nakho k onke akwenzayo , nawo onke amandla akhe, angithi kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwa-Israyeli na?

2 AmaKhosi 12:19

Ezinye izindaba zikaJowashi nakho konke akwen zayo angithi kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwaJuda na?

2 AmaKhosi 13:12

Ezinye izindaba zikaJowashi , nakho konke akwenzayo , namandla akhe alwa ngawo no-Amasiya inkosi yakwaJuda , angithi kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwa-Israyeli na?

2 AmaKhosi 13:8

Ezinye izindaba zikaJehowahazi , nakho konke akwenzayo , namandla akhe, angithi kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwa - Israyeli na?

2 AmaKhosi 14:15

Ezinye izindaba zikaJehowashi azenzayo, namandla akhe, nempi yakhe no- Amasiya inkosi yakwaJuda, angithi kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwa-Israyeli na?

2 AmaKhosi 14:28

Ezinye izindaba zikaJerobowamu , nakho konke akwenzayo , namandla akhe, nokulwa kwakhe , nokubuyisela kwakhe ku -Israyeli iDamaseku neHamati elalingelakwaJuda, angithi kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwa-Israyeli na?

2 AmaKhosi 15:15

Ezinye izindaba zikaShalumi nogobe lwakhe alwenzayo , bheka, kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwa-Israyeli.

2 AmaKhosi 15:21

Ezinye izindaba zikaMenahemu nakho konke akwenzayo angithi kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwa-Israyeli na?

2 AmaKhosi 15:26

Ezinye izindaba zikaPhekaya nakho konke akwenzayo , bheka, kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwa-Israyeli.

2 AmaKhosi 15:31

Ezinye izindaba zikaPheka nakho konke akwenzayo , bheka, kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwa-Israyeli.

2 AmaKhosi 15:36

Ezinye izindaba zikaJothamu nakho konke akwenzayo angithi kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwaJuda na?

2 AmaKhosi 15:6

Ezinye izindaba zika -Azariya nakho konke akwenzayo angithi kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwaJuda na?

2 AmaKhosi 20:20

Ezinye izindaba zikaHezekiya, nawo onke amandla akhe, nokwenza kwakhe ichibi nomsele , nokungenisa kwakhe amanzi emzini , angithi kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwaJuda na?

2 AmaKhosi 21:17

Ezinye izindaba zikaManase , nakho konke akwenzayo , nesono sakhe ona ngaso, angithi kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwaJuda na?

2 AmaKhosi 23:28

Ezinye izindaba zikaJosiya nakho konke akwenzayo angithi kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwaJuda na? Ukufa kukaJosiya

2 AmaKhosi 24:5

Ezinye izindaba zikaJehoyakimi nakho konke akwenzayo angithi kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwaJuda na?

2 AmaKhosi 8:23

Ezinye izindaba zikaJoramu nakho konke akwenzayo an githi kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwaJuda na?

2 iziKronike 13:22

Ezinye izindaba zika -Abiya, nezindlela zakhe, namazwi akhe , kulotshiwe esichasiselweni somprofethi u-Ido.

2 iziKronike 24:27

Ngamadodana akhe , nangobukhulu bemithwalo phezu kwakhe , nangokuvuswa kwendlu kaNkulunku lu, bheka, kulotshiwe esichasiselweni sencwadi yamakhosi. U-Amasiya indodana yakhe waba yinkosi esikhundleni sakhe.

2 iziKronike 33:18

Ezinye izindaba zikaManase , nomkhuleko wakhe kuNkulunkulu wakhe , namazwi ababoni ababewakhuluma kuye egameni likaJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, bheka, kulotshiwe ezindabeni zamakhosi akwa-Israyeli.

2 iziKronike 33:19

Umkhuleko wakhe, nokunxuswa kukaNkulunkulu nguye, nazo zonke izono zakhe, nazo zonke iziphambeko zakhe , nezindawo akha kuzo izindawo eziphakemeyo, amisa kuzo o-Ashera nezithombe ezibaziweyo, engakazithobi, bheka, lokho kulotshiwe ezindabeni zikaHozayi.

2 iziKronike 35:25

Naye uJeremiya wamlilela uJosiya ; bonke abahlabeleli besilisa nabesifazane bakhuluma ngoJosiya ekulileni kwabo kuze kube namuhla ; bakwenza kwaba yisimiso kwa-Israyeli; bheka, kulotshiwe eziLilweni.

2 iziKronike 36:8

Ezinye izindaba zikaJehoyakimi , nezinengiso azenzayo , nokunye okufumaniseke kuye, bheka, kulotshiwe encwadini yamakhosi akwa -Israyeli nakwaJuda; uJehoyakini indodana yakhe waba yinkosi esikhundleni sakhe.

2 kwabaseKorinte 8:15

njengalokho kulotshiwe ukuthi : Kowaba nokuningi kakusalanga , nowaba nokuncane kantulanga.

2 kwabaseKorinte 9:9

njengokuba kulotshiwe ukuthi : Wahlaphaza, wapha abampofu ; ukulunga kwakhe kuhlala kuze kube phakade.

AmaHubo 40:7

Ngase ngithi : Bheka, ngiyeza; encwadini esongwayo kulotshiwe ngami ukuthi:

IsAmbulo 17:5

nasebusweni bakhe kulotshiwe igama eliyimfihlakalo lokuthi : IBABILONI ELIKHULU, UNINA WEZIFEBE NOWAMANYALA OMHLABA

IsAmbulo 2:17

Onendlebe makezwe lokho akushoyo uMoya emabandleni . Onqobayo ngiyakumnika okwemana elifihliweyo , ngimuphe itshe elimhlophe , nasetsheni kulotshiwe iga ma elisha elingaziwa muntu , ngolamukelayo kuphela.

IzEnzo 13:33

ukuthi uNkulunkulu usigcwalisile sona kubantwana bethu ngokumvusa uJesu, njengokuba kulotshiwe futhi kulo ihubo lesibili ukuthi : Wena uyiNdodana yami, namuhla ngikuzele.

IzEnzo 15:15

Namazwi abaprofethi ayavum elana nalokho , njengalokho kulotshiwe ukuthi:

IzEnzo 1:20

Ngokuba kulotshiwe eNcwadini yamaHubo ukuthi : Umuzi wakhe mawube yihlane, kungabikho ohlala kuwo , nokuthi: Isikhundla sakhe asithathwe ngomunye.

IzEnzo 23:5

UPawulu wayesethi: Bengingazi, bazalwane, ukuthi ungumpristi omkhulu ; ngokuba kulotshiwe ukuthi: Ungakhulumi kabi ngombusi wesizwe sakini.

IzEnzo 7:42

Kepha uNkulunkulu wabafulathela, wabadedela ukuba bakhonze ibandla lezulu, njengokuba kulotshiwe encwadini yabaprofethi ukuthi : Naningilethela iminikelo nemihlatshel o iminyaka engamashumi amane ehlane nina ndlu ka-Israyeli na?

KumaHeberu 10:7

Ngase ngithi : Bheka, ngiyeza -- emqulwini wencwadi kulotshiwe ngami -- ukuba ngiyenze, Nkulunkulu, intando yakho.

KwabaseGalathiya 3:10

Ngokuba bonke abemisebenzi yomthetho baphansi kwesiqalekiso, ngokuba kulotshiwe ukuthi : Baqalekisiwe bonke abangemi njalo kukho konke okulotshiweyo encwadini yomthetho ukuba bakwenze.

KwabaseGalathiya 3:13

UKristu wasihlenga esiqalekisweni somthetho, ebenziwe isiqalekiso ngenxa yethu, ngokuba kulotshiwe ukuthi: Baqalekisiwe bonke abalenga emthini,

KwabaseGalathiya 4:22

Ngokuba kulotshiwe ukuthi u -Abrahama wayenamadodana amabili, enye kuso isigqilakazi nenye kokhululekileyo.

KwabaseGalathiya 4:27

Ngokuba kulotshiwe ukuthi : Thokoza wena nyumba ongazaliyo ; mpompoloza wena ongenamihelo; ngokuba abantwana boyisikhwebu baningi kunabakhe onendoda.

KwabaseRoma 11:8

njengalokho kulotshiwe ukuthi: UNkulunkulu wabanika umoya wobuthongo, amehlo okungaboni, nezindlebe zokungezwa, kuze kube lusuku lwanamuhla.

KwabaseRoma 12:19

ningaziphindiseli nina bathandwa , kodwa dedelani ulaka , ngokuba kulotshiwe ukuthi : Ngokwami ukuphindisela , ngiyakubuyisela mina , isho iNkosi.

KwabaseRoma 14:11

Ngokuba kulotshiwe ukuthi : Kuphila kwami , isho iNkosi , kimina ayakuguqa amadolo onke, nezilimi zonke ziyakudumisa uNkulunkulu.

KwabaseRoma 15:21

kodwa njengalokho kulotshiwe ukuthi : Abangabikelwanga ngaye bayakubona, nabangezwanga bayakuqonda. UPawulu ukhuluma ngokuya eRoma

KwabaseRoma 15:3

ngokuba noKristu akazithokozisanga yena, kepha kunjengokuba kulotshiwe ukuthi: Ukuthuka kwabakuthukayo kwehlela phezu kwami.

KwabaseRoma 15:9

abezizwe bamdumise uNkulunkulu ngenxa yesihawu sakhe , njengalokho kulotshiwe ukuthi : Ngalokho ngiyakukudumisa phakathi kwabezizwe , ngihubele igama lakho;

KwabaseRoma 2:24

Ngokuba igama likaNkulunkulu liyahlanjalazwa phakathi kwabezizwe ngenxa yenu, njengalokho kulotshiwe. Ukusoka kufanele kube ngukusoka kwenhliziyo

KwabaseRoma 3:10

njengokuba kulotshiwe ukuthi: Akakho olungileyo, akakho noyedwa;

KwabaseRoma 3:4

Qha nakanye ; kepha makube ngukuthi : UNkulunkulu uqinisile , wonke umuntu ungumqambimanga , njengokuba kulotshiwe ukuthi : Ukuze uthiwe ungolungileyo emazwini akho, unqobe ekwahlulelweni kwakho.

KwabaseRoma 8:36

Kulotshiwe ukuthi : Ngenxa yakho sibulawa usuku lonke , sithiwa izimvu zokuhlatshwa.

KwabaseRoma 9:13

njengalokho kulotshiwe ukuthi : UJakobe ngamthanda , kepha u-Esawu ngamzonda.

KwabaseRoma 9:33

njengalokho kulotshiwe ukuthi : Bheka, ngibeka eSiyoni itshe lokukhubekisa, nedwala lokuwisa, nokholwa yilo akayikujabha.

NgokukaJohane 12:16

Lokho abafundi bakhe abakuqondanga ekuqaleni; kodwa esekhazimulisiwe uJesu, base bekhumbula ukuthi kulotshiwe lokho ngaye nokuthi babekwenzile lokho kuye.

NgokukaJohane 6:45

Kulotshiwe kubaprofethi ukuthi : Bonke bayakuba ngabafundiswe nguNkulunkulu. Yilowo nalowo ozwile kuBaba, wafunda, uyeza kimi.

NgokukaJohane 8:17

Yebo, kulotshiwe nasemthethweni wakini ukuthi ubufakazi babantu ababili bungobuqinisileyo.

NgokukaLuka 19:46

wathi kubo : Kulotshiwe ukuthi: Indlu yami iyakuba yindlu yokukhuleka , kepha nina niyenze Umhume wabaphangi .

NgokukaLuka 24:46

Wathi kubo : Kulotshiwe kanje ukuthi uzakuhlupheka uKristu , avuke kwabafileyo ngosuku lwesithathu,

NgokukaLuka 3:4

njengokuba kulotshiwe encwadini yamazwi ka-Isaya umprofethi ukuthi: Izwi lomemezayo ehlane, lithi: Lungisani indlela yeNkosi , nenze imikhondo yayo iqonde.

NgokukaLuka 4:10

ngokuba kulotshiwe ukuthi:

NgokukaLuka 4:4

UJesu wamphendula wathi : Kulotshiwe ukuthi: Akusinkwa sodwa umuntu azakuphila ngaso.

NgokukaLuka 4:8

UJesu waphendula , wathi kuye : Kulotshiwe ukuthi : Wokhuleka eNkosini uNkulunkulu wakho, umkhonze yena yedwa.

NgokukaMarku 14:27

UJesu wathi kubo : Nonke nizakukhubeka , ngokuba kulotshiwe ukuthi : Ngiyakushaya umalusi, izimvu zihlakazeke.

NgokukaMarku 9:12

Wayesethi kubo : Nempela u -Eliya uyeza kuqala ukuba abuyisele konke ; kepha kulotshiwe kanjani ngeNdodana yomuntu ukuthi izakuhlupheka ngokuningi, idelelwe, na?

NgokukaMarku 9:13

Kodwa ngithi kini : U-Eliya sewafika , benza kuye abakutha ndayo, njengalokho kulotshiwe ngaye. Ukuphulukiswa komfana onesithuthwane (Math. 17:14; Luk. 9:37)

NgokukaMathewu 21:13

Wathi kubo : Kulotshiwe ukut hi: Indlu yami iyakubizwa ngokuthi indlu yokukhuleka, kepha nina niyenza Umhume wabaphangi.

NgokukaMathewu 26:31

Khona uJesu wathi kubo : Nina nonke nizakukhubeka ngami ngalobu busuku, ngokuba kulotshiwe uk uthi: Ngiyakushaya umalusi , izimvu zomhlambi zihlakazeke ;

NgokukaMathewu 2:5

Bathi kuye : EBetlehema laseJudiya , ngokuba kulotshiwe kanjalo ngomprofethi ukuthi:

NgokukaMathewu 4:10

Khona uJesu wathi kuye : Suka, Sathane, ngokuba kulotshiwe ukuthi : Wokhuleka eNkosini uNkulunkulu wakho, umkhonze yena yedwa.

NgokukaMathewu 4:4

Kepha waph endula wathi : Kulotshiwe ukuthi : Akusinkwa sodwa umuntu ayakuphila ngaso kodwa ngamazwi onke aphuma emlonyeni kaNkulunkulu.

NgokukaMathewu 4:6

wathi kuye : Uma uyiNdodana kaNkulunkulu , ziphonse phansi ; ngokuba kulotshiwe ukuthi : Uyakuyaleza izingelosi zakhe ngawe , zikuthwale ngezandla, ungaze waqhuzuka etsheni ngonyawo lwakho.

NgokukaMathewu 4:7

UJesu wathi kuye: Kulotshiwe futhi ukuthi: Ungayilingi iNkosi uNkulunkulu wakho.

U-Esteri 10:2

Zonke izenzo zegunya lakhe namandla akhe , nayo yonke indaba yobukhulu bukaMoridekayi inkosi eyayimkhulisela kubo angithi kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi aseMediya nasePheresiya na?

U-Esteri 6:2

Kwafumaniseka kulotshiwe ukuthi uMoridekayi wayelandile ngoBigithani noThereshi izinduna ezimbili zenkosi , abalindisango, ukuthi babefunile ukubeka isandla enkosini u-Ahashiveroshi.

U-Isaya 65:6

Bheka, kulotshiwe phambi kwami ukuthi: Angiyikuthula, ngiyakuphindisela, yebo, ngiphindisele ezifubeni zabo

UNehemiya 13:1

Ngalolo suku kwafundwa encwadini kaMose ezindlebeni zabantu ; kwafunyanwa kulotshiwe kuyo ukuthi owakwa-Amoni nowakwaMowabi abanakungena ebandleni likaNkulunkulu kuze kube phakade,

UNehemiya 7:5

UNkulunkulu wami wabeka enhlizi yweni yami ukuba ngibuthe abakhulu , nababusi, nabantu, ukuze babhalwe ngezizukulwane . Ngafumana incwadi yezizukulwane zabakhuphuka kuqala, ngafumana kulotshiwe kuyo ukuthi:

UNehemiya 8:14

Bafumanisa kulotshiwe emthethweni ukuthi uJehova wayeyalile ngesandla sikaMose ukuba abantwana bakwa -Israyeli bahlale emadokodweni ngomkhosi wenyanga yesikhombisa,