Skip to Content

"kungabe"

24 occurrences in ZUL

2 uSamuweli 17:13

Noma engena emzini, wonke u -Israyeli uyakuyisa amagoda kulowo muzi , siwuhudulele emfuleni, kungabe kusafunyanwa khona netshana elilodwa.

AmaHubo 104:35

Izoni maziphele emhlabeni, kungabe kusaba khona ababi. Mbonge uJehova, mphefumulo wami. Haleluya!

IzEnzo 4:17

Kodwa ukuze kungabe kusanda phakathi kwabantu , asibalaye, bangabe besakhuluma kumuntu namunye ngalelo gama.

KumaHeberu 12:19

nasekukhaleni kwecilongo, nasekuzwakaleni kwamazwi, abathe ukukuzwa, bancenga ukuba kungabe kusakhulunywa izwi kubo,

U-Eksodusi 10:5

Siyakusibekela ubuso bomhlaba , ukuze kungabe kusabonwa mhlabathi ; siyakudla okuseleyo okusindile, enikushiyelwe yisichotho, sidle yonke imithi enimilelayo endle.

U-Isaya 19:7

Kuyakuba khona uqwathule ngaseNayile , ngasogwini lweNay ile, nakho konke okutshaliwe ngaseNayile kuyakoma , kuhlakazwe, kungabe kusababikho.

U-Isaya 27:9

Ngakho ububi bukaJakobe buyakuhlangulwa ngalokhu , lokhu kube yisithelo sonke sokususa isono sakhe , lapho enza ukuba onke amatshe e - altare avithizeke njengamatshe omcako, kungabe kusamiswa o-Ashera nama- altare empepho.

U-Isaya 28:8

Yebo, onke amatafula agcwele ubuhlanzo nokungcola , kungabe kusabakho ndawo.

U-Isaya 30:14

Luyabhidlizwa njengokuphahlazwa kwesitsha sombumbi , esichotshozwa singahawukelwa, kungabe kusatholakala phakathi kwezihleph u nodengezi lokuthatha umlilo eziko, nolokucakula amanzi emgodini.

U-Isaya 5:8

Wo kubona abahlanganisa indlu nendlu , besondeza insimu nensimu , kuze kungabe kusaba khona indawo, kwakhe nina nodwa emhlabeni!

U-Isaya 60:15

Esikhundleni sokuba ushiywe , uzondwe, kungabe kusabakho muntu odabulayo, ngiyakwenza isivunulo esiphakad e nentokozo yezizukulwane ngezizukulwane.

U-Isaya 65:19

Ngiyakwethaba ngeJerusalema , ngijabule ngabantu bami , kungabe kusezwakala izwi lokulila nezwi lokukhala.

U-Isaya 6:11

Ngase ngithi : Nkosi, koze kube nini na ? Yathi: Kuze kuchithwe imizi , kungabe kusaba khona ohlala kuyo , nezindlu zingabe zisaba namuntu , nomhlaba uchitheke ube yize,

UHagayi 1:10

Ngalokho izulu livinjelwe kungabe kusabakho mazolo, nomhlaba uvinjelwe ungabe usaba nazithelo.

UJeremiya 26:9

Uprofetheleni egameni likaJehova ukuthi: Le ndlu iyakuba njengeShilo, nalo muzi uyakuchithwa kungabe kusaba khona owuhlalayo , na? Bonke abantu babebuthene kuJeremiya endlini kaJehova.

UJeremiya 31:40

Sonke isigodi sezidumbu , nesomlotha, nawo onke amasimu kuze kube semfudlaneni iKidroni , kuze kufike egumbini leSango Lehhashi ngasempumalanga kuyakuba ngcwele kuJehova , kungabe kusasis hulwa, kubhidlizwe kuze kube phakade.

UJeremiya 34:10

Zalalela zonke izikhulu , nabo bonke abantu ababengene esivumelwaneni ukuba bavumele , kube y ilowo nalowo isigqila sakhe , yilowo nalowo isigqilakazi sakhe , ukuba zihambe , zikhululeke, kungabe kusaba khona okhonzisayo; bezwa, bavuma ukuba bahambe.

UJeremiya 46:19

Zenzele izinto zokuthunjwa , ndodakazi, ohlala eGibithe , ngokuba iNofi liyakuba yincithakalo, lishiswe kungabe kusabakho ohlala kulo.

UJeremiya 49:36

Ngiyakwehlisela phezu kwe-Elamu imimoya emine emikhawulweni yomine yezulu, ngibahlakazele kuyo yonke leyo mimoya , kungabe kusabakho sizw e lapho abaxoshiweyo base-Elamu bengayikufika khona.

UJobe 12:14

Bheka, uyadiliza, kungabe kusakhiwa ; uyavalela umuntu , kungabe kusavulwa.

UJoshuwa 5:1

Kwathi onke amakhosi ama -Amori ayengaphesheya kweJordani ngasentshonalanga, nawo onke amakhosi amaKhanani ayengaselwandle esezwa ukuthi uJehova womise amanzi aseJordani phambi kwabantwana bakwa-Israyeli saze sawela , izinhliziyo zabo zaphela amandla , kungabe kusaba khona sibindi ngenxa yabantwana bakwa-Israyeli.

UMika 5:12

Ngiyakunquma ukulumba esandleni sakho , kungabe kusabakho kuwe abahlola imihlola.

UZakariya 14:11

Kuyakuhlalwa kulo , kungabe kusabakho siqalekiso , kepha iJerusalema liyakuhlala ngokulondeka.

UZakariya 14:21

Onke amakhanzi eJerusalema nakwaJuda ayakwahlukaniselwa uJehova Sebawoti; bonke abahlabayo bayakufika , bathathe kuwo , bapheke kuwo , kungabe kusabakho mthengisi ngalolo suku endlini kaJehova Sebawoti.