Skip to Content

"kungekho"

97 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 10:21

Zonke izitsha zokuphuza zenkosi uSolomoni zaziyigolide , nazo zonke izitsha zendlu yehlathi laseLebanoni zaziyigolide elicwengekileyo , kungekho ezesiliva, lona lingento yalutho emihleni kaSolomoni.

1 AmaKhosi 22:1

Bahlala iminyaka emithathu kungekho ukulwa phakathi kwe -Aramu no - Israyeli.

1 iziKronike 12:17

UDavide waphuma ukubahlangabeza , wathatha, wathi kubo : Uma nize nokuthula kimi ukungisiza, inhliziyo yami iyakuba nye nani , kepha uma kungukungikhohlisa ezitheni zami , lokhu kungekho okubi ezandleni zami , uNkulunkulu wawobaba makakubheke, akujezise.

1 kuThimothewu 5:19

Icala eliqondene nelunga ungalemukeli , kungekho ofakazi ababili noma abathathu.

1 kwabaseKorinte 14:28

kepha uma kungekho ohumushayo , kathule ebandleni, azikhulumele yena yedwa nakuNkulunkulu.

1 kwabaseKorinte 15:13

Kepha uma kungekho ukuvuka kwabafileyo, akavuswanga naye uKristu.

1 uSamuweli 11:3

Amalunga aseJabeshi athi kuye : Siyeke izinsuku eziyisikhombisa ukuba sithume izithunywa emikhawulweni yonke yakwa -Israyeli; uma kungekho osisindisayo, siyakuphumela kuwe.

1 uSamuweli 21:1

UDavide wayeseya eNobi ku -Ahimeleki umpristi ; u-Ahimeleki waya ukumhlangabeza uDavide ethuthumela , wathi ku ye: Yini ukuba uwedwa , kungekho muntu nawe, na?

2 AmaKhosi 14:26

Ngokuba uJehova wabona ukuhlupheka kuka-Israyeli ukuthi kwakumunyu kakhulu, abancane nabakhulu baphela amandla , kungekho omsizayo u - Israyeli.

2 AmaKhosi 1:16

Wayesethi kuyo : Usho kanje uJehova , uthi: Lokhu uthume izithunywa ukubuza kuBali Zebubi unkulunkulu wase -Ekroni kungokuba kungekho Nkulunkulu kwa -Israyeli ukuba kubuzwe ngezwi lakhe na ? Ngalokho awuyikwehlika embhedeni okhuphukele kuwo, kepha uyakufa nokufa.

2 AmaKhosi 1:3

Kepha ingelosi kaJehova yathi ku -Eliya waseThishibi : Suka ukhuphuke ukuhlangabeza izithu nywa zenkosi yaseSamariya , uthi kuzo : Kungokuba kungekho Nkulunkulu kwa -Israyeli ukuba niye nibuze kuBali Zebubi unkulunkulu wase-Ekroni na?

2 AmaKhosi 1:6

Zathi kuye : Kwakhuphuka umuntu ukuba asihlangabeze, wathi kithi : Hambani, nibuyele enkosini enithumileyo , nithi kuyo: Usho kanje uJehova , uthi: Kungokuba kungekho Nkulunkulu kwa -Israyeli ukuba uthume ukubuza kuBali Zebubi unkulunkulu wase-Ekroni na? Ngalokho umbhede okhuphukele kuwo awuyikwehlika kuwo, kepha uyakufa nokufa.

2 uSamuweli 14:25

Kwa-Israyeli wonke kwakungekho muntu omuhle njengo -Abisalomu owababazeka kakhulu, kungekho sici kuye kusukela ematheni onyawo kuze kube sokhakhayini.

2 uSamuweli 18:13

Uma bengisebenzile inkohliso ngokuphila kwakhe , njengokuba kungekho nto efihlwa enkosini, nawe uqobo ngabe umelene nami.

2 uSamuweli 18:22

U-Ahimahasi indodana kaSadoki wabuye wathi kuJowabe : Noma kanjani, ake ngigijime nami , ngimlandele umKushe . Kepha uJowabe wathi : Uyakugijimelani wena mntanami , lokhu kungekho mvuzo wombiko kuwe , na?

AbAhluleli 19:1

Kwathi ngalezo zinsuku kungekho inkosi kwa-Israyeli, kwakukhona umLevi othile owayegogobele ohlangothini olungasemuva kwezintaba zakwa - Efrayimi, owazithathela isancinza eBetlehema Juda.

AmaHubo 105:37

Wayesebakhipha benesiliva negolide, kungekho ontengezelayo emindenini yakubo.

AmaHubo 107:12

Wathobisa inhliziyo yabo ngokuhlupheka; bawa kungekho osizayo.

AmaHubo 109:3

Bangizungeza ngamazwi enzondo; balwa nami, kungekho sizathu.

AmaHubo 119:161

Izikhulu ziyangizingela, kungekho sizathu , kepha inhliziyo yami iyesaba izwi lakho.

AmaHubo 119:78

Abazidlayo mabajabhe, ngokuba bangicindezele, kungekho sizathu; kepha mina ngiyakuzindla ngeziyalezo zakho.

AmaHubo 144:14

lapho izinkabi zethu zithweswe kakhulu, nalapho kungekho ukufohla kwesitha nokungena empini nezikhalo ezitaladini zethu,

AmaHubo 32:2

Ubusisiwe umuntu uJehova angambaleli isiphambeko , kungekho nkohliso emoyeni wakhe.

AmaHubo 35:7

Ngokuba bangenzele ngasesitha igebe lenetha labo , kungekho sici, bembele umphefumulo wami umgodi, kungekho cala.

AmaHubo 53:5

Besaba nokwesaba , lapho kungekho okwesabisayo ; ngokuba uNkulunkulu wasakaza amathambo akhe owamisa ngakuwe ; wena ubajabhisile, ngokuba uNkulunkulu ubalahlile.

AmaHubo 59:3

Ngokuba bhek a, baqamekela umphefumulo wami ; iziqhwaga ziyangihlanganyela, kungekho siphambeko, kungekho sono kimi, Jehova.

AmaHubo 59:4

Ziyagijima, zizilungisele, kungekho cala kimi; vuka, ungihlangabeze, ubone.

AmaHubo 69:2

Ngishone odakeni lobishi olujulileyo , kungekho kuma; ngingene emanzini alutwa; imisinga iyangicwilisa.

AmaHubo 69:4

Abangizonda ngeze baningi kunezinwele zekhanda lami ; baningi abafuna ukungiqeda beyizitha zami kungekho sici ; nengingakuphanganga ngakubuyisela.

AmaHubo 7:2

ngisindise kubo bonke abangizingelayo , ungikhulule, bangaze bawudwengule umphefumulo wami njengengonyam a eklebhula, kungekho okhululayo.

AmaHubo 7:4

uma ngiphindise okubi kohlalisene nami ngokuth ula, ngaphanga isitha sami kungekho sici,

IsiHlabelelo seziHlabelelo 4:2

Amazinyo akho anjengomhlambi wezimvukaz i ezisand ukugundwa, ezikhuphuka zigeziwe , zinamawele zonke , kungekho neyodwa phakathi kwazo efelweyo.

IsiHlabelelo seziHlabelelo 6:6

Amazinyo akho anjengomhlambi wezimvukaz i ezikhuphuka zigeziwe , zinamawele zonke, kungekho neyodwa phakathi kwazo efelweyo.

IsiLilo 1:7

IJerusalema liyakhumbula ezinsukwin i zokuhlupheka kwalo nezinsizi zal o konke okuhle okwakukhona ezinsukwini zasendulo ; lapho abantu balo bewela esandleni sezitha , kungekho olisizayo , abamelene nalo balibona , bahleka ukuchithwa kwalo.

IsiLilo 2:9

Amasango alo ashona emhlabathini ; wachitha, wayaphula imigoqo yalo . Inkosi nezikhulu zalo baphakathi kwezizwe , lapho kungekho khona umthetho. Nabaprofethi balo abatholi mbono kuJehova.

IzAga 11:14

Lapho kungekho iziluleko, abantu bayawa, kepha lapho kukhona abeluleki abaningi, lapho kukhona ukuphumelela.

IzAga 14:4

Lapho kungekho khona izinkomo , umkhombe awunalutho , kepha inzuzo inkulu ngamandla ezinkabi.

IzAga 17:16

Yini ukuba kube yimali esandlen i sesiwula ukuthenga ukuhlakanipha , kungekho ukuqonda, na?

IzAga 20:4

Ngenxa yobusika ivila ali yikulima; ngalokho uyakuthekela ngesikhathi sokuvuna, kungekho lutho.

IzAga 22:27

uma kungekho ongakhokha ngakho , ubuyakususelwani umbhede wakho phansi kwakho na?

IzAga 24:28

Ungabi ngufakazi ngomakhelwane wakho kungekho sizathu ; wothi ukhohlise ngezindebe zakho na?

IzAga 26:20

Ngokuphela kwezinkuni umlilo uyacimeka, nalapho kungekho abancethezi, kuyabodla ukuxabana.

IzAga 28:1

Ababi bayabaleka , noma kungekho obaxoshayo , kepha abalungileyo banesibindi njengengonyama.

IzAga 29:18

Lapho kungekho mbono khona , abantu bayadlubulunda , kepha ogcina umthetho ubusisiwe.

IzEnzo 19:40

Ngokuba-ke sisengozini yokumangalelwa ngomsindo wanamuhla , lokhu kungekho sizathu esingazilandulela ngaso ngalesi siwiliwili.

IzEnzo 24:18

okuthe ngikulokho bangifumana ethempelini ngihlanjululiwe , kungekho isixuku nomsindo,

IzEnzo 25:11

Kepha uma ngonile ngenza utho olufanele ukufa , angali ukufa; kodwa uma kungekho lutho lwalokho laba abangimangalela ngakho , akakho onganginikela kubo. Ngilidlulisela kuKesari.

IzEnzo 28:18

wona esengihlolile afuna ukungikhulula , ngokuba kungekho cala kimi lokuba ngife;

IzEnzo 8:31

Yona yathi: Ngingakwazi kanjani, uma kungekho ongiholayo na? Yamnxusa uFiliphu ukuba akhwele ahlale nayo.

KumaHeberu 6:13

Ngokuba lapho uNkulunkulu wamthembisa u -Abrahama, wazifunga yena, lokhu kungekho omkhulu kunaye angamfunga,

KwabaseKolose 3:11

lapho kungekho mGreki namJuda , ukusoka nokungasoki, owezizwe noma umSkithe, isigqila noma okhululekileyo, kepha uKristu uyikho konke , ukubo bonke.

KwabaseRoma 10:14

Kepha bayakukhuleka kanjani kuye abangakholwanga nguye na ? Bayakukholwa kanjani abangezwanga ngaye na ? Bayakuzwa kanjani , kungekho oshumayelayo na?

KwabaseRoma 4:15

ngokuba umthetho ubanga intukuthelo , kepha lapho kungekho khona umthetho, akukho nakweqa.

KwabaseRoma 4:18

owathi kungekho themba wakholwa ngethemba , ukuze abe nguyise wezizwe eziningi, njengalokho okwashiwo ukuthi: Yoba njalo inzalo yakho;

NgokukaJohane 11:10

Kodwa uma umuntu ehamba ebusuku , uyakhubeka, ngokuba kungekho ukukhanya kuye.

NgokukaJohane 6:22

Ngangomuso isixuku esasingaphesheya kolwandle sabona kungekho omunye umkhunjana khona , sazi ukuthi ubumunye nje nokuthi uJesu wayengangenanga emkhunjini kanye nabafundi bakhe , kepha ukuthi abafundi bakhe babewele bodwa,

NgokukaMarku 5:4

ngokuba wayeseboshwe kaningi ngawozankosi nangamaketanga , kepha amaketanga ayegqashuliwe nguye nawozankosi babephuliwe , kungekho noyedwa owayenamandla okumthambisa.

U-Amose 5:6

Funani uJehova , niphile, funa afikele indlu kaJosefa njengomlilo, udle, kungekho owucimayo eBethele.

U-Isaya 33:19

Awuyikubona abantu abanobudlova , abantu abanokukhuluma okujulileyo ongenakukuzwa, nabalulimi lwabo olukwitizayo kungekho ongaluqonda.

U-Isaya 42:22

Kepha laba bangabantu abaphangiweyo nabamukiweyo ; bonke bacushiwe emigodini, bafihliwe ematilongweni ; bangabokuphangwa, akakho obophulayo, yebo, bayimpango, kungekho oshoyo ukuthi: Buyisa.

U-Isaya 47:1

Yehla, uhlale othulini wena ntombi , ndodakazi yaseBabele , uhlale emhlabathini, kungekho sihlalo sobukhosi , wena ndodakazi yamaKaledi, ngokuba awusayikubizwa ngokuthi uthambile nokuthi uyatetema.

U-Isaya 53:9

Babeka ithuna layo kanye nababi ; ekufeni yayinabenza okubi , noma ingenzanga indluzula, kungekho nankohliso emlonyeni wayo.

U-Isaya 5:29

Ukubhonga kwabo kunjengokwengonyamakazi, bayakubhonga njengamabhongo ebhubesi, yebo, bayakugwavuma, babambe impango yabo , bamuke nayo, kungekho oyophulayo.

UDuteronomi 32:36

Ngokuba uJehova uyakubahlulela abantu bakhe , azihawukele izinceku zakhe, lapho ebona ukuthi amandla abo aphelile, kungekho omunye ovalelweyo noma okhululekileyo.

UDuteronomi 8:9

izwe lapho uyakudla khona isinkwa kungekho kuswela ; awuyikudinga lutho; izwe elimatshe alo ayinsimbi, nelizintaba zalo ungemba kuzo ithusi.

UGenesise 37:24

Bamthatha, bamphonsa emgodini ; umgodi wawungenalutho , kungekho manzi kuwo.

UGenesise 39:11

Kwathi ngosuku lumbe engena endlini ukuyokwenza imisebenzi yakhe , kungekho lapho phakathi noyedwa owendlu,

UHabakuki 2:19

Wo koshoyo kumuthi ukuthi : Vuka! nakulo itshe eliyisimungulu: Phaphama! Lokhu kungafundisa na ? Bheka, kunamekwe ngegolide nangesiliva, kungekho neze umoya phakathi kwakho.

UHezekeli 13:10

Ngokuba, yebo, ngokuba bedukisile abantu bami ngokuthi: Ngukuthula, kungekho ukuthula, nangokuba lapho kwakhiwa ugange, bheka, balunameka ngodaka olungavuthiwe,

UHezekeli 13:16

abaprofethi bakwa -Israyeli abaprofetha ngeJerusalema , ababona imibono yokuthula ngalo, ukuthula kungekho, isho iNkosi uJehova.

UHezekeli 38:11

Uyakuthi: Ngiyakwenyukela ezweni elisobala, ngiye kwabazinzileyo abahlala belondekile , bonke abahlala bengenalugange , kungekho kubo imigoqo nezicabha,

UHoseya 4:1

Yizwani izwi likaJehov a nina bantwana bakwa -Israyeli, ngokuba uJehova unokuphikisana nabakhileyo ezweni , lokhu kungekho qiniso , namusa, nakumazi uNkulunkulu ezweni.

UHoseya 5:14

Ngokuba ngiyakuba njengengonyama ku -Efrayimi, nebhongo lengonyama kuyo indlu yakwaJuda ; mina yebo , mina ngiyakudwengula , besengimuka; ngiyakususa, kungekho owophulayo.

UHoseya 7:7

Bonke bashisa njengeziko, badla abahluleli babo; onke amakhosi abo ayawa, kungekho phakathi kwabo ongibizayo.

UJeremiya 14:6

Izimbongolo zasendle ziyema emadulini angenalutho , zihogela umoya njengamakhanka; amehlo azo ayaphela, ngokuba kungekho tshani.

UJeremiya 2:15

Amabhongo ezingonyama abhongile phezu kw akhe, akhonya, alenza izwe lakhe laba yincithakalo; imizi yakhe ishisiwe, kungekho owakhe kuyo.

UJeremiya 32:43

Amasimu ayakuthengwa kuleli zwe enish o ngalo ukuthi liyincithakalo , lapho kungekho muntu nazilwane khona , nokuthi linikelwe esandleni samaKaledi.

UJeremiya 44:22

UJehova wayengasenakuthwala okubi kwemisebenzi yenu nezinengiso zenu enizenzileyo; ngalokho izwe lakini seliyincithakalo , nesimangaliso, nesiqalekiso, kungekho owakhile kulo njenganamuhla.

UJeremiya 9:10

Ngiyakuphakamisela izintaba ukukhala nokulila , namadlelo asehlane ukulilisela, ngokuba ashisiwe kungekho muntu odlula kuwo , kungezwakali ukukhonya kwezinkomo; izinyoni zezulu nezilwane zibalekile, zahamba.

UJeremiya 9:12

Ngubani umuntu ohlakaniphileyo ongakuqonda lokhu , okhulumile kuye umlomo kaJehova, akumemezele, na? Izwe lichithelweni, lasha njengehlane, kungekho odabulayo, na?

UJeremiya 9:22

Khuluma! Usho k anje uJehova , uthi: Izidumbu zabantu ziyakuwa njengomquba endle, nanjengesithonto emva komvuni, kungekho okubuthayo.

UJobe 16:17

noma kungekho ubudlova ezandleni zami nokukhuleka kwami kulungile.

UJobe 31:19

uma ngibone obhubhile ngokuswela isambatho , kungekho okokuzimboza kompofu;

UJobe 36:16

Yebo, nga ekuvusa ukuba uphume emlonyeni wosizi, uye endaweni ebanzi, lapho kungekho kunyinyeka khona, kunone okubekwa etafuleni lakho.

UJobe 38:26

ukunisa imvula emhlaben i lapho kungekho muntu khona , nasehlane elingenamuntu,

UJobe 8:11

Umhlanga ungahluma lapho kungekho xhaphozi na ? Incema ingamila kungekho manzi na?

ULevitikusi 13:21

Kepha uma umpristi elibheka , kungekho boya obumhlophe kulo , lingashonile kunesikhumba , kodwa lifiphele , bheka, khona umpristi uyakumvalela izinsuku eziyisikhombisa;

ULevitikusi 13:26

Kepha uma umpristi elibheka , kungekho boya obumhlophe ebaleni elikhanyayo, lingashonile kunesikhumba , kodwa lifiphele , bheka, khona umpristi uyakumvalela izinsuku eziyisikhombisa,

ULevitikusi 13:31

Uma umpristi ebheka ibala lomuna, libonakala lingashonile kunesikhumba, kungekho zinwele ezimnyama kulo , bheka, khona umpristi uyakumvalela onesifo somuna izinsuku eziyisikhombisa,

ULevitikusi 13:32

ngosuku lwesikhombisa umpristi abheke isifo ; uma umuna ungandile, futhi kungekho zinwele ezimpofu kuwo , umuna ubonakala ungashonile kunesikhumba,

UMika 5:8

Insali yakwaJakobe iyakuba phakathi kwezizwe , phakathi kwabantu abaningi, njengengonyama phakathi kwezilwane zasehlathini , njengebhongo lengonyama phakathi kwemihlambi yezimvu , elithi lapho lidabula , linyathele, lidwengule, kungekho owophulayo.

UNahume 2:11

Uphi umphandu wezingonyama , nedlelo lamabhongo ezingonyama , lapho kwahamba ingonyama nengo nyamakazi nebhongo lengonyama , kungekho okwesabisayo na?

UNahume 3:3

ngabamahhashi abasukelayo , nenkemba enjengelangabi , nomkhonto onyazimayo, abaningi ababuleweyo nenqwaba yezidumbu , kungekho ukuphela kwezidikadika; bakhubeka ngezidikadika zabo,

UNumeri 20:5

Nasikhuphulelani eGibithe, ukuze silethwe kule ndawo embi , na? Akusiyo indawo yembewu, noma eyamakhiwane , noma eyemivini , noma eyamapomegranati, kungekho futhi amanzi okuphuza.

UNumeri 5:13

alale nenye indoda kusithekile emehlweni endoda yakhe , kufihlwe, angcoliswe, kungekho fakazi nokho ngaye, futhi engabanjwanga,

UZakariya 10:2

Ngokuba amatherafi akhulumile okuyize, nababhuli babone okungamanga; bakhuluma amaphupho angelutho , baduduza n geze; ngalokho bayasuka njengezimvu, bathotshisiwe, ngokuba kungekho umalusi.

UZefaniya 3:13

Insali yakwa -Israyeli ayisayikwenza okubi , ingakhulumi amanga , kungafunyanwa emlonyeni wabo ulimi olukhohlisayo; yebo, bayakwaluka, babuthise, kungekho obesabisayo.