Skip to Content

"kunokuba"

33 occurrences in ZUL

1 kuThimothewu 1:4

futhi banganaki izinganekwane nezindaba zolibo olokuzalana ezingapheliyo, ezibanga ukuphikisana kunokuba ziqhube isimiso sikaNkulunkulu esisekukholweni, ngenza njalo namanje;

1 kwabaseKorinte 5:2

Kepha nina nikhukhumele kunokuba nga nilila , ukuze akhishwe phakathi kwenu owenze leso senzo.

1 kwabaseKorinte 9:15

Kepha mina angisebenzisanga lutho lwalezo zinto ; futhi lokho angikulobanga ukuba kwenziwe kanjalo kimi; ngokuba kungaba ngcono kimi ukuba ngife kunokuba umuntu alwenz ize udumo lwami.

1 uSamuweli 27:1

UDavide wathi enhliziyweni yakhe : Ngiyakubhubha ngelinye ilanga ngesandla sikaSawu le; akukho okungcono kimi kunokuba ngibaleke , ngiye ezweni lamaFilisti ; uSawule uyakungiyeka , angabe esangifuna emikhawulweni yonke yakwa-Israyeli, ngiphunyuke esandleni sakhe.

2 kaPetru 2:21

Ngokuba ngabe kwab a ngcono kubo ukuba babengayazanga indlela yokulunga kunokuba kuthi sebayazile bafulathele umyalo ongcwele ababewunikeziwe.

AbAhluleli 18:19

Bathi kuye: Thula, ubeke isandla sakho emlonyeni wakho , uhambe nathi, ube ngubaba nompristi wethu ; kuhle yini ukuba ube ngumpristi wendlu yomuntu munye kunokuba ube ngumpristi wesizwe nomndeni kwa -Israyeli na?

AmaHubo 40:5

Jehova Nkulunkulu wami, ziningi izimangaliso zakho ozenzileyo, nezizindlo zakho ngathi ; akukho okungafaniswa nawe ; uma ngiyilanda , ngiyisho, miningi kunokuba ibalwe.

IzAga 25:7

Ngokuba kungcono ukuba kuthiw e kuwe: Yenyuka lapha , kunokuba wehliswe phambi kwesikhulu asesibonile amehlo akho.

KumaHeberu 11:25

kunalokho wakhetha ukuphathwa kabi kanye nabantu bakaNkulunkulu kunokuba athokoze isikhashana esonweni,

NgokukaLuka 16:17

Kepha kulula ukuba kudlule izulu nomhlaba kunokuba kuwe ibalana elilodwa lomthetho. Ukuhlalisana kwabaganeneyo (Math. 19:3; Mark. 10:1)

NgokukaLuka 17:2

Kungcono kuye ukuba itshe lokusila l igaxwe entanyeni yakhe , alahlwe elwandle, kunokuba akhubekise abe munye kulaba abancinyane.

NgokukaLuka 18:25

Kulula ukuba ikamela lingene ngentunja yosungulo kunokuba onothileyo angene embusweni kaNkulunkulu.

NgokukaMarku 10:25

Kulula ukuba ikamela lingene ngentunja yosungulo kunokuba onothileyo angene embusweni kaNkulunkulu.

NgokukaMarku 9:43

Uma isandla sakho sikukhubekisa , sinqume; kungcono ungene ekuph ileni uyingini kunokuba uye esihogweni , emlilweni ongacimekiyo , unezandla zombili,

NgokukaMarku 9:45

Uma unyawo lwakho lukukhubekisa , lunqume; kungcono ungene ekuphileni ulunyonga kunokuba uphonswe esihogweni , emlilweni ongacimekiyo, unezinyawo zombili,

NgokukaMarku 9:47

Uma iso lakho likukhubekisa , likhiphe; kungcono ungene embusweni kaNkulunkulu uneso linye kunokuba uphonswe esihogweni unamehlo omabili,

NgokukaMathewu 18:8

Kepha uma isandla sakho sikukhubekisa, kumbe unyawo lwakho, kunqume, ukulahle; kungcono kuwe ukuba ungene ekuphileni uyingini noma unyonga kunokuba uphonswe emlilweni ophakade unezandla zombili nezinyawo zombili.

NgokukaMathewu 18:9

Noma iso lakho likukhubekisa , likhiphe, ulilahle. Kungcono kuwe ukuba ungene ekuphileni uneso linye kunokuba uphonswe esihogweni somlilo unamehlo omabili.

NgokukaMathewu 19:24

Futhi ngithi kini : Kulula ukuba ikamela lingene ngentunja yosungulo kunokuba onothileyo angene embusweni kaNkulunkulu.

NgokukaMathewu 5:29

Uma iso lakho lokunene likukhubekisa , likhiphe, ulilahle; ngokuba kungcono kuwe ukuba kubhubhe sibe s inye ezithweni zakho kunokuba wonke umzimba wakho uphonswe esihogweni.

NgokukaMathewu 5:30

Noma isandla sakho sokunene sikukhubekisa , sinqume, usilahle; ngokuba kungcono kuwe ukuba kubhubhe sibe sinye ezithweni zakho kunokuba wonke umzimba wakho uphonswe esihogweni.

U-Eksodusi 14:12

Leli alisilo izwi esalikhuluma kuwe eGibithe , sithi: S iyeke, sikhonze abaseGibithe, na? Ngokuba bekuyakuba ngcono kithi ukubakhonza abaseGibithe kunokuba sifele ehlane.

U-Isaya 28:20

Ngokuba umbhede uyakuba mfushan e kunokuba umuntu enabe kuwo , nengubo ibe ncane kunokuba umuntu azisonge ngayo.

U-Isaya 40:20

Ompofu kunokuba anikele ngomnikelo onjal o uyakhetha umuthi ongaboliyo, azifunele isisebenzi esihlakaniphiley o ukuba simise isithombe esibaziweyo esingenakuzanyazanyiswa.

UGenesise 13:6

Izwe lalingenakubanela ukuba bahlale ndawonye , ngokuba impahla yabo yayiningi kunokuba bahlale ndawonye.

UGenesise 29:19

Wayesethi uLabani: Kuhle ukuba ngimnike wena kunokuba ngimnike enye indoda; hlala kimi.

UGenesise 36:7

Ngokuba imfuyo yabo yayiyinkulu kunokuba bahlale ndawonye , nezwe lokugogobala kwabo lalingenakubathwala ngenxa yemfuyo yabo.

UGenesise 4:13

Khona wathi uKayini kuJehova: Isono sami sikhulu kunokuba ngisithwale.

UJeremiya 4:12

Umoya omkhulu kunokuba kwenziwe lokhu uyakuphuma kimi . Manje sengiyakukhuluma nami ukwahlulela kubo.

UmShumayeli 3:12

Ngiyazi ukuthi akukho okuhle kubo kunokuba bathokoze , bazenzele okumnandi besekhona.

UmShumayeli 3:22

Ngase ngibona-ke ukuthi akukho okungcono kunokuba umuntu athokoze ngemisebenzi yakhe, lokhu kuyisabelo sakhe, ngokuba ngubani ongambuyisa ukuba abone okuyakuba semva kwakhe na?

UmShumayeli 5:5

Kungcono ukuba ungenzi isithembiso kunokuba uthembisa ungafezi.

UmShumayeli 7:5

Kungcono ukuzwa ukukhuza kohlakaniphiley o kunokuba umuntu ezwe ukuhlabelela kweziwula.