Skip to Content

"kurehobowamu"

10 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 12:12

UJerobowamu nabantu bonke base befika kuRehobowamu ngosuku lwesithathu njengokusho kwenkosi, ithi: Buyelani kimi ngosuku lwesithathu.

1 AmaKhosi 12:21

URehobowamu es efikile eJerusalema wabutha yonke indlu yakwaJuda nesizwe sakwaBenjamini , abantu abakhethiweyo abayizinkulungwane eziyikhulu namashumi ayisishiyagalombili , amabutho, ukuba balwe nendlu yakwa-Israyeli, bawubuyisele umbuso kuRehobowamu indodana kaSolomoni.

1 AmaKhosi 12:23

Khuluma kuRehobowamu indodana kaSolomoni inkosi yakwaJuda, nakuyo yonke indlu yakwaJuda neyakwaBenjamini, nakubantu abaseleyo, ngokuthi:

1 AmaKhosi 12:27

Uma laba bantu benyuka ukunikela ngemihlatshelo endlini kaJehova eJerusalema, inhliziyo yalaba bantu iyakuphindela enkosini yabo , kuRehobowamu inkosi yakwaJuda , bangibulale mina , babuyele kuRehobowamu inkosi yakwaJuda.

1 AmaKhosi 12:3

kepha bathuma bambiza -- uJerobowamu nebandla lonke lakwa -Israyeli beza, bakhuluma kuRehobowamu, bathi:

2 iziKronike 10:12

UJerobowamu nabantu bonke ba se befika kuRehobowamu ngosuku lwesithathu njengokusho kwenkosi ithi: Buyelani kimi ngosuku lwesithathu.

2 iziKronike 10:3

Bathuma bambiza ; uJerobowamu naye wonke u -Israyeli beza , bakhuluma kuRehobowamu, bathi:

2 iziKronike 11:1

URehobowamu esefikile eJerusalema wabutha indlu yakwaJuda noBenjamini, abantu abakhethiweyo abayizinkulungwane eziyikhulu namashumi ayisihiyagalombili , amabutho, ukuba balwe no -Israyeli, bawubuyisele umbuso kuRehobowamu.

2 iziKronike 11:3

Khuluma kuRehobowamu indodana kaSolomoni, inkosi yakwaJuda, nakuye wonke u-Israyeli kwaJuda noBenjamini, ngokuthi:

2 iziKronike 12:5

Wayesefika uShemaya umprofethi kuRehobowamu nasezikhulwini zakwaJuda ezazibuthene eJerusalema ngenxa kaShishaki , wathi kubo: Usho kanje uJehova, uthi: Nina ningishiyile; ngalokho nami nginishiyile esandleni sikaShishaki.