Skip to Content

"kuvela"

63 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 2:33

Igazi labo liyakubuyela ekhanda likaJowabe nasekh anda lenzalo yakhe kuze kube phakade ; kepha kuDavide , nakuyo inzalo yakhe , nakuyo indlu yakhe, nakuso isihlalo sakhe sobukhosi kuyakuba ngukuthula kuze kube phakade, kuvela kuJehova.

1 iziKronike 13:2

UDavide wathi kulo lonke ibandla lakwa -Israyeli: Uma kukuhle kini , uma kuvela kuJehova uNkulunkulu wethu, masihlakazeke sithumele kubafowethu abasele ezweni lonke lakwa -Israyeli kanye nabapristi namaLevi emizini yabo enamadlelo ukuba babuthane kithi,

1 iziKronike 29:12

Ingcebo nenkazimulo kuvela kuwe , wena ubusa phezu kwakho konke ; esandleni sakho kukhona amandla nezikhwepha , esandleni sakho kukhona ukukhulisa nokunika bonke amandla.

1 iziKronike 29:14

Ngokuba ngingubani mina , nabantu bami , bayini ukuba sibe namandla okunikela ngenhliziyo engaka na ? Ngokuba konke kuvela kuwe , nokuvela esandleni sakho lokhu sikunike wena.

1 kaJohane 2:16

ngokuba konke oku sezweni, inkanuko yenyama , nenkanuko yamehlo , nokuzigabisa ngalokhu kuphila, akuveli kuYise, kodwa kuvela ezweni.

1 kwabaseKorinte 11:12

ngokuba njengalokhu owesifazane evela endodeni , kanjalo nendoda ivela ngowesifazane; kepha konke kuvela kuNkulunkulu.

1 uSamuweli 24:13

Kunjengesaga sasendulo esithi : Kwababi kuvela okubi ; ngalokho isandla sami asiyikuba phezu kwakho.

2 kuThimothewu 3:6

Ngokuba kulabo kuvela abanyonyobela ezindlini bethumba abesifazane abasindwa yizono, beqhutshwa yizinkanuko eziyizinhlobonhlobo,

2 kwabaseKorinte 5:18

Kepha konke kuvela kuNkulunkulu owenza ukuba sibuyisane naye ngoKristu, wasinika inkonzo yokubuyisana,

2 uSamuweli 23:4

unjengokukhanya kwasekuseni ekuphumeni kwelanga, isasa elingenamafu, lapho kuvela ekukhanyeni uhlaza emhlabathini emva kwemvula.

AmaHubo 37:39

Ukusindiswa kwabalungileyo kuvela kuJehova ; uyinqaba yabo esikhathini sokuhlupheka.

AmaHubo 76:8

Wezwakalisa ukwahlulela kuvela ezulwini; umhlaba wesaba, wathula

IsAmbulo 16:2

Eyokuqala yaya -ke, yathululela isitsha sayo emhlabeni ; kwase kuvela isilonda esibi esinobuhlungu kubantu abanophawu lwesilo nabakhuleka kumfanekiso waso.

IzAga 13:10

Ngokuziqhenya kuvela ukuxabana kuphela , kepha kwabalulekwayo kukhona ukuhlakanipha.

IzAga 29:26

Abaningi bafuna ubuso bombusi , kepha ukwahlulelwa komuntu kuvela kuJehova.

IzAga 4:23

Phezu kwakho konke okugcinayo , gcina inhliziyo yakho , ngokuba kuyilapho kuvela khona ukuphila.

IzEnzo 15:39

Kwase kuvela ukuphikisana okukhulu, baze bahlukana; uBarnaba wathatha uMarku, wawelela eKhupro ngomkhumbi. Uhambo lwesibili lukaPawulu

IzEnzo 19:25

waqoqa bona kanye nezisebenzi ezinjalo, wathi: Madoda, niyazi ukuthi kulo msebenzi kuvela ingcebo yethu,

IzEnzo 23:9

Kwase kuvela umsindo omkhulu, kwasukuma abathile kubabhali benxenye yabaFarisi, balwa kakhulu , bathi: Asifumani lutho olubi kulo muntu ; uma, pho, kukhulume kuye umoya noma ingelosi na?

IzEnzo 5:38

Manje-ke ngithi kini : Dedani kulaba bantu , nibayeke, ngokuba uma leli su nalo msebenzi kuvela kubantu, kuyakuchitheka;

IzEnzo 5:39

kepha uma kuvela kuNkulunkulu , aniyikuba namandla okubachitha, funa mhlawumbe nifunyanwe ningabalwayo noNkulunkulu. Bamvumela-ke.

Kwabase-Efesu 5:18

Ningadakwa yiwayini , kuvela kulo umhumheko, kodwa nigcwaliswe ngoMoya,

KwabaseFilipi 1:28

ningethuswa ngalutho ngabamelene nani , okuyisiboniso sokubhubha kubona kepha ngesokusindiswa kwenu; lokhu-ke kuvela kuNkulunkulu.

KwabaseRoma 10:17

Ngalokho-ke ukukholwa kuvela ngokuzwa , ukuzwa kuvela ngezwi likaKristu.

KwabaseRoma 11:36

Ngokuba konke kuvela kuye , kukhona ngaye , kuya kuye ; makube kuye inkazimulo kuze kube phakade. Amen.

KwabaseRoma 1:17

Ngokuba ukulunga kukaNku lunkulu kwambulwa kulo , kuvela ekukholweni, kuyisa ekukholweni, njengokulotshiweyo ukuthi : Olungileyo uzakuphila ngokukholwa. Intukuthelo kaNkulunkulu ngezono zabezizwe

NgokukaJohane 17:7

Sebazi ukuthi konke ongiphe khona kuvela kuwe.

NgokukaJohane 3:25

Kwase kuvela ukuphikisan a phakathi kwabafundi bakaJohane nabaJuda ngokuhlambulula.

NgokukaJohane 7:22

Ngokuba uMose uninikile ukusoka -- kungesikho ukuthi kuvela kuMose kodwa kokhokho -- niyamsoka umuntu nangesabatha.

NgokukaLuka 17:29

kepha ngosuku uLoti aphuma ngalo eSodoma lana umlilo nesibabule kuvela ezulwini, kwababhubhisa bonke;

NgokukaLuka 1:45

Ubusisiwe owakholwayo, ngokuba kuzakuba khona ukufezeka kwalokho akutshelwa, kuvela eNkosini.

NgokukaMathewu 15:18

Kepha okuphuma emlonyeni kuvela enhliziyweni ; lokho-ke kuyamngcolisa umuntu.

NgokukaMathewu 15:19

Ngokuba enhliziyweni kuvela izizindlo ezimbi , ukubulala, ukuphinga, ubufebe, ukweba, ukufakaza amanga, ukuhlambalaza.

NgokukaMathewu 5:37

Kepha izwi lenu malibe ngokuthi : Yebo, yebo; qhabo, qhabo. Okudlula lokhu kuvela kokubi.

U-Eksodusi 21:23

Uma kuvela ingozi, wokwenana ukuphila ngokuphila:

U-Eksodusi 22:6

Uma kuvela umlilo, uvuthe emeveni kuze kushe izinhlanga zamabele, noma amabele angakavunwa, noma insimu, othungele umlilo uyakukhokha impela.

U-Ezra 10:1

U-Ezra esakhuleka , evuma izono ngokukhala , eziwise phansi phambi kwendlu kaNkulunkulu, kwabuthana kuye kuvela ku-Israyeli ibandla elikhulu kakhulu labesilisa nabesifazane nabantwana , ngokuba abantu bakhala ngokukhala okukhulu.

U-Isaya 14:31

Klewula wena sango , dazuluka wena muzi , phela amandla wena Filistiya lonke! Ngokuba enyakatho kuvela umusi ; akakho oyakwahlukana n ebutho lakhe.

U-Isaya 21:1

Isiprofetho ngehlane lolwandle . Njengokudlula kwezivunguvungu eningizimu kuvela ehlane ezweni elesabekayo.

U-Isaya 23:1

Isiprofetho ngeTire . Klewulani nina , Mikhumbi yaseTharishishi , ngokuba lichithekile; indlu ayisekho , nokungena akusenakwenzeka ; kwambulelwe kubo kuvela ezweni laseKitimi.

U-Isaya 28:29

Nalokho kuvela kuJehova Sebawot i oyisimangaliso ekululekeni nomkhulu emaswini.

U-Isaya 30:6

Isiprofetho ngezilwane zaseNingizimu. Badabula izwe losizi nelokuhlupheka, lapha kuvela khona ibhubesi nebhubesikazi , ibululu nenyoka endizayo , bethwala imfuyo yabo emihlane yezimbongol o nengcebo yabo phezu kwamalunda amakamela bakuyise kubantu abangenansizakalo.

UDaniyeli 11:20

Bese kuvela esikhundleni sakhe oyakudlulisa umthelisi emhlobisweni wombuso, kepha ngezinsuku eziyingcosana uyakubhujiswa , kungabi ngolaka nangokulwa kodwa.

UDuteronomi 17:8

Uma kuvela indaba ekwahlulayo , ekwahluleleni phakathi kwegazi negazi , naphakathi kwecala necala , naphakathi kokushaya nokushaya , kuyizindaba zokuphikisana phakathi kwamasango akho , wosuka, uye endaweni uJehova uNkulunkulu wakho ayakuyikhetha,

UGenesise 10:5

Kuvela kulabo iziqhingi zabezizwe zahlukaniselwa amazwe abo , kwaba yilelo nalelo ngolimi lwalo, nangemindeni yalo, nangezizwe zalo.

UGenesise 19:24

Khona uJehova wanisa phezu kweSodoma naphezu kweGomora isibabule nomlilo, kuvela kuJehova ezulwini.

UGenesise 49:20

Ku-Asheri kuvela amanoni abe ngukudla kwakhe ; uyakuveza isilovela samakhosi.

UHezekeli 1:4

Ngabona, bheka, kwavela umoya wesivun guvungu enyakatho, ifu elikhulu elinomlilo ovuthayo nokukhanya nxazonke zalo , kuphuma phakathi kwalo kungathi ithusi elikhazimulayo, kuvela emlilweni.

UHezekeli 33:7

Wena-ke, ndodana yomuntu, ngikubeke umlindi kuyo indlu yakwa -Israyeli; yizwa izwi lomlomo wami, ubaxwayise, kuvela kimi.

UJeremiya 46:20

IGibithe liyisithokazi esihle kakhulu , kepha kuvela isibawu enyakatho , sesifikile.

UJeremiya 4:15

Ngokuba izwi liyamemezela liphuma kwaDani ; lizwakalisa okubi kuvela ezintabeni zakwa-Efrayimi.

UJeremiya 50:41

Bheka, kuvela abantu enyakatho , isizwe esikhulu namakhosi amaningi, kuvuswe ekugcineni komhlaba.

UJeremiya 6:22

Usho kanje uJehova , uthi: Bheka, kuvela abantu ezweni elisenyakatho ; isizwe esikhulu siyakuvuswa ekugcineni komhlaba.

UJobe 28:5

Umhlaba-ke, kuwona kuvela ukudla , kepha ngaphansi kwawo uyaphendukezelwa njengangomlilo.

UJobe 37:10

Ngokuphefumula kukaNkulunkulu kuvela ungqoqwane , ububanzi bamanzi buqine.

UJobe 37:22

Ngasenyakatho kuvela inkazimulo yegolide ; uNkulunkulu wembethe ubukhosi obesabekayo.

UJoweli 1:15

Hawu lolo suku ! Ngokuba us uku lukaJehova lusondele , lufika njengokuchitha kuvela kuSomandla.

ULevitikusi 13:14

Kepha njalo uma kuvela kuye inyama ebomvu, uyakuba ngongcolile.

UMika 1:12

Ngokuba abakhe eMaroti banemi helo ngokuhle , lokhu okubi kwehlile kuvela kuJehova, kwafika esangweni laseJerusalema.

UNumeri 18:26

Futhi uyakukhuluma kumaLevi , uthi kuwo : Nxa nithabatha kwabakwa - Israyeli okweshumi engininike khona kuvela kubo, kube yifa lenu , niyakunikela ngomnikelo wokuphakanyiswa kuJehova , okweshumi kokweshumi.

UZefaniya 1:10

Ngalolo suku , usho uJehova , kuyakuba khona izwi lokukhala , livela eSangweni Lezinhlanzi, nokuhhewula, kuvela eNxenyeni Yesibili , nokufahlazeka okukhulu, kuvela emagqumeni.

UmShumayeli 2:24

Akukho okuhle kumuntu kunalokhu kokuba adle , aphuze, abonise umphefumulo wakhe okuhle emshikashikeni wakhe , kepha nalokho ngakubona ukuthi kuvela esandleni sikaNkulunkulu.

UmShumayeli 3:20

Konke kuya endaweni inye ; konke kuvela othulini , konke kubuyela othulini.