"kuyakwenziwa"
16 occurrences in ZUL
Wathatha izinkabi ezimbili, wazihlahlela, wazithuma emikhawulweni yonke yakwa-Israyeli ngesandla sezithunywa, ethi: Ongaphumi emva kukaSawule noSamuweli kuyakwenziwa kanjalo kuzo izinkabi zakhe . Ingebhe ngoJehova yehlela phezu kwabantu, baphuma njengomuntu munye.
UDavide wakhuluma kubantu ababemi naye , wathi: Kuyakwenziwa ntoni kumuntu obulala lowo mFilisti , asuse ihlazo kwa -Israyeli, na? Ngokuba ngubani lowo mFilisti ongasokile ukuba ayeyise impi kaNkulunkulu ophilayo na?
Abantu bamphendula ngalona lelo zwi ; bathi-ke: Kuyakwenziwa kanjalo kumuntu ombulalayo.
Inkosi yathi ku -Esteri ngasedilini lewayini : Isicelo sakho siyini na ? Uyakusenzelwa. Yini oyifunayo na ? Kuyakwenziwa kuze kube nenxenye yombuso.
Inkosi yabuye yathi ku -Esteri ngosuku lwesibili lwedili lewayini : Isicelo sakho siyini , nkosikazi Esteri , na? Uyakusenzelwa. Yini oyifunayo na ? Kuyakwenziwa kuze kube nenxenye yombuso.
Inkosi yayisithi ku -Esteri inkosikazi : AbaJuda babulele bac hitha abantu abangamakhulu ayisihlanu eShushani endlini yenkosi namadodana ayishumi kaHamani; pho, benzeni kwezinye izifunda zenkosi ? Isicelo sakho siyini ? Uyakusenzelwa. Yini oyifunayo na? Kuyakwenziwa.
Ngokuba usuku lukaJehova lusondel e ezizweni zonke ; njengokwenza kwakho kuyakwenziwa kanjalo kuwe ; izenzo zakho ziyakubuyela ekhanda lakho.
Inkosi iyakwenza njengentando yayo , iziphakamise, izikhulise phezu kwabo bonke onkulunkulu , ikhulume okumangalisayo ngoNkulunkulu wawonkulunkulu, ibe nenhlanhla luze luphelele ulaka, ngokuba okumisiweyo kuyakwenziwa.
umkamfowabo uyakufika kuye phambi kwamalunga , akhumule isicathulo onyaweni lwakhe , amkhafulele ebusweni bakhe , aphendule athi : Kuyakwenziwa kanjalo kumuntu ongayakhi indlu yomfowabo.
Thana: Ngiyisibonakaliso senu ; njengalokho ngenzile , kuyakwenziwa kanjalo kubo; bayakuya ekuthunjweni, baboshwe.
Lokhu kuyakwenziwa kuwe ngokuba ulandele abezizwe ngokufeba , wangcoliswa ngezithombe zabo.
Abaprofethi bayakuba ngumoya, akakho okhulumayo kubo; kuyakwenziwa kanjalo kubo.
UJona wayesephuma emzini, wahlala ngasempumalanga komuzi, wazenzela idokodo khona , wahlala phansi kwalo emthunzini , ukuze abone ukuthi kuyakwenziwa njani kuwo umuzi.
Uma umuntu elimaza umakhelwane wakhe , njengalokho enzile yena kuyakwenziwa kanjalo kuye,
kube ngukwaphuka ngokwaphuka , neso ngeso , nezinyo ngezinyo ; njengalokho elimazile umuntu, kanjalo kuyakwenziwa kuye.
Kuyakwenziwa kanjalo ngaleyo naleyo nkunzi , noma ngaleyo naleyo nqama, noma ngaleyo naleyo mvana yeduna, noma ngamazinyane ezimbuzi.