Skip to Content

"kuyena"

26 occurrences in ZUL

2 AmaKhosi 17:36

kepha uJehova owanikhuphula ezweni laseGibithe ngamandla amakhulu nangengalo eyeluliweyo yena niyakumesaba , kuyena niyakukhothamela , nimhlabele yena;

2 kwabaseKorinte 1:19

Ngokuba iNdodana kaNkulunkulu uKristu Jesu owashunyayelwa kini yithina, mina, noSilvanu, noThimothewu, wayengesiye uyebo kanye noqhabo, kepha kuyena kunguyebo.

2 kwabaseKorinte 1:20

Ngokuba noma izithembiso zikaNkulunkulu ziziningi kangakanani , kuyena zinguyebo, ngakho-ke ngaye zingu -Amen futhi , kudunyiswe uNkulunkulu ngathi.

2 kwabaseKorinte 5:21

Ongasazanga isono wamenza isono ngenxa yethu , ukuze kuyena senziwe sibe ngukulunga kukaNkulunkulu.

2 kwabaseKorinte 7:14

ngokuba uma ngake ngazincoma ngento kuyena ngani , angijabhiswanga; kepha njengokuba konke esakukhuluma kini kwakuyiqiniso, kanjalo nokuzibonga kwethu kuThithu kwaba yiqiniso.

2 uSamuweli 17:12

Sesiyakumfikela endaweni ethile lapho engatholakala khona , simehlele njengokuwela kwamazolo emhlabathini ; kuyena nabantu bonke abanaye asiyikushiya noyedwa.

AmaHubo 132:18

Izitha zalo ngiyakuzembesa ihlazo , kepha kuyena uqobo umqhele wakhe uyakukhazimula.

EkaJuda 1:24

Kepha kuyena onamandla okunilinda ukuba ningakhubeki, nimiswe phambi kwenkazimulo yakhe ningenasici, ninokuthokoza okukhulu,

IsAmbulo 5:13

Nakho konke okudaliweyo okusezulwini , nokusemhlabeni, naphansi komhlaba, naselwandle, nakho konke okukukho , ngakuzwa kuthi : Kuyena ohlezi esihlalweni sobukhos i nakulo iWundlu makube yisibusiso, nodumo, nenkazimulo, namandla kuze kube phakade naphakade.

KumaHeberu 3:2

owayethembeka kuyena owammisayo , njengoMose naye wayenjalo endlin i yakhe yonke.

KumaHeberu 5:7

owathi esenikele emihleni yenyama yakhe ngemikhuleko , nokunxusa, nokudazuluka okukhulu , nezinyembezi kuyena onamandla okumsindisa ekufeni, wezwiwa ngenxa yokumesaba uNkulunkulu.

Kwabase-Efesu 1:11

kuyena esabelwa futhi ifa kuye , esakumiselwa ngaphambili ngokwesimiso salowo osebenza izinto zonke ngokunquma kwentando yakhe,

Kwabase-Efesu 2:15

ngenyama yakhe ewenzile ize umthetho wemiyalo esezimisweni ukuba adale kuyena labo ababili babe muntu munye omusha, enze ukuthula,

KwabaseFilipi 3:9

ngifunyanwe kuyena , ngingenakho ukulunga okungokwami okuya ngomthetho ko dwa lokho okuya ngokukholwa nguKristu , ngisho ukulunga okuvela kuNkulunkulu ngokukholwa,

KwabaseRoma 14:14

Ngiyazi, nganelisiwe eNkosini uJesu , ukuthi akukho lutho oluyichilo ngokwalo; kepha kuye othi lubi, kuyena lubi.

U-Eksodusi 30:21

mabahlambe izandla zabo nezinyawo zabo ukuba bangafi , kube yisimiso esiphakade kubo, kuyena nakuyo inzalo yakhe ezizukulwaneni zabo. Amafutha angcwele okugcoba

U-Eksodusi 33:19

Wathi: Ngiyakudlulisa phambi kwakho ubuhle bami , ngilimemezele igama likaJehova phambi kwakho, ngibe nomusa kuyena engithanda ukuba nomusa kuye, ngibe nesihe kuyena engithanda ukuba nesihe kuye.

UDuteronomi 7:10

abaphindisele abamzondayo ebuswen i babo , ababhubhise; akayikulibala kuyena omzondayo, uyakumphindisela ebusweni bakhe.

UGenesise 18:18

U-Abrahama uyakuba yisizwe esikhulu, esinamandla; ziyakubusiswa kuyena izizwe zonke zomhlaba.

UGenesise 50:15

Sebebonile abafowabo bakaJosefa ukuthi uyise ufile , bathi: Mhlawumbe uJosefa uzakusizonda, asiphindisele nokusiphindisela konke okubi esakwenza kuyena.

UHabakuki 2:6

Bona abayikuphakamisa isaga nomfanekiso wemfumbe ngaye , bathi: Wo kuyena owandisa okungesikho okwakh e koze kube nini na ? -- nozisindisa ngezibambiso!

UJobe 12:13

Kuyena kukhona ukuhlakanipha namandla; unesu nokuqonda.

UJobe 1:12

Wathi uJehova kuSathane : Bheka, konke anakho kusesandleni sakho ; kuphela kuyena uqobo ungabeki isandla sakho . Wayesephuma uSathane ebusweni bukaJehova.

UJobe 35:6

Uma wona, wenzani kuye na ? Uma iziphambeko zakho ziziningi , wenzani kuyena na?

UZakariya 10:4

Kuyena kuyakuphuma itshe legumbi , kuyena isikhonkwane , kuyena umnsalo wempi, kuyena bonke ababusi kanyekanye.

UZakariya 3:4

Yathatha yasho kwababemi phambi kwayo , yathi: Mkhumuleni izingubo ezingcolileyo. Kuyena yathi : Bheka, ngidedisile kuwe ububi bakho ; ngiyakukwembathisa ezobukhosi.