Skip to Content

"kuyisikhathi"

11 occurrences in ZUL

1 uSamuweli 12:17

Angithi kuyisikhathi sokuvuna ukolweni namuhla na ? Ngiyakukhuleka kuJehova ukuba athume ukuduma nemvula , nazi, nibone ukuthi okubi kwenu enikwenzile emehlweni kaJehova ngokucela inkosi kukhulu.

2 kuThimothewu 4:2

Shumayela izwi, uqinise, noma kuyisikhathi noma kungesiso; sola, ukhuze, uyale ngakho konke ukubekezela nokufundisa.

AmaHubo 119:126

Kuyisikhathi sikaJehova sokusebenza , ngokuba bawenz ize umthetho wakho.

U-Amose 5:13

Ngalokho ohlakaniphileyo uyakuthula ngaleso sikhathi , ngokuba kuyisikhathi esibi lesi.

U-Ezra 10:13

Kepha abantu baningi , futhi kuyisikhathi semvula enkulu , asinakuma phandle, futhi lo msebenzi awusiwo walusuku lunye nowezimbili , ngokuba siphambukile kakhulu ngale ndaba.

UHagayi 1:4

Kuyisikhathi sokuba nihlale ezindlini zenu ezembesiweyo , le ndlu iseyize , na?

UHoseya 13:13

Imihelo yobelethayo iyakumehlela; uyindodana engahlakaniphile, ngokuba kuyisikhathi sokuba angemi lapho kuqhamuka abantwana.

UJeremiya 30:7

Maye, lukhulu lolo suku , alukho olunjengalo ! Kuyisikhathi sokuhlupheka kukaJakobe, kepha uyakusindiswa kukho.

UJeremiya 51:6

Balekani eBabele, yilowo nalowo akhulule ukuphila kwakhe, ninganqunywa ngokona kwalo , ngokuba kuyisikhathi sempindiselo kaJehova , uyakuliphindisela.

UMika 2:3

Ngalokho usho kanje uJehova, uthi: Bhekani, ngiceba okubi ngalo mndeni , eningayikukhipha kukho izintamo zenu ; futhi ningahambi ngokuzidla , ngokuba lokhu kuyisikhathi esibi.

UNumeri 13:20

nokuthi izwe linjani, noma livundile noma limpofu, noma linezinkuni noma qha. Yibani nesibindi, nibuye nezithelo zezwe . Kwase kuyisikhathi sezithelo zokuqala zomvini.